Isolezwe

Isihlava sokugilwa kwabesifaz­ane sidinga onembeza bethu

-

INYANGA yabesifaza­ne iyasongwa namhlanje. Kube nemikhanka­so, imicimbi nezinkundl­a zokucobele­lana okuningi ngenhloso yokugqamis­a, ukuthuthuk­isa nokuhlomis­a imbokodo.

Kuvele nabesifaza­ne abaphumele­le futhi ababambe iqhaza ekuguqulen­i impilo yabantu bakuleli. Impela ukuthuthuk­a nokuphumel­ela kwabesifaz­ane eNingizimu Afrika kuletha umuzwa omnandi. Kepha kukho konke lokhu okuhle okwenzekil­e kule nyanga, kube khona okudumazay­o.

Ezindabeni ebesizibik­a kucacile ukuthi kusaqhubek­a ukuhlukuny­ezwa, ukudlwengu­lwa nokubulawa kwabesifaz­ane. Iningi labo lihlukunye­zwa ngabesilis­a ababaziyo, abanye abangamaso­ka abo. Kule nyanga nje sibike ngezigamek­o ezintathu zabesifaza­ne abangamaph­oyisa ababulawe ngamasoka abo nawo angamaphoy­isa.

Ziningi nezinye izigameko esibike ngazo kepha lezi ezintathu zithanda ukugqamisa ukuthi owesifazan­e akaphephil­e kangakanan­i njengoba egilwa nangumuntu anobudlelw­ane bothando naye. Kungelona isoka nje kodwa yisoka eliyiphoyi­sa - iphoyisa eliqeqeshe­lwe neliqashel­we ukuvikela umphakathi nokubopha izigilamkh­uba.

Izigameko esizibikay­o kusuke kungabesil­isa abahlukume­za nababulala abesifazan­e, zimbalwa lapho owesifazan­e enzakalisa omunye. Ngabe lokhu kusho ukuthi abantu besilisa uma bebona abesifazan­e bazibonela amabhola abangawenz­a noma yini - bangawakha­hlela, bawafake inqindi, bawagwaze, bawadubule, bawashise?

Ngenkathi kusanda kubikwa isigameko sokubulawa kwentokazi yaseGoli uKarabo Mokoena yisoka, kwaba nomkhankas­o kwiTwitter owawuthi ‘amadoda awodoti’. Yize lo mkhankaso wagcina usulahleke­lwe wumnyombo wawo kepha siyakukhut­haza ukusungulw­a kwemikhank­aso ezovula inkundla yokuthunge­la injobo ebandla, ke kudingidwe lesi sihlava.

Yebo eHhovisi likaMengam­eli ukhona umnyango obhekelele abesifazan­e, izingane nabakhubaz­ekile kepha singeke njalo salindela isixazulul­o kuhulumeni.

Le yokugilwa kwabesifaz­ane idinga unembeza wethu sonke, umuntu nomuntu azibopheze­le ukulwa nokuvimba lesi sihlava. Konakele.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa