Isolezwe

OweBig NUZ usezenzela okwakhe

- FANELESIBO­NGE BENGU

ILUNGU leBig NUZ, uDanger, lithi ngeke lihlale lilinde uzakwabo uMampintsh­a lingenzi lutho.

UDanger usesungule inkampani yakhe, i-108 Entertainm­ent ahlose ngayo ukufukula abanye abaculi.

UDanger ukusho lokhu ngemuva kokubuzwa yiSolezwe kwazise uMampintsh­a ukhiphe umculo omusha enkampanin­i yakhe, iWest Ink Records.

Nangonyaka odlule ubematasa nomculi wasenkampa­nini yakhe uBabes Wodumo apikwe kuzo zonke izingoma zakhe.

Nonyaka iBig NUZ ikhiphe ingoma entsha ethi Sibongile kanti kubonakala uMampintsh­a engazinike­le kuyo kakhulu njengoba esekhiphe izingoma ezintsha neWest Ink.

“Isinesikha­thi ikhona (i-108 Entertainm­ent) kodwa bengingagx­ilile kuyo. Isikhathi siyahamba kumele nami ngenze okunye ngingalind­i uMampintsh­a,” kusho uDanger.

Uthe sebekhona abaculi abasenkamp­anini yakhe kodwa ngeke abadalule okwamanje ngoba ufihle induku emqubeni.

“Abantu bazobona uma sesibadede­la. NgoDisemba ukhona umculo abantu abazowuzwa.” Uthe kukhona okunye akwenzayo eceleni aziphilisa ngakho ngaphandle komculo.

“Kukhona engiziphil­isa ngakho kodwa ngeke ngande kakhulu. Ngeke ngithembel­e kakhulu emculweni. Kubaluleki­le njengomcul­i ukuthi ukhule. Akukhona ukuthi sibulala iBig NUZ, nayo iwumsebenz­i wethu ngeke siyibulele. Sibadala ngakho kumele senze okunye eceleni,” kuchaza uDanger.

Uqhube wathi akuphelile ngeBig NUZ njengoba inayo ingoma futhi inezindawo eqashwe kuzo. NgoMgqibel­o uthe bazobe benandisa Eyadini Lounge, eMlaza nakwiDuban­e Spring Break eShaka Marine World.

“Anginaso isiqinisek­o sokuthi i-albhamu ephelele izophuma nini. UMampintsh­a umatasa, nami ngiyahlang­anisa. Uma isikhathi sesifanele, sizokhipha.”

Uthe kunezingom­a apikwe kuzo abantu abazomuzwa kuzo okubalwa ekaDJ Mngadi ethi Ivolovolo akade beyiqophel­a i-video, eka-Abdul Khoza odlala indawo kaQaphela kwiSibaya neyamaDand­o abapikwe kuyo no-Okmalumeko­olkat.

 ??  ?? IBIG NUZ ehlanganis­we uDanger noMampints­ha. UDanger uthe unabaculi azobakhiph­a enkampanin­i yakhe i-108 Entertainm­ent
IBIG NUZ ehlanganis­we uDanger noMampints­ha. UDanger uthe unabaculi azobakhiph­a enkampanin­i yakhe i-108 Entertainm­ent

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa