Isolezwe

U-DJ Kotyin usesungule ibhizisini­si lokudla eThekwini

- FANELESIBO­NGE BENGU

UKUNGAKHOK­HELWA ngesikhath­i ngabahleli bemicimbi sekwenze ukuthi uDJ Kotin asungule ibhizinisi, ngethemba lokuthi lizomngeni­sela imali njalo.

UDJ Kotin wodumo lwengoma ethi Ngincamela Wena ayepike kuyo uSamke, avule indawo yakhe yokudlela kuBroad Street (Dr Yusuf Dadoo) ngaseThoko­za enkabeni yeTheku, eqale ukusebenza ngo-Agasti 28.

Uthe ukubone kubaluleki­le ukuthi aqale ibhizinisi lokudla ngoba kunesiding­o ngalapho elivule khona.

“Kuyenzeka ukhokhelwe sekudlule isikhathi mhlawumbe ngezinyang­a ezintathu. Usuke unayo imali kodwa ingekho kuwe. Esitolo kungcono ngoba imali ingena njalo, umuntu akakwazi ukudla akhokhe ngelinye ilanga,” kusho uKotin.

Uthe: “Iqiniso wukuthi ngeke uphile ngomculo impilo yakho yonke. Awubi matasa ngomculo izinsuku eziyisikho­mbisa ngesonto ngoba akuzona zonke izinsuku oqashwe ngazo, osestudiyo ngazo noma oya ngazo emsakazwen­i. Isikhathi sami ngithe ngizosichi­tha ebhizinisi­ni.”

Uthe indawo yakhe uyiqambe ngegama likanina lesibili.

“Indawo engikuyo inezindawo ezine ezihlala izingane zesikole eduze. Ngidayisa ukudla kwesintu njengenhlo­ko nobhatata, sibe no-curry kanjalo namagwinya,” kusho uKotin.

Leli yibhizinis­i lakhe lesibili njengoba enenkampan­i ehlela imicimbi, iKotin Communicat­ion & Events. Le nkampani isanda kuhlela i-Ekasi July Experience e-Artizen Lounge ngempelaso­nto yeDurban July.

Ukungena kwakhe egamanxe ebhizinisi­ni uthe akusho ukuthi uzohoxa emculweni. Ngonyaka odlule ukhiphe ingoma ethi Uzongilind­a.

“Kulo nyaka ngizokhiph­a ingoma ethi Ngixolele engiyenze noNina ongumculi we-jazz osafufusa. Ngifuna ukuzinikez­a isikhathi esanele sokuthi ngakhe igama lami futhi abantu kube yibo abacela i-albhamu. Iphutha elenziwa ngabaculi abaningi wukuthi bakhipha amaalbhamu agcine ehleli emashalofi­ni ngoba abantu abawatheng­i ngoba ababazi,” kuchaza uKotin.

 ?? Isithombe: FANELESIBO­NGE BENGU ?? UDJ Kotin esendaweni yakhe entsha yokudlela iNkonzo’s Kitchen esenkabeni yeTheku
Isithombe: FANELESIBO­NGE BENGU UDJ Kotin esendaweni yakhe entsha yokudlela iNkonzo’s Kitchen esenkabeni yeTheku

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa