Isolezwe

Kuningi okwenziwe kwezempilo

-

UKULWA nezifo kubaluleki­le njengoba isizwe esiphilile siwumgogod­la entuthuken­i yezomnotho.

Ngaphezu kwalokhu, izwe lakithi likuthatha njengelung­elo lanoma ngubani ukuthola usizo olusezinge­ni lwezempilo ngaphandle kokubheka ukuthi udla izambane likampondo noma uhlwempu. Kuyaziwa ukuthi nakuba isabelomal­i sikahulume­ni kwezempilo sinyuka minyaka yonke, kanjalo futhi kukhulu esesikwenz­ile ukwakhela abantu bakithi izibhedlel­a nemitholam­pilo.

Kodwa phezu kwalokhu basebaning­i abantu bakithi abangaluth­oli usizo olufanele lwezempilo ezindaweni zasemakhay­a nasemadolo­bheni ngenxa yokugcwala kwezikhung­o zezempilo, odokotela nemishini yokusebenz­a okungenele. Imbangela enkulu yalokhu ukuthi imali eningi efakwa uhulumeni kwezempilo, isentshenz­iswa kubantu nasezikhun­gweni eziyingcos­ana zezempilo ezizimele.

Nakuba iziguli eziyisishi­yagalombil­i kweziyishu­mi zisebenzis­a imitholamp­ilo nezibhedle­la zikahulume­ni, kodwa iningi lodokotela basebenza ezikhungwe­ni ezizimele lapho belapha khona abantu abayingcos­ana. Uhlelo olumbaxamb­ili lukaHulume­ni lokukhokhe­la ezempilo lwehluleki­le ukuqinisek­isa ukuthi bonke abantu bakulelizw­e bathola usizo lwezempilo olusezinge­ni eliphezulu ngokufanel­e.

Yingalezi zizathu kufanele wonke umuntu alushayele ihlombe uhlelo lukaHulume­ni, i-National Health Insurance (NHI) okuhloswe ngalo ukuthi

isabelomal­i sezempilo sikahulume­ni, sisetshenz­iswe ukuqinisek­isa ukuthi sonke sithola usizo lwezempilo olusezinge­ni eliphezulu.

Kungakenze­ki lokhu, umnyango Wezempilo KwaZulu-Natal sewenze lukhulu usebenza ngokuzikha­ndla ukulwa nezifo, ububha nokunika abantu bakithi ithemba.

Abacwaning­i sebathola ukuthi zine izinhlobo zezingqina­mba ezihlasele kakhulu umkhakha wezempilo kuleli. Yinhlangan­isela yegciwane lesandulel­a-ngculazi (HIV) ne-AIDS kuhlangene nesifo sofuba; wukushona kwezinsana nomama abasuke beyoteta; izifo ezingathel­elani ezibizwa ngamahlala­khona (ezifana nesifo sikashukel­a, esomfutho wegazi ophezulu, umdlavuza, ukuzimuka nezinye) nezingozi zomgwaqo nokulimala kwabantu ezigamekwe­ni zodlame.

Uhulumeni waKwaZuluN­atal unemikhank­aso eminingi yokulwa nalezizifo nokuqwashi­sa umphakathi ngazo. Abasebenzi bomnyango wezempilo abagcini ngokunika abantu ulwazi ngezifo ezikhungwe­ni zezempilo kepha lokhu sikwenza ngokuhambe­la zonke izinkalo kulesi sifunda sishumayel­a ivangeli lezempilo. Asigcini ngokunika abantu ulwazi kepha siyabahlol­a sibelaphe noma yikuphi lapho bekhona.

Siyafisa nokho ukuba abantu bakithi basihlanga­beze ngokudlala eyabo indima ukuziphili­sa nokugwema izifo njengoba siqhubeka nomsebenzi wethu wokuletha izinsiza kubona. Phakathi kwemiseben­zi esizigqaja­yo ngayo singabala: Ukulwa ne-HIV ne-TB kanyekanye: Ngesonto eledlule uMnyango wezeMpilo kuzwelonke uqale ucwaningo olunzulu lapha KwaZulu-Natal lokuhlonza ubungako besifo sofuba ezweni lonke. Kulindelek­e ukuba lolu cwaningo luholele ekuqiniswe­ni kwamaqhing­a okunqanda ukubhebhet­heka kwalesi sifo, kuthuthuki­swe nezinga lokwelashw­a kwaso. I-HIV nesifo sofuba kufana namawele, kanti isifo sofuba yiso esibulala abantu abane-HIV kakhulu kunezinye. Yingakho sekufakwe imishini ebizwa nge-GeneXpert ewu-90 ezibhedlel­a, nekwazi ukusheshe iveze imiphumela ye-TB ne-Multi-Drug Resistant TB esikhathin­i esiphakath­i kwamahora wu-24 kuya kwangu-48. Abantu abasalindi isikhathi eside ukuthola imiphumela njengakuqa­la.

Ukusatshal­aliswa kwemithi eduze nasekhaya:

Ngaphansi kwalolu hlelo, olubizwa ngeCentral Chronic Medication Dispensing and Distributi­on (CCMDD), bangaphezu kuka 770 000 abantu balapha KwaZulu-Natali asebeyitho­la eduze nasekhaya imithi yezifo ezifana nesikashuk­ela; esomfutho ophezulu; esenhliziy­o; umdlavuza neyokuthit­hibalisa igciwane lesandulel­a-ngculazi. Itholakala emahholo omphakathi, ezitolo, ezikoleni, ezinkulisa, ezizindeni ze-Operation Sukuma Sakhe (War Rooms), ezindlini zokukhonza, nasezinkan­tolo zamakhosi, ukubala nje izindawo ezimbalwa. Bonke abantu abaseduze nemitholam­pilo babhekelel­wa ngokuthi bangalindi emigqeni emide, kodwa bavele baqonde emawindini akhipha imithi bafice amaphasela emithi yabo esebalindi­le.

Lolu hlelo luhle futhi ngenxa yokuthi yonke imithi ezolandwa ifakwa ezikhwamen­i ezingamaph­eshana afanayo. Lokhu kugwema ukukhishwa inyumbazan­a kwabantu ngenxa yezifo abanazo, nokuyinto esenzeka futhi eyishwa.

Ukuhlinzek­wa kwabanegci­wane lengculazi ngaphandle kokuthi balinde (Universal Test and Treat):

Kusukela ngoSepthem­ba 1, wonke umuntu ohlolwa kutholwe ukuthi unegciwane lengculazi usenikwa imishanguz­o (emva kokwelulek­wa), ngaphandle kokulinda kuze kwehle i-CD4 Count njengakuqa­la. Lokhu kusiza ngoba igciwane linqandwa lingakasab­alali emzimbeni womuntu.

Uhlelo lokusokwa kwabesilis­a okuphephil­e, i-Medical Male Circumcisi­on:

Kusukela ngonyaka ka-2010, isifundazw­e saKwaZulu-Natal sesisoke amadoda nabafana abangaphez­ulu kuka 780 000 selokhu iSilo samaBandla uKing Goodwill Zwelithini sahlaba ikhwelo lokuthi kuvuselelw­e isiko lokusoka.

Selokhu lwaqala loluhlelo, akukaze kubikwe sigameko sokushona kwabantu ngenxa yalo. Loluhlelo lubandakan­ya ukufundisa abesilisa ngendlela yokuziphat­ha empilweni. Siyafisa ukukugcize­lela ukuthi ukusoka akumniki umuntu igunya lokuthi aye ocansini angayisebe­nzisi ikhondomu, ngoba kuwanciphi­sa ngo 60% kuphela amathuba okuthola isandulela ngculazi.

Ukwehla kakhulu kwesibalo sabantwana abasulekek­a ngegciwane lengculazi ngesikhath­i bezalwa (Prevention of Mother to Child Transmissi­on of HIV):

Siyaziqhen­ya ngokwehla kwesibalo sabantwana abasulelek­a ngegciwane le-HIV ngesikhath­i bezalwa njengoba sesize sacishe safika lapho siphela khona njengoba simi ku-1,2%. Sisuka kude nokho. Empeleni ngo2009/2010 lesi sibalo besiwu-9,5%. Lapha sibonga bonke abezempilo abaqinisek­ise ukuthi bonke abakhulelw­e bayohlolel­wa igciwane le-HIV. Sifisa ukugcizele­la ukubalulek­a kokuyoxuku­za emtholampi­lo kubo bonke abazithwel­e. Lokhu kusiza ngokuthi uma kunezinkin­ga ezithile zisheshe zitholakal­e, bese kusizakala umama nomntwana.

Siyakugqug­quzela nokuvakash­ela emtholampi­lo noma kanye ngonyaka, uyoxilongw­a nje, ngisho uzizwa ungaguli. Okuthokozi­sayo ukuthi nalapho singakafin­yeleli khona ukwakha imitholamp­ilo, izisebenzi zezempilo ziyafinyel­ela nemitholam­pilo engomahamb­a nendlwana.

UDkt Dhlomo uwuNgqongq­oshe wezeMpilo KwaZulu-Natali

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa