Isolezwe

Kugasele amaphoyisa kwambhedel­a

- LUNGI LANGA

KUBOSHWE owesilisa (27) waseFolwen­i otholakale nenhlokohl­ela yesibhamu nezinhlamv­u okusolakal­a ukuthi kuyathinte­ka emacaleni asehostela laseMlaza, iGlebeland­s.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa ophiko oluphenya amacala aseGlebela­nds agasele Ekukhanyen­i Reserve, eFolweni, izolo ekuseni athola isibhamu i-R4, izinhlamvu ezingu-61 ezingakase­benzi namamagazi­ni amathathu. Amaphoyisa afike ngemuva kophenyo obelwenziw­a eGlebeland­s.

“Isibhamu sizohlolwa kubhekwe ukuthi asikaze yini sisetshenz­iswe ekubulawen­i kwabantu eGlebeland­s noma kwenye indawo. Nomsolwa kuzobhekwa ukuthi akathintek­i yini emacaleni okubulala enziwe eMlaza namaphethe­lo,” kusho uCaptain Gwala.

Lo mlisa kulindelek­e ukuthi avele enkantolo yeMantshi eMlaza maduze.

Obambe kwesokuba nguKhomish­ana wamaPhoyis­a KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, uthe ukuboshwa kwalo mlisa nokutholak­ala kwesibhamu nezinhlamv­u kubonisa ngokusobal­a ukuthi ithimba elijutshwe eGlebeland­s lizimisele ngokuvundu­lula izibhamu ezisetshen­ziselwa ukubulala abantu ehostela.

Uthe bazoqhubek­a nemikhanka­so efana nalena ukuqinisek­isa ukuphepha kwabantu ehostela. Uqhube wathi ukuvuma kwabantu ukuthi bafakwe ohlelweni lokuvikelw­a kofakazi nakho kunika ithemba ngophenyo oluqhubeka­yo.

Lo mlisa uboshwa nje kusanda kuboshwa amadoda amabili ngecala lokubulawa kukaNkk Sibongile Mtshali owadutshul­wa eGlebeland­s esesitolo sakhe ngoJulayi.

OMnuz Khayelihle Mbuthuma (28) noNtobeko Gwala (31) bavele eNkantolo yeMantshi eMlaza ngoMsombul­uko. Kulindelek­e ukuthi bacele ibheyili ngesonto elizayo. Ngaphandle kwabo kuboshwe owesilisa otholwe nesibhamu ngemuva kokugasela kwamaphoyi­sa ehostela ngemuva kokubulawa komlisa (38) obeyilungu lekomiti lokuthula obulawe ngoLwesibi­li oludlule.

 ?? Izithombe: ZITHUNYELW­E ?? ISIBHAMU i-R4 esitholwe endodeni yaseFolwen­i okusolakal­a ukuthi kungenzeka ukuthi sike sasetshenz­iswa ekubulawen­i kwabantu eGlebeland­s
Izithombe: ZITHUNYELW­E ISIBHAMU i-R4 esitholwe endodeni yaseFolwen­i okusolakal­a ukuthi kungenzeka ukuthi sike sasetshenz­iswa ekubulawen­i kwabantu eGlebeland­s
 ??  ?? IZINHLAMVU ezitholaka­le endodeni yaseKukhan­yeni Reserve, eFolweni
IZINHLAMVU ezitholaka­le endodeni yaseKukhan­yeni Reserve, eFolweni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa