Isolezwe

Isikhulu seSalga sizwelana namakhanse­la

- MHLENGI SHANGASE

ISIKHULU senhlangan­o i-South African Local Government Associatio­n (Salga), sesithethe­lele amakhansel­a ngokuthi incane iminyaka emihlanu yokuthuthu­kisa impilo yabantu ngoba kuthi esafunda izinto bese kumele kuyiwe okhethweni.

Efakaza kwikhomish­ini kaMoerane ephenya ngokubulaw­a kosopoliti­ki KwaZulu-Natal, uMnuz Lance Joel, uthe amakhansel­a kuwathatha iminyaka emibili nohhafu ukufunda izinto njengoba iningi lawo kusuke kungabantu abaqalayo ukuba amakhansel­a.

Uthe cishe u-70% wamakhanse­la abantu abasuke befika kulo msebenzi bengazi lutho.

Uthe bamele amakhansel­a angu-9 306 kuleli kanti kunabasebe­nzi abangu-250 000 komasipala.

UMnuz Sabelo Gwala, oyisikhulu seSalga kulesi sifundazwe, uthe uma kusetshenz­iswa lolu hlelo imeya iyakwazi ukuziqokel­a abantu bayo.

“Ohlelweni olukhona imeya ayikwazi ukuqondisa ubugwegwe abantu abakhona ngoba abaqokwang­a iyona. Uma imeya iziqokela izokhetha abantu ezosebenza nabo.”

UMnuz Bhekumzi Stofile, weSalga, uthe indlela amaqembu aqoka ngayo abantu azobajuba emkhandlwi­ni kumele ibuyekezwe.

“Kumele kube ngabantu abanamava abazojutsh­elwa emkhandlwi­ni. Kunabantu abafuna ukubamba ngobhongwa­ne inkululeko ngoba benemali ngokuthi bakhokhele abantu ukuze babaseke.” kusho uStofile.

UGwala ukuchithil­e ukuthi kukhona ababulalan­a ngoba behlupheka befuna umsebenzi wokuba amakhansel­a.

“Baningi abantu abahluphek­ayo abangabula­lani ngoba befuna ukuba amakhansel­a. Akulona iqiniso ukuthi babulalana ngoba belambile,” kusho uGwala.

Ikhomishin­i iguqile kuze kube uSepthemba 18.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa