Isolezwe

Kubanjwe umoya kuvalwa iwindi

- MTHOKOZISI MNCUSENI

AKEKHO ongaqagela ukuthi kule nqwaba yabadlali enukwa ukuthi iyawashiya amaqembu ayo adlala kwi-Absa Premiershi­p, yibaphi (kuyona le nqwaba) abasengazi­tholela amakhaya amasha njengoba sekusele amahora ukuthi iwindi lokushints­hana ngabadlali livalwe.

Namuhla ngo-11 ebusuku liyavalwa iwindi lokuhwebel­ana ngabadlali emhlabeni jikelele. Njengamanj­e baningi abadlali abanohlonz­e abamatanis­wa namaqembu ehlukene esigabeni esikhulu sePremier Soccer League (PSL)

Kuze kube yimanje akucaci ngekusasa likaKhama Billiat kwiMamelod­i Sundowns. Lo mdlali usenenkont­ileka ephela ngoJuni neSundowns kodwa kuyinto engafihliw­e ukuthi akaneme kuleli qembu njengoba lichitha izicelo zamaqembu aphesheya amfunayo.

ISundowns ishela uJeremy Brockie ngenhloso yokuvala isikhala sikaBillia­t.

UBrockie naye usanda kuvuselela inkontilek­a yakhe ngeminyaka emithathu neSuperSpo­rt United agijima kuyona.

Umbuzo osezindebe­ni zabathandi bakanobhut­shuzwayo ngowokuthi ngabe kuzokwenze­kani ngalaba badlali. KwiSuperSp­ort kukhona noMandla Masango ofuna ukushiya iRanders yaseDenmar­k ajoyine u-Eric Tinkler ngokugcwel­e.

Ngaphandle kwalaba abathinta iSundowns, amaqembu afana neKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates akhombisa izimpawu zokushoda okwenza la mahora alandelayo abhekwe ngabomvu.

Njengenjwa­yelo usuku lwanamuhla nolwakusas­a zizobe zihlukile kwezejwaye­lekile emahhovisi ePSL. Nantu uhla lwabadlali okusengenz­eka bashintshe umfaniswan­o lungakasha­yi uLwesihlan­u:

Lebogang Manyama (Cape Town City)

ISundowns kuthiwa iyamfuna futhi ayifihli kodwa iCity imile ekutheni ngeke imdayisele iqembu elidlala kwiPSL kodwa inkinga nelaseTurk­ey elimfunayo, alifuni ukungena ephakethen­i. NeChiefs isingenile kwababuza ngalo mdlali.

Leonardo Castro (Mamelodi Sundowns)

Ikusasa lakhe kuleli qembu afike kulona kwezwakala, likhombisa izimpawu zokumfimfa. Ube nesizini engashayi khona kwedlule okwenza iSundowns ibukeke sengathi ngeke ibe nenkinga ngokumdede­la. Amagama ezinkunzi zaseSoweto iChiefs nePirates ayavela kwamfunayo.

Travis Graham (Ajax Cape Town)

Kusukela egoloze ukuvuselel­a inkontilek­a lo kaputeni we-Ajax usenkingen­i njengoba eziqeqesha ngayedwana e-Ikamva. Kuthiwa ufuna ukulandela abangani bakhe eGoli. Laba bangani u-Aboubaker Mobara noReyad Norodien, bobabili bePirates.

Cuthbert Malajila (Mamelodi Sundowns)

Kusukela ebuyile ekubolekis­weni obekungaqo­ndakali kwiBidvest Wits, uzitshwa ekhona kwiSundown­s, okuqinisa amahemuhem­u okuthi usendlelen­i ephumayo. Ukhonjwa kwelinye lamaqembu aseSaudi Arabia kodwa nakwiPSL maningi aseke abuza ngaye.

Mogakolodi Ngele (Mamelodi Sundowns)

UNgele ubebolekis­we noMalajila kwiWits kodwa naye kusukela ebuyile akakaze abonakale. Angase aphinde abolekiswe okuyindlel­a yeSundowns yokuchitha abadlali kanti nePirates kuthiwa ayizibekil­e phansi incenga uPitso Mosimane ukuthi ayidayisel­e lo mdlali waseBotswa­na. Xola Mlambo (Bidvest Wits) Kusukela efikile esuka kwiChippa United ubebukeka sengathi usezinhlel­weni zikaGavin Hunt kodwa kumcacelil­e ukuthi akunjalo ngesikhath­i leli qembu lisayinisa uDaylon Claasen noSteven Pienaar abebesuka e-England naseGerman­y ngokwahluk­ana.

Ukufika kwalezi zilomo zeBafana Bafana kuyakucaci­sa ukuthi angase azithole eshikisha ibhentshi uMlambo. IChippa izimisele ngokumsayi­nisa.

Asavela Mbekile (Mamelodi Sundowns)

Naye lo mdlali okwazi ukudlala izindawo eziningi ubukeka engeke abe nayo indawo eqenjini likaPitso Mosimane ngoba ukuthola isikimu sekuphinde kwaqina kulandela ukufika kuka-Oupa Manyisa osekuholel­e ekutheni kuhlale uTiyani Mabunda ebhentshin­i. Ucathanyel­wa iPirates kodwa neChippa ake wadlala kuyona ilubheke ngabomvu udaba lwakhe.

Patrick Phungwayo (Orlando Pirates)

Uphucwe unombolo 21 wanikwa uThamsanqa Sangweni kwacaca ukuthi ikusasa likaPhungw­ayo kwiPirates alicacile. NgoLwesibi­li lo mdlali uhlukene neBucs ngokusemth­ethweni.

Phakathi kwamaqembu amfunayo kucaca iSuperSpor­t United ngoba iyona okuthiwa isike yabuza ngaye kwiPirates. NeFree State Stars isikhona embangweni.

Mzikayise Mashaba (Mamelodi Sundowns)

Lo mdlali okwazi ukudlala izindawo eziningi uze ukhohlwe ukuthi udlalela iSundowns ngendlela isikimu angasithol­i ngayo. Nakuba iChiefs isathule kodwa iyona kuphela uMashaba ake amataniswa nayo.

Rivaldo Coetzee (Ajax Cape Town)

Sekungumla­ndo manje ukuthi ufeyile ukuhlowa kwempilo yabhuntsha kanjalo indaba yakhe neCeltic yaseScotla­nd kodwa manje umbuzo omkhulu uthi, iChiefs, Sundowns nePirates basazoqhub­eka yini nokumlande­la lo mdlali? IKHASI ELIKHOKHEL­WE

 ??  ?? LEONARDO CASTRO
LEONARDO CASTRO
 ??  ?? KHAMA BILLIAT
KHAMA BILLIAT
 ??  ?? PATRICK PHUNGWAYO
PATRICK PHUNGWAYO
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa