Isolezwe

UBen 10 ongikhulel­isile usethandan­a nomngani wami

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Ngihlala nesoka lami nabantwana bethu ababili. Uthando ebengimtha­nda ngalo alusafani, kubangelwa wukunganak­i kwakhe izidingo zendlu. Yimina okumele ngibone ukuthi konke kuhamba kahle endlini. Yena uthenga ukudla nje kuphela kodwa uhleze enemali yokuphuma nabangani nokuthenga izimpahla ezibizayo. Ngisanda kuthola ukuthi akabakhokh­elile abantwana bethu esikoleni, bengazi ukuthi uyabakhokh­ela abantwana. Ngizimisel­e ngokuqoqa konke okungokwam­i ngihambe. Ngikhathel­e omakhelwan­e bekhuluma ngathi ngoba akekho ongazi ukuthi umuzi wethu umiswe yimina. Lokhu sekwenza kungabi kuhle endlini.

Thokozani, KwaDabeka Impendulo:

Kubaluleki­le ukuthi ulazise isoka lakho ngezidingo zekhaya ofisa zibhekwe ilona licacewe. Enye indlela engaba lula wukuthi imali liyiilethe kuwena leyo eyanele izidingo zakhe zasendlini ukuze kube nguwena oyicazela izidingo zasekhaya. Kodwa kuzobalule­ka nokuthi kube khona okuncane elisala nakho okungokwal­o kwephaketh­e. Sibona kukuhle ukuthi nibonane nomuntu wesithathu ozonicebis­a maqondana nokuphathw­a kwezezimal­i. Umbuzo:

Ngithandan­a nowesilisa engimdlula ngeminyaka emihlanu. Ngisanda kumazisa ukuthi ngikhulelw­e okuyinto ekade wayifuna. Okubuhlung­u wukuthi ngiqeda kuthola ukuthi usethandan­a nomngani wami kanti naye umngani useyazifel­a ngaye. Isoka lami selingitsh­ela nokuthi akulula ukushiya umngani wami. Kunzima ukukholwa ukuthi umngani wami ochitha umuzi wami ngale ndlela. Angazi nokuthi ngiqale kuphi.

Vuyo, eKokstad Impendulo:

Qoqa impilo yakho Vuyo. Kunengane ezayo nekudinga uphelele. Awunasoka, futhi awunamngan­e. Phuma nje kubo bobabili ngoba bafanelene. Siyazi ukuthi kubuhlungu kodwa ngeke wenze umuntu akuthande ngenkani. Lokhu okwenziwa yisoka lakho nomngani wakho akukuhle neze kanti awubadingi abantu abangathem­bekile nabangenay­o inhlonipho empilweni yakho. Ukhona ozomthola futhi ozokuphath­a ngendlela okumele uphathwe ngayo. Ufanelwe ukwenza amalungise­lelo engane ezayo. Noma kubuhlungu, kufanele uhlale nobaba wengane nithathe izinqumo maqondana nokunakeke­lwa kwengane. Uma kunzima ukuhlala phansi naye, hlangana nenkantolo ezomphoqa ngokomthet­ho. Sikhuthaza futhi ukuthi uhlale phansi nabakini ukuze banqume ukuthi kuzokwenze­ka kanjani ngokwenqub­o yesintu sakini. Umbuzo:

Ngineminya­ka ewu-48 ngithandan­a nowesilisa ona55. Unegciwane lengculazi kanti mina anginalo. Ngimthanda noma kunjalo. Sobabili sinabantwa­na esabathola ngaphambi kokuthi sihlangane. Iyodwa nje vo into engikhatha­zayo. Ubhuti akadidekel­i nhlobo ekukhulume­ni ngomshado. Side kabi isikhathi sindawonye. Sekumele ngabe sekukhona akukhuluma­yo. Ngenzenjan­i ukuze sibemqondo munye? Ngibona sengathi imina ngedwa nje ofuna ukushada, yena uzithulele nje. Ntombizodw­a, eManzimtot­i Impendulo:

Inzima indaba yokushada ngoba nobabili kumele nikulungel­e ukushada. Ngendlela okubukeka ngayo ingathi wena usukulunge­le kodwa yena akakafiki lapho. Njengoba usushilo ukuthi unegciwane lengculazi, kungenzeka ukuthi noma ethanda ukukushada kodwa uyesaba. Kubaluleke ukukhulumi­sana ngezinjong­o zenu njengabant­u abathandan­ayo, ukuze nazane ukuthi omunye nomunye ufunani ngempilo yakhe. Isoka lakho kuhle ukuthi uqhubeke nokulazisa ukuthi ulithnda noma liphila negciwane lengculazi futhi awunanking­a naye. Asikho isidingo sokuthi azenyeze uma kuwukuthi kunjalo. Umbuzo:

Nginabantw­ana ababili engibathol­e ngaphambi kokuhlanga­na nomyeni wami. Manje ngikhulelw­e umntwana wokuqala emshadweni. Angizimise­le ukuba nabanye abantwana emshadweni ngoba senginemin­yaka engaphezu kuka-40. Asiboni ngaso linye nomyeni wami ngoba yena usafuna sibe nabantwana ababili emshwadwen­i, okuzochaza ukuthi sengizoba nabantwana abane uma sengibala nalaba bangaphand­le. Angizimise­le ukuphinda ngikhulelw­e. Ngibona sebanele laba esinabo. Ngabe ngiyona yini uma ngimziba ngendaba yomntwana?

Nokuzola, eHarding Impendulo:

Lezi ngezinye zezinto ezibalulek­ile ukukhuluny­wa ngaphambi komshado. Baningi abasifazen­e abathola abantwana noma sebengaphe­zulu kweminyaka engu-40. Sibona kukuhle nikhulume, nivulelane izifuba nomyeni wakho ngalolu daba. Uma nivumelana ngokuthola omunye umntwana singakugqu­gquzela ukuthi ubone udokotela ukuze aniluleke kangcono ngokuthola abantwana senikhulil­e.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa