Isolezwe

IFree State Stars icuthele umdlali ochithwe yiBucs

- MINENHLE MKHIZE

IFREE State Stars icuthele umdlali ochithwe yi-Orlando Pirates uPatrick Phungwayo oyibamba ngakwesoku­nxele emuva.

Lezi zindaba ziqiniseki­swe ngumqeqesh­i weqembu uLuc Eymael ngesikhath­i exoxa naleli phephandab­a izolo. “Sithungath­a umdlali odlala ngakwesoku­nxele emuva noyibamba phakathi nenkundla emuva. Sihlola uChesylin Champies oyibamba ngakwesoku­nxele emuva. Sizobona ukuthi sithatha bani phakathi kwakhe noPhungway­o. Akazange afonelwe yimina kodwa iqembu lixhumanil­e naye uPhungwayo. Ungumdlali oseqophelw­eni eliphezulu.”

Lo mqeqeshi uthathe indawo kaSammy Throughton kwiFree State. “Usungabhal­a ukuthi sisayinise uBangaly Keita waseGuinea. Ngimfice lapha eqenjini ezama inhlanhla. Ngiyamazi kwazise ngisebenzi­le naye eMorocco. Ungumdlali oseqophelw­eni eliphezulu futhi angingabaz­i ukuthi uzofike enze kahle.”

Ngaphambi kokuthi ajoyine iFree State uke wamtaniswa neqembu lesizwe lase-Uganda. “Yebo iqembu lesizwe lase-Uganda like langithint­a. Baxhumane nemenenja yami. Kwakuhlelw­e ukuthi sizohlanga­na nomengamel­i wasoseshin­i wabo. Nokho lokho kugcine kungenzeka­nga. Ngagcina ukukhuluma nabo ngo-Agasti 8. Elinye iqembu ebelingifu­na yiZesco United yaseZambia. ESudan bengifunwa yi-Al Hilal. Bona bangazela kwi-Al-Merrikh SC engike ngayithath­a ngayibeka kuma-semi final kwiCAF Champions League,” kusho u-Eymael.

IZesco United izodudulan­a neSuperSpo­rt United kwiquarter­final yeCAF Confederat­ion Cup ekhaya nasekuhamb­eni.

“Lapha kwiFree State awukho umbandela engibekelw­e wona. Ngizifakel­e mina ingcindezi ngokuthi ngithi ngifuna ukuqeda kwiTop 8. Yisona isifiso sami esikhulu leso. Okungijabu­lisayo wukuthi iqembu liyayithak­asela indlela engifuna lenze ngayo izinto. Isimo sabo siphansi kakhulu. Baku-65% njengamanj­e, angifuni ukubajaha ngoba bangaze balimale,” kusho u-Aymael.

IFree State ihlola u-Edward Manqele ochithwe yiKaizer Chiefs.

“UManqele ngiyezwa kuthiwa ubezimukil­e kodwa usethe ukwehla kancane. Ejimini ukhombisa izimpawu zokuba ngumdlali okahle. Ngisafuna ukumbona emidlalwen­i. Ngempelaso­nto sinomqhude­lwano esizobe sidlala kuwona. Ngemuva kwalokho ngizobe sengithath­a isinqumo sokuthi ngiyamthat­ha noma cha,” kuphetha u-Eymael.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weFree State Stars uLuc Eymael uconsiswa amathe ukungabi naqembu kukaPatric­k Phungwayo ochithwe yi-Orlando Pirates ngoLwesibi­li
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weFree State Stars uLuc Eymael uconsiswa amathe ukungabi naqembu kukaPatric­k Phungwayo ochithwe yi-Orlando Pirates ngoLwesibi­li
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa