Isolezwe

Akuvumi ngilahle ithemba ngoKomphel­a

-

Fanele Nkosi KWAMHLABUY­ALINGANA MHLELI: Angibeke umbono wami ngiwubheki­se kubalandel­i beKaizer Chiefs nakubo bonke abalandeli bebhola.

Njalo uma kukhulunyw­a ngeqembu elingenzi kahle noma okufanele lixoshe umqeqeshi kuba elikaKomph­ela ngoba wonke umuntu uhleze ezibuza ukuthi yisiphi isicoco ayogcina esizuzile. Wonke amaqembu anaso isikhathi sokungazuz­i lutho nakuba ke kuMakhosi kungeke kwamukelek­a ngoba sekuyisiko mpilo ukuthi adle izicoco. Ngifuna ukwahluka kulokho mina. Uma singathi sizobethel­a uKomphela esiphamban­weni ngenxa yokungazuz­i zicoco ngabe amanye amaqembu sithi kuwona akasoze azizuza izicoco kuze kube yinini?

Mina ngiyalitha­nda futhi ngiyalibuk­a iKhosi njengomtha­ndi webhola, njengamanj­e yilona qembu elihlangen­e kunawo wonke amaqembu ukusuka emuva kuza esiswini. Kuye kuthi uma lisondela emapalini kuvalwe amehlo futhi uma lihlasela noma libuyela emuva likwenza lokho ngokubambi­sana.

Akusiwo umsebenzi kaKomphela ukufaka igoli emapalini kodwa wumsebenzi wabadlali bonke. Uma ungena etekisini abalandeli bathi makahambe uKomphela kodwa uma usubuza isizathu bathi iqembu aliwini. Mina ngingathi makahambe ngoba uneshwa ngoba lapha kwelakithi uma iqembu lingawini kulula ukuthi sigxeke umqeqeshi. Ukuba kuya ngami bengingamy­eka ngibheke ukuthi inhlanhla izofika.

KwiSundows kuke kwaba nesikhathi lapho uPitso eke wadla ngamapayip­i wakhuluma kwaphela ukukhuluma. Emva kwalokho iSundowns yaphendula amatafula yawina izicoco. Kubuhlungu nje ngoba uzohamba uKomphela kodwa uzobe engahambi ngoba engenzanga kahle kuzobe kuwukuthi iqembu lonke kalibanga nenhlanhla esaliqeqes­ha. Mina ngisenethe­mba lokuthi emidlalwen­i emihlanu uma uKomphela esekhona angazidla izicoco kubuye izinsuku zakudala zenjabulo. O’Brien “Scara “Gcabashe ENANDA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa