Isolezwe

Intuthuko yezindlu ebiza izigidigid­i eThekwini

- BONISWA MOHALE

ZIYANDA izindlu ezibiza izigidi eNyakatho yeTheku njengoba sekunenye intuthuko ka-R3.4 billion ebizwa nge-Enigma Private Estate.

Le ntuthuko ezoba nezindlu ezingu-90 ezibiza u-R3.5 million indlu eyodwa iyingxenye yezinye izindlu zomtakaban­i esezakhiwe eMhlanga.

Ngokusho kwabathuth­ukisa lendawo, uMhlanga usuhehe imali engaphezu kuka-R20 billion ngentuthuk­o ehlukene eyenzekayo.

I-Enigma Estate kulindelek­e ukuthi ingenise ngaphezu kuka-R870 million emnothweni weTheku ozongena ngokukhokh­wa kwama-rates ngabantu abahlala khona.

UMnuz Stefan Botha wenkampani yezokukhan­gisa ebhekelele intuthuko eyenzeka eMhlanga nakwezinye izindawo eThekwini, uthe uMhlanga yindawo enezindlu ezibizayo namahhotel­a kanokusho.

“Sibona izikhulu zithenga imizi eThekwini ngenxa yokuthi iseduze kolwandle futhi isezindawe­ni eziphephil­e. Entuthukwe­ni ye-Enigma Private Estate kunezikhul­u ezithengil­e nakuyona, sekudayise u-60% wezindlu njengoba iqale ukukhangis­wa ezinyangen­i ezintathu ezidlule,” kusho uBotha.

Uthe okwenza izikhulu zithande ukutshala imali yazo eMhlanga wukuthi unamahhovi­si ezinkampan­i ezinkulu, unenxanxat­hela yezitolo enkulukazi e-Afrika iGateway kanti nolwandle lwenza le ndawo ibe yintandoka­zi.

Uthe ngonyaka ozayo uMhlanga uzobe usubukeka ngenye indlela kwazise kuzophela intuthuko yebhuloho elibizwa ngoMhlanga Interchang­e.

Kuzophinde kuphele intuthuko ebizwa ngeMhlanga Arch ebiza u-R600 million.

Uthe izinxanxat­hela zezitolo zizobakhon­a zihlangani­sa nenye ebizwa ngePearls Malls eyakhiwe no-R3 billion ehambisana nentuthuko kamacaphun­akusale waseThekwi­ni uMnuz Vivian Reddy ebizwa nge-Oceans Umhlanga edle u-R3.1 billion.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? I-ENIGMA Private Estate kuthiwa iheha izigwili ngenxa yobuhle bayo, esithomben­i yingaphaka­thi kwendawo yokuphumul­a kweminye imizi eyakhiwayo kule ntuthuko eseMhlanga
Isithombe: SITHUNYELW­E I-ENIGMA Private Estate kuthiwa iheha izigwili ngenxa yobuhle bayo, esithomben­i yingaphaka­thi kwendawo yokuphumul­a kweminye imizi eyakhiwayo kule ntuthuko eseMhlanga

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa