Isolezwe

Usobishini umfundi onikezwe u-R14m

- MCEBO MPUNGOSE NOMHLENGI SHANGASE

USENKINGEN­I umfundi waseWalter Sisulu University, eMthatha okungene ngephutha imali engu-R14.1 million kwi-akhawunti yakhe wasebenzis­a ngaphezulu kuka-R800 000 ethenga izidlo nezimpahla ezibizayo.

Umfundi kuthiwa bekumele afakelwe u-R1 400 wemali yesikhwama esixhasa abafundi, iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS) ezinyangen­i ezinhlanu ezedlule kodwa kwangena lezi zigidi okuthiwa ubechoma ngazo ngisho ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Inkampani eyenze iphutha yafaka lezi zindodla kwiakhawun­ti, i-Intellimal­i, ithe izomthathe­la izinyathel­o zomthetho njengoba engazange ayibikele ukuthi kungene izigidi.

Isikhulu sale nkampani, uMnuz Michael Ansell, sikhiphe isitatimen­de izolo ngemuva kokuba indaba yomfundi iphenduke indaba egudwini, sathi iphutha alibanga sesikhungw­eni noma esikhwamen­i esixhasa abafundi ngemali yokufunda kodwa libe kubona.

“Sibambe leli phutha ekuqaleni kwale nyanga sazisa inyuvesi kanti bese edle u-R818 000.

“Le mali yangena ngephutha ngoJuni njengoba kwakukhokh­elwa abafundi abangu-3 500 bakule nyuvesi abaxhaswa yiNSFAS.

“Kuyaqala eminyakeni engu-10 ukuthi kwenzeke iphutha elinje njengoba kule minyaka sesifake kuma-akhawunti imali engaphezul­u kuka-R5 billion yezincwadi nokudla kwabafundi,” kusho u-Ansell.

Uthe akekho omunye umfundi ogixabezwe ngalesi sizumbulu.

“Siyivalile i-akhawunti yomfundi ngoba siyaphenya. Sizomthath­ela izinyathel­o zomthetho,” kusho u-Ansell. Okhulumela inyuvesi, uNksz Yonela Tukwayo, ukuqinisek­isile ukuthi bayaphenya ngalesi sehlakalo. Uthe abafundi bakhalile ngempilo ebisiphilw­a yilo mfundi nangendlel­a abesaphaza ngayo imali. “Sizophenya ukuthi umfundi ukwazi kanjani ukuthenga ezinye izimpahla ngoba kulabo esisebenzi­sana nabo ukwazi ukuthenga izincwadi nokudla kuphela. “Sihlangani­le nomfundi THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. samazisa ukuthi kumele ayikhokhe le mali nokuthi izovalwa i-akhawunti yakhe,” kusho uNksz Tukwayo.

Okhulumela iNSFAS, uMnuz Kagisho Mamabolo, uthe babhalele inyuvesi befuna ukwazi ngaleli phutha.

“Inyuvesi kumele iphendule ngaleli phutha. Yona ithola imali kithina bese iyidlulise­la kubafundi isebenzisa­na nenkampani. Lokhu kuyizinkom­ba zokuthi kumele uhlelo lwethu i-sBux lwenabele nakwezinye izikhungo ezingu-18 kuleli,” kusho uMamabolo.

Uthe lolu hlelo selukhokhe­le abafundi abangu-80 000 ngaphandle kwezihibe selokhu lwaqala ngo2014.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa