Bafuna ukungena ezindlini ehostela
BAFUNA ukungena ezindlini ezintsha abantu basehostela laseKlaarwater, eduze kwasePinetown njengoba bethi uMasipala weTheku usuyabashintshela esivumelwaneni ababesenze nawo.
NgoFebhuwari nonyaka abasehostela eKlaarwater bavala imigwaqo bekhala ngokuthi abavunyelwa ukungena ezindlini yize sezakhiwe zaphela. Ngaleso sikhathi babekhala ngokuthi amagama abantu okufanele bangene kuzo ayehanjiswe enduneni yasehostela kodwa sekukhona abantu abasha abafuna ukweqa ababebhaliswe kudala.
Abantu abakhulume neSolezwe kodwa bacela ukuthi amagama abo agodlwe bathe ngeledlule kunabantu abangene ngenkani ezindlini ezintsha ekubeni kukhona uhlu lwabafanele ukungena abangu-35. “Siyacela umasipala ulusukumele udaba lokwabiwa kwezindlu ezintsha ngoba sekukhona abasebenzisa ipolitiki ukukhipha abanye ohlwini lokungena ezindlini. Sibone begqoke izikibha eziphuzi begqekeza izindlu. Bathe kade bazabalaza ngeke kungene abantu belinye iqembu ezindlini.”
Abanye bathe uma umasipala engalusukumeli lolu daba kuzofana naseGlebe ngoba abantu badiniwe njengoba kukhona abazingenela ngenkani ezindlini.
UMnuz Mbulelo Baloyi woMnyango obhekelele ezokuXhumana eMnyangweni wezokuHlaliswa kwaBantu, KwaZulu-Natal uthe akakwazi ukuphawula ngokwabiwa kwezindlu ehostela laseKlaarwater ngoba umnyango wabo ugcina ngokwakha bese udlulisela kumasipala okuyiwona owaba izindlu.
UNksz Tozi Mthethwa obhekelele ezokuxhumana kuMasipala weTheku utshele Isolezwe ukuthi ikomidi elibhekelele ukwabiwa kwezindlu lisebenzisana nazo zonke izinhlaka ezithintekayo ukuthola isixazululo kulolu daba.
NgeSonto uthe ubuholi bukamasipala nophiko olubhekelele ukwabiwa kwezindlu bavumelene ukuthi abantu abangu-35 abasohlwini kufanele bangene ezindlini kodwa kumele abanezikweletu bazikhokhe ngaphambi kukaSepthemba 4.
Usigxekile isigameko sokugqekezwa kwezindlu bese abantu bengena ngokungemthetho wathi lokhu kuyicala elibomvu.
“Abantu banezikweletu ezingafani kanti sicela bazikhokhe ngaphambi kokuthi bangene ezindlini ezintsha ezilungele ukuhlala imindeni. Irenti ehostela elidala iqala ku-R47 kuya ku-R165 ngenyanga. Ezindlini ezintsha irenti ngu-R618 ngenyanga,” kusho uNksz Mthethwa.