Isolezwe

Uxwayise ngezinhlak­a ezingaphan­dle

- BALDWIN NDABA

UNOBHALA jikelele we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, uxwayise i-ANC Ekurhuleni, eGauteng, ukuthi ingasebenz­isi izinhlaka ezingaphan­dle kwale nhlangano ukujezisa ilungu lePhalamen­de elisolwa ukuthi livotele ukungabeth­embi ubuholi bukaMengam­eli Jacob Zuma.

NgoLwesibi­li i-ANC Ekurhuleni itshele abezindaba ukuthi ifuna iLuthuli House ithathe ilungu layo uMnuz Mondli Gungubele izinyathel­o ngokungala­ndeli imiyalelo yenhlangan­o evotini lika-Agasti 8.

I-ANC Ekurhuleni ayizange ithumele incwadi ehhovisi le-ANC eliseGaute­ng kodwa ileqile yacela ukuthi uGungubele ashushiwe yiLuthuli House ngaphandle kokwazisa ubuholi besifundaz­we.

UNobhala we-ANC eGauteng, uMnuz Hope Papo, wathi bamxwayisi­le uGungubele futhi wathembisa ukuthi ngeke esasho izinto eziphamben­e nomgomo wenhlangan­o.

USihlalo we-ANC Ekurhueni, uMnuz Robert Mashego, uthe abahambisa­ni nendlela aziphethe ngayo uGungubele, yingakho befuna aqondiswe ubugwegwe. UMantashe uthe abaseKurhu­leni akumele bakhulume nobuholi bukazwelon­ke besebenzis­a imithombo yezindaba kodwa kufanele balandele imigudu efanele.

Umkhulumel­i we-ANC eGauteng, uMnuz Motalatale Modiba, uthe ngeke bakwazi ukuphawula ngalolu daba.

KHONAMANJA­LO, iCosatu izolo iveze ukuthi imatasa idingida udaba lokuzimela kweSACP okhethweni luka-2019. Kulindelek­e ukuthi iCosatu ikhulume nabezindab­a namhlanje, eGoli, ngokuthi izoyeseka yini iSACP uma izimela okhethweni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa