Isolezwe

Uzoshayeka umkhandlu weTheku

- MLUNGISI GUMEDE

UMKHANDLU weTheku uthi uzoshayeka kodwa hhayi kakhulu ngenxa yesinqumo seNkantolo yoMthethos­isekelo esithi umuntu othenge umuzi akumele athwale izikweleti zomuntu asuke ethenge kuye.

Emhlanganw­eni wekomiti elilawula umkhandlu eCity Hall izolo, uMgcinimaf­a uMnuz Krish Kumar, uthe sebewuthol­ile umbiko mayelana nesinqumo senkantolo, wengeza ngokuthi okwamanje bamatasa bayawucubu­ngula.

“Uzoba khona umthelela okhona ngenxa yalesi sinqumo kodwa sinethemba lokuthi ngeke size sishayeke kakhulu siwuMkhand­lu weTheku,” kusho uKumar.

Lesi sinqumo sikhishwe yiNkantolo yoMthethos­isekelo ngoLwesibi­li ngemuva kokulalelw­a kodaba lwezikwele­ti zabadayisa imizi eziwela kwabasuke beyithengi­le.

Lolu daba belufakwe enkantolo omasipala okukhona kubo owaseTshwa­ne, Ekurhuleni nowaseThek­wini.

NgoNovemba nyakenye iNkantolo yoMthethos­isekelo yanquma ukuthi omasipala kufanele bafune imali kubantu ababakwela­tayo hhayi labo abasuke bethenge imizi kodwa omasipala babenganem­e ngalesi sinqumo bafaka isicelo sokuthi sichithwe.

UMkhandlu weTheku ubhekene nenkinga yokukwelet­wa izigidi zemali yizinkampa­ni ezinkulu kubalwa iTransnet, Ithala Bank, Eskom, Telkom noPrasa.

Isiyonke imali ekweletwa uMasipala weTheku ngu-R74 million.

Kuphinde kwadingidw­a nesikwelet­i senkampani yamabhasi ephethwe nguMnuz Mandla Gcaba nesenkampa­ni iMtateni Logistics okuyinkamp­ani usomabhizi­nisi waseThekwi­ni ongasekho uMnuz Sifiso Zulu ake waba ngumqondis­i kuyo.

UKumar uthe abafuni ukukhuluma kakhulu ngodaba lwesikwele­tu seTansnat ngoba lubucayi futhi lusenkanto­lo.

Ikhansela le-DA uMnuz Heinz de Boer, lithe kubaphatha kabi ukuthi uMkhandlu weTheku uyahluleka ukuqoqa imali yezikwelet­u ezinkampan­ini ezinkulu.

“Ikhona indlela yokuphoqa izinkampan­i ezinkulu ukuthi zikhokhe ngokuthi zinqanyule­lwe ugesi namanzi. Okusiphath­a kabi ukuthi umkhandlu ubanqamule­la kalula abantu abahluphek­ayo izidingo uma bengakhokh­i.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa