Intuthuko yezindlu ebiza izigidigidi eThekwini
ZIYANDA izindlu ezibiza izigidi eNyakatho yeTheku njengoba sekunenye intuthuko ka-R3.4 billion ebizwa nge-Enigma Private Estate.
Le ntuthuko ezoba nezindlu ezingu-90 ezibiza u-R3.5 million indlu eyodwa iyingxenye yezinye izindlu zomtakabani esezakhiwe eMhlanga.
Ngokusho kwabathuthukisa lendawo, uMhlanga usuhehe imali engaphezu kuka-R20 billion ngentuthuko ehlukene eyenzekayo.
I-Enigma Estate kulindeleke ukuthi ingenise ngaphezu kuka-R870 million emnothweni weTheku ozongena ngokukhokhwa kwama-rates ngabantu abahlala khona.
UMnuz Stefan Botha wenkampani yezokukhangisa ebhekelele intuthuko eyenzeka eMhlanga nakwezinye izindawo eThekwini, uthe uMhlanga yindawo enezindlu ezibizayo namahhotela kanokusho.
“Sibona izikhulu zithenga imizi eThekwini ngenxa yokuthi iseduze kolwandle futhi isezindaweni eziphephile. Entuthukweni ye-Enigma Private Estate kunezikhulu ezithengile nakuyona, sekudayise u-60% wezindlu njengoba iqale ukukhangiswa ezinyangeni ezintathu ezidlule,” kusho uBotha.
Uthe okwenza izikhulu zithande ukutshala imali yazo eMhlanga wukuthi unamahhovisi ezinkampani ezinkulu, unenxanxathela yezitolo enkulukazi e-Afrika iGateway kanti nolwandle lwenza le ndawo ibe yintandokazi.
Uthe ngonyaka ozayo uMhlanga uzobe usubukeka ngenye indlela kwazise kuzophela intuthuko yebhuloho elibizwa ngoMhlanga Interchange.
Kuzophinde kuphele intuthuko ebizwa ngeMhlanga Arch ebiza u-R600 million.
Uthe izinxanxathela zezitolo zizobakhona zihlanganisa nenye ebizwa ngePearls Malls eyakhiwe no-R3 billion ehambisana nentuthuko kamacaphunakusale waseThekwini uMnuz Vivian Reddy ebizwa nge-Oceans Umhlanga edle u-R3.1 billion.