Kubanjwe umoya kuvalwa iwindi
AKEKHO ongaqagela ukuthi kule nqwaba yabadlali enukwa ukuthi iyawashiya amaqembu ayo adlala kwi-Absa Premiership, yibaphi (kuyona le nqwaba) abasengazitholela amakhaya amasha njengoba sekusele amahora ukuthi iwindi lokushintshana ngabadlali livalwe.
Namuhla ngo-11 ebusuku liyavalwa iwindi lokuhwebelana ngabadlali emhlabeni jikelele. Njengamanje baningi abadlali abanohlonze abamataniswa namaqembu ehlukene esigabeni esikhulu sePremier Soccer League (PSL)
Kuze kube yimanje akucaci ngekusasa likaKhama Billiat kwiMamelodi Sundowns. Lo mdlali usenenkontileka ephela ngoJuni neSundowns kodwa kuyinto engafihliwe ukuthi akaneme kuleli qembu njengoba lichitha izicelo zamaqembu aphesheya amfunayo.
ISundowns ishela uJeremy Brockie ngenhloso yokuvala isikhala sikaBilliat.
UBrockie naye usanda kuvuselela inkontileka yakhe ngeminyaka emithathu neSuperSport United agijima kuyona.
Umbuzo osezindebeni zabathandi bakanobhutshuzwayo ngowokuthi ngabe kuzokwenzekani ngalaba badlali. KwiSuperSport kukhona noMandla Masango ofuna ukushiya iRanders yaseDenmark ajoyine u-Eric Tinkler ngokugcwele.
Ngaphandle kwalaba abathinta iSundowns, amaqembu afana neKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates akhombisa izimpawu zokushoda okwenza la mahora alandelayo abhekwe ngabomvu.
Njengenjwayelo usuku lwanamuhla nolwakusasa zizobe zihlukile kwezejwayelekile emahhovisi ePSL. Nantu uhla lwabadlali okusengenzeka bashintshe umfaniswano lungakashayi uLwesihlanu:
Lebogang Manyama (Cape Town City)
ISundowns kuthiwa iyamfuna futhi ayifihli kodwa iCity imile ekutheni ngeke imdayisele iqembu elidlala kwiPSL kodwa inkinga nelaseTurkey elimfunayo, alifuni ukungena ephaketheni. NeChiefs isingenile kwababuza ngalo mdlali.
Leonardo Castro (Mamelodi Sundowns)
Ikusasa lakhe kuleli qembu afike kulona kwezwakala, likhombisa izimpawu zokumfimfa. Ube nesizini engashayi khona kwedlule okwenza iSundowns ibukeke sengathi ngeke ibe nenkinga ngokumdedela. Amagama ezinkunzi zaseSoweto iChiefs nePirates ayavela kwamfunayo.
Travis Graham (Ajax Cape Town)
Kusukela egoloze ukuvuselela inkontileka lo kaputeni we-Ajax usenkingeni njengoba eziqeqesha ngayedwana e-Ikamva. Kuthiwa ufuna ukulandela abangani bakhe eGoli. Laba bangani u-Aboubaker Mobara noReyad Norodien, bobabili bePirates.
Cuthbert Malajila (Mamelodi Sundowns)
Kusukela ebuyile ekubolekisweni obekungaqondakali kwiBidvest Wits, uzitshwa ekhona kwiSundowns, okuqinisa amahemuhemu okuthi usendleleni ephumayo. Ukhonjwa kwelinye lamaqembu aseSaudi Arabia kodwa nakwiPSL maningi aseke abuza ngaye.
Mogakolodi Ngele (Mamelodi Sundowns)
UNgele ubebolekiswe noMalajila kwiWits kodwa naye kusukela ebuyile akakaze abonakale. Angase aphinde abolekiswe okuyindlela yeSundowns yokuchitha abadlali kanti nePirates kuthiwa ayizibekile phansi incenga uPitso Mosimane ukuthi ayidayisele lo mdlali waseBotswana. Xola Mlambo (Bidvest Wits) Kusukela efikile esuka kwiChippa United ubebukeka sengathi usezinhlelweni zikaGavin Hunt kodwa kumcacelile ukuthi akunjalo ngesikhathi leli qembu lisayinisa uDaylon Claasen noSteven Pienaar abebesuka e-England naseGermany ngokwahlukana.
Ukufika kwalezi zilomo zeBafana Bafana kuyakucacisa ukuthi angase azithole eshikisha ibhentshi uMlambo. IChippa izimisele ngokumsayinisa.
Asavela Mbekile (Mamelodi Sundowns)
Naye lo mdlali okwazi ukudlala izindawo eziningi ubukeka engeke abe nayo indawo eqenjini likaPitso Mosimane ngoba ukuthola isikimu sekuphinde kwaqina kulandela ukufika kuka-Oupa Manyisa osekuholele ekutheni kuhlale uTiyani Mabunda ebhentshini. Ucathanyelwa iPirates kodwa neChippa ake wadlala kuyona ilubheke ngabomvu udaba lwakhe.
Patrick Phungwayo (Orlando Pirates)
Uphucwe unombolo 21 wanikwa uThamsanqa Sangweni kwacaca ukuthi ikusasa likaPhungwayo kwiPirates alicacile. NgoLwesibili lo mdlali uhlukene neBucs ngokusemthethweni.
Phakathi kwamaqembu amfunayo kucaca iSuperSport United ngoba iyona okuthiwa isike yabuza ngaye kwiPirates. NeFree State Stars isikhona embangweni.
Mzikayise Mashaba (Mamelodi Sundowns)
Lo mdlali okwazi ukudlala izindawo eziningi uze ukhohlwe ukuthi udlalela iSundowns ngendlela isikimu angasitholi ngayo. Nakuba iChiefs isathule kodwa iyona kuphela uMashaba ake amataniswa nayo.
Rivaldo Coetzee (Ajax Cape Town)
Sekungumlando manje ukuthi ufeyile ukuhlowa kwempilo yabhuntsha kanjalo indaba yakhe neCeltic yaseScotland kodwa manje umbuzo omkhulu uthi, iChiefs, Sundowns nePirates basazoqhubeka yini nokumlandela lo mdlali? IKHASI ELIKHOKHELWE