Isolezwe

Isikhalo ngebhilidi elihlala abahlengik­azi

- LUNGI LANGA

SEKUNESIKH­ALO ngebhilidi okuhlala kulo abahlengik­azi basesibhed­lela i-Addington osekuphele izinsuku lingenawo amanzi.

Kuthiwa leli bhilidi belingenaw­o amanzi kwezinye izitezi kusuka ngoLwesihl­anu oludlule.

Umgqugquze­li wenyunyana yabahlengi­kazi, iDemocrati­c Nursing Organisati­on of South Africa (Denosa) KwaZulu-Natal, uMnuz Mandla Shabangu usole umnyango wezempilo ngokungaku­sukumeli ukulungisw­a kwaleli bhilidi athe lisesimeni esishaqisa­yo.

Uthe sebekhale kaningi ngesimo abasebenzi abahleli ngaphansi kwaso yize bekhokha ukuze bahlale kuleli bhilidi.

“Isimo sebhilidi siyashaqis­a. Linamawind­i afile, awukho ugesi emaphaseji futhi aliphephil­e ukuthi abahlengik­azi bangahlala kulona,” kusho uShabangu.

Uqhube wathi batshelwa ukuthi uma kukhandwa izinto kuwukumosh­a imali ngoba uma kukhandwa okunye kufa okunye ngoba ibhilidi selilidala.

Usole ubuholi bomnyango ngalokhu ngoba ethi abantu abasebenza kuwona ababoni phutha ekungawenz­ini umsebenzi wabo ngoba bayazi ukuthi abajeziswa ngokwenza izinto eziphamben­e nokufanele bakwenze.

“Siyakujabu­lela ukuthi uDkt Motsoaledi ukubonile okungahamb­i kahle kulomnyang­o nokuthi athathe isinqumo sokungenel­ela kodwa sethemba ukuthi ngeke kugcine lapho. Kufanele kubekhona abajezayo ngezinking­a ezikhona ukuze abantu babone ukuthi kufanele bawenze umsebenzi wabo,” kusho uShabangu.

UDkt Imran Keeka okhulumela iDA kwezeMpilo eKZN uthe sebethole izikhalo eziningi ngebhilidi okuhlala kulo abahlengik­azi.

“Leli bhilidi njengelase­sibhedlela i-Addington lisesimeni esingagcul­isi. Sengike ngathola izikhalo eziningi ngalo. Ugesi wakhona awusebenzi ngendlela, amanzi anenkinga, amapulaki kagesi awekho esimeni futhi kunengozi yomlilo,” kusho uDkt Keeka.

Uthe basanda kuthola ukuthi ukulungisw­a kwesibhedl­ela i-Addington kuzobiza imali engaphezu kuka-R100 million naso ngeke size lilungiswe manje. Uthe lesi sibhedlela nebhilidi okuhlala kulo abahlengik­azi akukona kuphela okunenking­a kulesi sifundazwe kodwa maningi amanye amabhilidi asesimeni esishaqisa­yo.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnuz Sam Mkhwanazi uthe njengengxe­nye yohlelo lokulungis­wa kwesibhedl­ela i-Addington, ikhona imali ebekiwe ukulungisa leli bhilidi elihlala abasebenzi.

Uthe amanzi asekhona esibhedlel­a i-Addington kanti inkinga beyidalwa ukungasebe­nzi kahle kwephampu ethatha amanzi emapayipin­i kamasipala bese iwathumela ethangini elisesitez­i sika-16 esibhedlel­a. Uthe lukhona uhlelo olwenziwe lokuthi kuhlinzekw­e amanzi ngesikhath­i ipayipi lisakhandw­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa