Akuvumi ngilahle ithemba ngoKomphela
Fanele Nkosi KWAMHLABUYALINGANA MHLELI: Angibeke umbono wami ngiwubhekise kubalandeli beKaizer Chiefs nakubo bonke abalandeli bebhola.
Njalo uma kukhulunywa ngeqembu elingenzi kahle noma okufanele lixoshe umqeqeshi kuba elikaKomphela ngoba wonke umuntu uhleze ezibuza ukuthi yisiphi isicoco ayogcina esizuzile. Wonke amaqembu anaso isikhathi sokungazuzi lutho nakuba ke kuMakhosi kungeke kwamukeleka ngoba sekuyisiko mpilo ukuthi adle izicoco. Ngifuna ukwahluka kulokho mina. Uma singathi sizobethela uKomphela esiphambanweni ngenxa yokungazuzi zicoco ngabe amanye amaqembu sithi kuwona akasoze azizuza izicoco kuze kube yinini?
Mina ngiyalithanda futhi ngiyalibuka iKhosi njengomthandi webhola, njengamanje yilona qembu elihlangene kunawo wonke amaqembu ukusuka emuva kuza esiswini. Kuye kuthi uma lisondela emapalini kuvalwe amehlo futhi uma lihlasela noma libuyela emuva likwenza lokho ngokubambisana.
Akusiwo umsebenzi kaKomphela ukufaka igoli emapalini kodwa wumsebenzi wabadlali bonke. Uma ungena etekisini abalandeli bathi makahambe uKomphela kodwa uma usubuza isizathu bathi iqembu aliwini. Mina ngingathi makahambe ngoba uneshwa ngoba lapha kwelakithi uma iqembu lingawini kulula ukuthi sigxeke umqeqeshi. Ukuba kuya ngami bengingamyeka ngibheke ukuthi inhlanhla izofika.
KwiSundows kuke kwaba nesikhathi lapho uPitso eke wadla ngamapayipi wakhuluma kwaphela ukukhuluma. Emva kwalokho iSundowns yaphendula amatafula yawina izicoco. Kubuhlungu nje ngoba uzohamba uKomphela kodwa uzobe engahambi ngoba engenzanga kahle kuzobe kuwukuthi iqembu lonke kalibanga nenhlanhla esaliqeqesha. Mina ngisenethemba lokuthi emidlalweni emihlanu uma uKomphela esekhona angazidla izicoco kubuye izinsuku zakudala zenjabulo. O’Brien “Scara “Gcabashe ENANDA