UBen 10 ongikhulelisile usethandana nomngani wami
EZOTHANDO
UMBUZO: Ngihlala nesoka lami nabantwana bethu ababili. Uthando ebengimthanda ngalo alusafani, kubangelwa wukunganaki kwakhe izidingo zendlu. Yimina okumele ngibone ukuthi konke kuhamba kahle endlini. Yena uthenga ukudla nje kuphela kodwa uhleze enemali yokuphuma nabangani nokuthenga izimpahla ezibizayo. Ngisanda kuthola ukuthi akabakhokhelile abantwana bethu esikoleni, bengazi ukuthi uyabakhokhela abantwana. Ngizimisele ngokuqoqa konke okungokwami ngihambe. Ngikhathele omakhelwane bekhuluma ngathi ngoba akekho ongazi ukuthi umuzi wethu umiswe yimina. Lokhu sekwenza kungabi kuhle endlini.
Thokozani, KwaDabeka Impendulo:
Kubalulekile ukuthi ulazise isoka lakho ngezidingo zekhaya ofisa zibhekwe ilona licacewe. Enye indlela engaba lula wukuthi imali liyiilethe kuwena leyo eyanele izidingo zakhe zasendlini ukuze kube nguwena oyicazela izidingo zasekhaya. Kodwa kuzobaluleka nokuthi kube khona okuncane elisala nakho okungokwalo kwephakethe. Sibona kukuhle ukuthi nibonane nomuntu wesithathu ozonicebisa maqondana nokuphathwa kwezezimali. Umbuzo:
Ngithandana nowesilisa engimdlula ngeminyaka emihlanu. Ngisanda kumazisa ukuthi ngikhulelwe okuyinto ekade wayifuna. Okubuhlungu wukuthi ngiqeda kuthola ukuthi usethandana nomngani wami kanti naye umngani useyazifela ngaye. Isoka lami selingitshela nokuthi akulula ukushiya umngani wami. Kunzima ukukholwa ukuthi umngani wami ochitha umuzi wami ngale ndlela. Angazi nokuthi ngiqale kuphi.
Vuyo, eKokstad Impendulo:
Qoqa impilo yakho Vuyo. Kunengane ezayo nekudinga uphelele. Awunasoka, futhi awunamngane. Phuma nje kubo bobabili ngoba bafanelene. Siyazi ukuthi kubuhlungu kodwa ngeke wenze umuntu akuthande ngenkani. Lokhu okwenziwa yisoka lakho nomngani wakho akukuhle neze kanti awubadingi abantu abangathembekile nabangenayo inhlonipho empilweni yakho. Ukhona ozomthola futhi ozokuphatha ngendlela okumele uphathwe ngayo. Ufanelwe ukwenza amalungiselelo engane ezayo. Noma kubuhlungu, kufanele uhlale nobaba wengane nithathe izinqumo maqondana nokunakekelwa kwengane. Uma kunzima ukuhlala phansi naye, hlangana nenkantolo ezomphoqa ngokomthetho. Sikhuthaza futhi ukuthi uhlale phansi nabakini ukuze banqume ukuthi kuzokwenzeka kanjani ngokwenqubo yesintu sakini. Umbuzo:
Ngineminyaka ewu-48 ngithandana nowesilisa ona55. Unegciwane lengculazi kanti mina anginalo. Ngimthanda noma kunjalo. Sobabili sinabantwana esabathola ngaphambi kokuthi sihlangane. Iyodwa nje vo into engikhathazayo. Ubhuti akadidekeli nhlobo ekukhulumeni ngomshado. Side kabi isikhathi sindawonye. Sekumele ngabe sekukhona akukhulumayo. Ngenzenjani ukuze sibemqondo munye? Ngibona sengathi imina ngedwa nje ofuna ukushada, yena uzithulele nje. Ntombizodwa, eManzimtoti Impendulo:
Inzima indaba yokushada ngoba nobabili kumele nikulungele ukushada. Ngendlela okubukeka ngayo ingathi wena usukulungele kodwa yena akakafiki lapho. Njengoba usushilo ukuthi unegciwane lengculazi, kungenzeka ukuthi noma ethanda ukukushada kodwa uyesaba. Kubaluleke ukukhulumisana ngezinjongo zenu njengabantu abathandanayo, ukuze nazane ukuthi omunye nomunye ufunani ngempilo yakhe. Isoka lakho kuhle ukuthi uqhubeke nokulazisa ukuthi ulithnda noma liphila negciwane lengculazi futhi awunankinga naye. Asikho isidingo sokuthi azenyeze uma kuwukuthi kunjalo. Umbuzo:
Nginabantwana ababili engibathole ngaphambi kokuhlangana nomyeni wami. Manje ngikhulelwe umntwana wokuqala emshadweni. Angizimisele ukuba nabanye abantwana emshadweni ngoba sengineminyaka engaphezu kuka-40. Asiboni ngaso linye nomyeni wami ngoba yena usafuna sibe nabantwana ababili emshwadweni, okuzochaza ukuthi sengizoba nabantwana abane uma sengibala nalaba bangaphandle. Angizimisele ukuphinda ngikhulelwe. Ngibona sebanele laba esinabo. Ngabe ngiyona yini uma ngimziba ngendaba yomntwana?
Nokuzola, eHarding Impendulo:
Lezi ngezinye zezinto ezibalulekile ukukhulunywa ngaphambi komshado. Baningi abasifazene abathola abantwana noma sebengaphezulu kweminyaka engu-40. Sibona kukuhle nikhulume, nivulelane izifuba nomyeni wakho ngalolu daba. Uma nivumelana ngokuthola omunye umntwana singakugqugquzela ukuthi ubone udokotela ukuze aniluleke kangcono ngokuthola abantwana senikhulile.