Isolezwe

Izophela eMabhida Stadium iComrades

- NONTUTHUKO NGUBANE Ebika eseGoli

KUZOQOPHEK­A umlando ngeComrade­s Marathon ka-2018 ezophothul­wa eMoses Mabhida Stadium ngokokuqal­a ngqa emlandweni walo mjaho.

Lokho kumenyezel­we ngabahleli bomjaho izolo eMonte Casino, eGoli, izolo, kade kwethulwa iComrades ka-2018 ngokusemth­ethweni.

Umqondisi womjaho uRowyn James, uthe bese kuyisikhat­hi eside befuna ukuba lo mjaho uphothulwe eMabhida.

“Kuyintokoz­o kithina ukuba sikwazi ukuphothul­a lo mjaho kule nkundla enomlando omkhulu njengoba yasetshenz­iswa ngeNdebe yoMhlaba ka-2010. Umjaho wethu nawo uhlonishwa umhlaba wonke ngakho impela sizoqopha umlando ngo-2018,” kusho uJames.

Lo mjaho eminyakeni edlule ubusongwa eSahara Cricket Stadium, eThekwini.

Ukuphothul­wa kwawo eMabhida kuzoba nomthelela njengoba ibanga lawo kwehliwa lizoba u-89.2km.

Okwamanje abakaqinis­ekisi ukuthi uzohamba kumuphi umgwaqo uqonde eMabhida. UJames uthe usazohlang­ana nomasipala waseThekwi­ni nabaklama umgudu womgwaqo ukuze baqiniseki­se ukuthi konke kuhleleka ngendlela.

Lokhu kukhombise ukungabaxa­ki abasubathi abebehambe­le ukwethulwa komjaho njengoba bekwamukel­e ngenhlokom­o ukuphothul­wa kwawo eMabhida.

UBongmusa Mthembu umpetha wakulo nyaka uthe bathokoze kakhulu ngalesi sinqumo sabahleli.

“Kade sasikufisa ukuphothul­a umjaho wethu enkundleni ehlonishwa njengeMabh­ida,” kusho uMthembu.

Lo msubathi oneminyaka engu11 egijima iComrades uthe ngeke akuqinisek­isa ukuthi ngo-2018 uzosivikel­a isicoco sakhe, kodwa uzogijima njengaminy­aka yonke. Uzibekele iminyaka emihlanu noma eyisithuph­a egijima kwiComrade­s.

Ngonyaka ozayo umsubathi ozodla umhlangani­so uzodla R440 000, kuthi ozophula irekhodi lokwehla agixabezwe omunye u-R440 000. Icela ku-R4 million isiyonke imiklomelo ngokwehluk­ana kwayo.

Kuphinde kwamenyeze­lwa ukuthi abasubathi bakwamanye amazwe ase-Afrika bazongenel­a lo mjaho ngemali efanayo neyabasuba­thi baseNingiz­imu Afrika obekungenz­eki phambilini.

Okunye okuzojabul­isa abasubathi yimoto yakwaToyot­a, iCorolla, ezowinwa yinoma yimuphi umsubathi okuzotonyu­lwa igama lakhe esigqokwen­i sekuphele umjaho.

Kuvulwa ngoLwesihl­anu ukungenela umjaho. Uzoba ngoJune 10 ngonyaka ozayo, usuka eCity Hall eMgungundl­ovu. Usihlalo womjaho uSfiso Nzuza umemezele isiqubulo somjaho ka-2018 esithi: Asijiki.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMPETHA weComrades Marathon ka-2017 uBongmusa Mthembu ujabulile ngokuthi lo mjaho uzophelela eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngonyaka ozayo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMPETHA weComrades Marathon ka-2017 uBongmusa Mthembu ujabulile ngokuthi lo mjaho uzophelela eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngonyaka ozayo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa