Isihlava sokugilwa kwabesifazane sidinga onembeza bethu
INYANGA yabesifazane iyasongwa namhlanje. Kube nemikhankaso, imicimbi nezinkundla zokucobelelana okuningi ngenhloso yokugqamisa, ukuthuthukisa nokuhlomisa imbokodo.
Kuvele nabesifazane abaphumelele futhi ababambe iqhaza ekuguquleni impilo yabantu bakuleli. Impela ukuthuthuka nokuphumelela kwabesifazane eNingizimu Afrika kuletha umuzwa omnandi. Kepha kukho konke lokhu okuhle okwenzekile kule nyanga, kube khona okudumazayo.
Ezindabeni ebesizibika kucacile ukuthi kusaqhubeka ukuhlukunyezwa, ukudlwengulwa nokubulawa kwabesifazane. Iningi labo lihlukunyezwa ngabesilisa ababaziyo, abanye abangamasoka abo. Kule nyanga nje sibike ngezigameko ezintathu zabesifazane abangamaphoyisa ababulawe ngamasoka abo nawo angamaphoyisa.
Ziningi nezinye izigameko esibike ngazo kepha lezi ezintathu zithanda ukugqamisa ukuthi owesifazane akaphephile kangakanani njengoba egilwa nangumuntu anobudlelwane bothando naye. Kungelona isoka nje kodwa yisoka eliyiphoyisa - iphoyisa eliqeqeshelwe neliqashelwe ukuvikela umphakathi nokubopha izigilamkhuba.
Izigameko esizibikayo kusuke kungabesilisa abahlukumeza nababulala abesifazane, zimbalwa lapho owesifazane enzakalisa omunye. Ngabe lokhu kusho ukuthi abantu besilisa uma bebona abesifazane bazibonela amabhola abangawenza noma yini - bangawakhahlela, bawafake inqindi, bawagwaze, bawadubule, bawashise?
Ngenkathi kusanda kubikwa isigameko sokubulawa kwentokazi yaseGoli uKarabo Mokoena yisoka, kwaba nomkhankaso kwiTwitter owawuthi ‘amadoda awodoti’. Yize lo mkhankaso wagcina usulahlekelwe wumnyombo wawo kepha siyakukhuthaza ukusungulwa kwemikhankaso ezovula inkundla yokuthungela injobo ebandla, ke kudingidwe lesi sihlava.
Yebo eHhovisi likaMengameli ukhona umnyango obhekelele abesifazane, izingane nabakhubazekile kepha singeke njalo salindela isixazululo kuhulumeni.
Le yokugilwa kwabesifazane idinga unembeza wethu sonke, umuntu nomuntu azibophezele ukulwa nokuvimba lesi sihlava. Konakele.