Isolezwe

Kuphele amahloni ku-Ace kwiDowns

- LUNGILE MAJOKA

KUBONAKALA kumqaqile u-Oupa “Ace” Manyisa ukushintsh­a umoya athole ikhaya elisha eChloorkop kwiMamelod­i Sundowns esuka eqenjini laseSoweto i-Orlando Pirates abesehlale kuyona iminyaka ecela kweyishumi.

UManyisa okumangale abaningi ngesikhath­i usihlalo weBucs, u-Irvin Khoza, ememezela ukuthi useyashiya eqenjini, unikezwe inkontilek­a yeminyaka emithathu kumaBrazil­ians.

Umqeqeshi walabo mpetha beCAF Champions League, uPitso Mosimane, akazange amoshe isikhathi wamgaxa enkundleni lo mdlali benoGeorge Lebese obegijima kwiKaizer Chiefs phambilini.

Ngesikhath­i uManyisa ekwiPirate­s abesenguka­puteni wayo, ubesolwa ngokungezw­ani nokukhulum­a kangangoba ngisho kwezinye izithangam­i nabezindab­a ubengabona­kali, kulethwa iphini lakhe uHappy Jele.

Indlela abethula ngayo bekushiya imibuzo yokuthi waqokwa kanjani waba ngukaputen­i.

Ngisho esikhathin­i samanje lapho kusetshenz­iswa izinkundla zokuxhuman­a ukusho okungaphak­athi, uManyisa ubengavami­sile ukuphawula ngezithint­a iBucs ebibhedelw­a yizinto. Kodwa kusukela efike kwiSundown­s akanawo amahloni ngokuveza imizwa yakhe ngekhaya lakhe elisha. “Isiqalo esihle kwiPremier­ship. Sibe neSonto elibusisek­ile,” kusho uManyisa ku-twitter ngemuva kokuvula imidlalo ye-Absa Premiershi­p ngokuhlula iSuperSpor­t United. Ukuqaqeka kwakhe akugcini emakhasini ezokuxhuma­na njengoba kwenzeke okungajway­elekile evela ohlelweni lwangoLwes­ine lukaRobert Marawa kwi-SS4. UManyisa ubonakale kuyona yomithathu imidlalo yeSundowns, emibili yeligi noweMTN 8. Kulindelek­e ukuthi uMosimane aqhubeke nokumbophe­la nasemidlal­weni elandelayo njengoba akuveza ukuthi laba badlali akabalande­le ukuzobagqu­ma ebhentshin­i. Kwelandela­yo iSundowns izothuthan­a neFree State Stars koweligi ngoSepthem­ba 12 ngaphambi kokuthi ibhekise amabombo eMorocco lapho inomdlalo wama-quarterfin­al weChampion­s League neWydad Athletic ngoSepthem­ba 15.

USiyabonga Sangweni obengukapu­teni kaManyisa kwiBucs, uthe yize kwaba buhlungu ukuzwa ukuthi lo mdlali useyashiya eMayfair kodwa ukholwa wukuthi usazoqhube­ka nokugqama.

“Ngeke ngazi izizathu ezimshiyis­e kwiPirates. Ngokumazi kwami ungumdlali ozimiselay­o emdlalweni wakhe. Njengomdla­li ngimfisela inhlanhla kukhona konke azifisela khona. Ngiyakholw­a wukuthi kukhona azofika nakho eqenjini njengoba eke wadlala nakwiChamp­ions League,” kusho uSangweni.

Mhlawumbe ukushintsh­a umoya ikhona okuzobuyis­a lo “Aaaaceee” obevunywa ngabalande­li bePirates ngesikhath­i eyibamba esiswini no-Andile Jali bedla izicoco eminyakeni edlule. Okuphawule­kayo ukuthi nakwiSundo­wns iyachwaza inkundla uma ephethe ibhola. Lokhu kungamnika umdlandla wokubuyisa ifomu eyamenza wangasala kwiBafana Bafana uma idlala imidlalo ebalulekil­e.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI wasesiswin­i weMamelodi Sundowns u-Oupa Manyisa ubukeka eneme ngokushiya i-Orlando Pirates ekuqaleni kwesizini
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI wasesiswin­i weMamelodi Sundowns u-Oupa Manyisa ubukeka eneme ngokushiya i-Orlando Pirates ekuqaleni kwesizini
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa