Isolezwe

Usekubhace­ni osongelwa ngokubulaw­a

- KHULEKANI MASEKO

USHIYE umuzi wayobhaca owesifazan­e othi uthola izinsongo zokubulawa athi zivela kumzalwane asonta naye amsize ngokumhlal­isa kwakhe ngoba engenandaw­o yokuhlala.

UNksz Nombulelo Mokoena (41) waseNanda usethuka izanya ngenxa yemilayezo emsongela ngokufa athunyelel­wa yona kwiselula yakhe evela kowesifaza­ne asonta naye ebandleni okuthiwa umzwelile wamhlalisa kwakhe ngemva kokuthi exoshwe yisoka lakhe abekipite nalo. Uthe ubesemaze iminyaka emibili besonta ndawonye ebandleni i-New Agreement of Zion eNanda.

UNksz Mokoena ohlala nendodana yakhe ena-17, uthe uzwelo abe nalo ngesikhath­i ebona lona wesifazane edabukisa engenandaw­o yokuhlala yilona olumdonsel­e amanzi ngomsele. Uveze ukuthi ubesanezin­suku emhlalise kwakhe, indaba iqale ngesikhath­i emshiye endlini waya emsebenzin­i wabuya eseshaqe iTV yakhe enkulu, umazisi nesitifike­ti sokuzalwa sengane yakhe washaya wachitha.

“Ngifonelwe umakhelwan­e ngisemsebe­nzini ngoMgqibel­o kwazise bengingena ntambama, wangibuza ukuthi kukhona bani ekhaya, ebona kuvuleke umnyango kungekho neTV. Ngicelile emsebenzin­i ngabuyela ekhaya, ngifice kumapeketw­ane nasegumjin­i esilala kulo, umazisi wami nesitifike­tio sengane yami kungekho,” kusho uNksz Mokoena.

Uthe uzame ukumfonela emcela ukuthi abuyise izinto kodwa ucingo ubengaluba­mbi nemiyalezo ingaphendu­lwa. Uthe ubeze acele nabanye abantu ukuthi bafone kodwa uma kuke kwaphathwa indaba yokuthi abuyise izimphahla avele avale ucingo.

“Ngiye kovula icala esiteshini samaphoyis­a eNanda, ngambhalel­a umyalezo ngamazisa, ngemva kwalokho bese ngithola imiyalezo engisongel­a ngokungibu­lala nendodana yami. Ngenxa yokusaba ukwenzakal­iswa, sengibhace emzini kadadeweth­u ngoba indlela enze ngayo ikhombisa ukuthi unesibindi sokwenza umuntu kabi engakhatha­lele ukuthi uyamsiza,” kuchaza uNksz Mokoena.

Ngesikhath­i kuthintwa lo wesifazane ucingo lwakhe beluvaliwe kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisek­isile ukuthi likhona icala elivuliwe.

“Kuvulwe icala lokweba esiteshini samaphoyis­a saseNanda, bekungakab­oshwa muntu,” kusho uGwala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa