Kuphele amahloni ku-Ace kwiDowns
KUBONAKALA kumqaqile u-Oupa “Ace” Manyisa ukushintsha umoya athole ikhaya elisha eChloorkop kwiMamelodi Sundowns esuka eqenjini laseSoweto i-Orlando Pirates abesehlale kuyona iminyaka ecela kweyishumi.
UManyisa okumangale abaningi ngesikhathi usihlalo weBucs, u-Irvin Khoza, ememezela ukuthi useyashiya eqenjini, unikezwe inkontileka yeminyaka emithathu kumaBrazilians.
Umqeqeshi walabo mpetha beCAF Champions League, uPitso Mosimane, akazange amoshe isikhathi wamgaxa enkundleni lo mdlali benoGeorge Lebese obegijima kwiKaizer Chiefs phambilini.
Ngesikhathi uManyisa ekwiPirates abesengukaputeni wayo, ubesolwa ngokungezwani nokukhuluma kangangoba ngisho kwezinye izithangami nabezindaba ubengabonakali, kulethwa iphini lakhe uHappy Jele.
Indlela abethula ngayo bekushiya imibuzo yokuthi waqokwa kanjani waba ngukaputeni.
Ngisho esikhathini samanje lapho kusetshenziswa izinkundla zokuxhumana ukusho okungaphakathi, uManyisa ubengavamisile ukuphawula ngezithinta iBucs ebibhedelwa yizinto. Kodwa kusukela efike kwiSundowns akanawo amahloni ngokuveza imizwa yakhe ngekhaya lakhe elisha. “Isiqalo esihle kwiPremiership. Sibe neSonto elibusisekile,” kusho uManyisa ku-twitter ngemuva kokuvula imidlalo ye-Absa Premiership ngokuhlula iSuperSport United. Ukuqaqeka kwakhe akugcini emakhasini ezokuxhumana njengoba kwenzeke okungajwayelekile evela ohlelweni lwangoLwesine lukaRobert Marawa kwi-SS4. UManyisa ubonakale kuyona yomithathu imidlalo yeSundowns, emibili yeligi noweMTN 8. Kulindeleke ukuthi uMosimane aqhubeke nokumbophela nasemidlalweni elandelayo njengoba akuveza ukuthi laba badlali akabalandele ukuzobagquma ebhentshini. Kwelandelayo iSundowns izothuthana neFree State Stars koweligi ngoSepthemba 12 ngaphambi kokuthi ibhekise amabombo eMorocco lapho inomdlalo wama-quarterfinal weChampions League neWydad Athletic ngoSepthemba 15.
USiyabonga Sangweni obengukaputeni kaManyisa kwiBucs, uthe yize kwaba buhlungu ukuzwa ukuthi lo mdlali useyashiya eMayfair kodwa ukholwa wukuthi usazoqhubeka nokugqama.
“Ngeke ngazi izizathu ezimshiyise kwiPirates. Ngokumazi kwami ungumdlali ozimiselayo emdlalweni wakhe. Njengomdlali ngimfisela inhlanhla kukhona konke azifisela khona. Ngiyakholwa wukuthi kukhona azofika nakho eqenjini njengoba eke wadlala nakwiChampions League,” kusho uSangweni.
Mhlawumbe ukushintsha umoya ikhona okuzobuyisa lo “Aaaaceee” obevunywa ngabalandeli bePirates ngesikhathi eyibamba esiswini no-Andile Jali bedla izicoco eminyakeni edlule. Okuphawulekayo ukuthi nakwiSundowns iyachwaza inkundla uma ephethe ibhola. Lokhu kungamnika umdlandla wokubuyisa ifomu eyamenza wangasala kwiBafana Bafana uma idlala imidlalo ebalulekile.