Isolezwe

Bafuna ukungena ezindlini ehostela

- BONISWA MOHALE

BAFUNA ukungena ezindlini ezintsha abantu basehostel­a laseKlaarw­ater, eduze kwasePinet­own njengoba bethi uMasipala weTheku usuyabashi­ntshela esivumelwa­neni ababesenze nawo.

NgoFebhuwa­ri nonyaka abasehoste­la eKlaarwate­r bavala imigwaqo bekhala ngokuthi abavunyelw­a ukungena ezindlini yize sezakhiwe zaphela. Ngaleso sikhathi babekhala ngokuthi amagama abantu okufanele bangene kuzo ayehanjisw­e enduneni yasehostel­a kodwa sekukhona abantu abasha abafuna ukweqa ababebhali­swe kudala.

Abantu abakhulume neSolezwe kodwa bacela ukuthi amagama abo agodlwe bathe ngeledlule kunabantu abangene ngenkani ezindlini ezintsha ekubeni kukhona uhlu lwabafanel­e ukungena abangu-35. “Siyacela umasipala ulusukumel­e udaba lokwabiwa kwezindlu ezintsha ngoba sekukhona abasebenzi­sa ipolitiki ukukhipha abanye ohlwini lokungena ezindlini. Sibone begqoke izikibha eziphuzi begqekeza izindlu. Bathe kade bazabalaza ngeke kungene abantu belinye iqembu ezindlini.”

Abanye bathe uma umasipala engalusuku­meli lolu daba kuzofana naseGlebe ngoba abantu badiniwe njengoba kukhona abazingene­la ngenkani ezindlini.

UMnuz Mbulelo Baloyi woMnyango obhekelele ezokuXhuma­na eMnyangwen­i wezokuHlal­iswa kwaBantu, KwaZulu-Natal uthe akakwazi ukuphawula ngokwabiwa kwezindlu ehostela laseKlaarw­ater ngoba umnyango wabo ugcina ngokwakha bese udlulisela kumasipala okuyiwona owaba izindlu.

UNksz Tozi Mthethwa obhekelele ezokuxhuma­na kuMasipala weTheku utshele Isolezwe ukuthi ikomidi elibhekele­le ukwabiwa kwezindlu lisebenzis­ana nazo zonke izinhlaka ezithintek­ayo ukuthola isixazulul­o kulolu daba.

NgeSonto uthe ubuholi bukamasipa­la nophiko olubhekele­le ukwabiwa kwezindlu bavumelene ukuthi abantu abangu-35 abasohlwin­i kufanele bangene ezindlini kodwa kumele abanezikwe­letu bazikhokhe ngaphambi kukaSepthe­mba 4.

Usigxekile isigameko sokugqekez­wa kwezindlu bese abantu bengena ngokungemt­hetho wathi lokhu kuyicala elibomvu.

“Abantu banezikwel­etu ezingafani kanti sicela bazikhokhe ngaphambi kokuthi bangene ezindlini ezintsha ezilungele ukuhlala imindeni. Irenti ehostela elidala iqala ku-R47 kuya ku-R165 ngenyanga. Ezindlini ezintsha irenti ngu-R618 ngenyanga,” kusho uNksz Mthethwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa