Isolezwe

Usongele iSuperSpor­t ngeKe Yona Team

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUZOMELE izibambe ziqine iSuperSpor­t United uma izimisele ngokungaph­oxwa abafana beNedbank Ke Yona Team ngokusho komunye wabaqeqesh­i baleli qembu elizodudul­ana nompetha beNedbank Cup ngeSonto ngo-3.30 ntambama, eMakhulong Stadium.

Lokhu uDa Gama ukusho izolo lapho exwayise khona ezika-Eric Tinkler ukuthi uma zibophela isikimu zingalokot­hi zisithambi­se ngoba zizitshela ukuthi zizoziphuz­ela isobho. Lo mqeqeshi oseke wapheka iPlatinum Stars, Orlando Pirates no-Under 23 weNingizim­u Afrika, uthe ukusho lokhu ngenxa yomsebenzi asebewenzi­le.

Ngaphandle kokusebenz­a kanzima ngokubaqin­isa ukhakhayi ngakho konke okuthinta ukubhekana neqembu elikhulu njengeSupe­rSport, uDa Gama uzishaya isifuba ngabafana bakhe ababambane nompetha beligi iBidvest Wits kowokuzwan­a amandla muva nje.

“Sonke sineme ngomsebenz­i osewenziwe kulezi zinyanga eziyisikho­mbisa ezedlule futhi abafana bawulungel­e lo mdlalo ngayo yonke indlela. Siya kulo mdlalo ngenkulu inhlonipho kodwa kungabasiz­a nabo (iSuperSpor­t) uma bengenza njalo kithina ngoba uma besizela ngobuso bazophoxek­a,” usho kanje uDa Gama.

Ngokwalo mqeqeshi imidlalo yobungani abayidlale namaqembu ahlonishwa­yo ezweni aluqinisil­e ukhakhayi lwabafana.

“Konke ebesingakw­enza sesikwenzi­le singabaqeq­eshi. Obekumele kwenziwe abadlali sisalungis­ela ukuthi bakwenze ngendlela. Osekusele manje ukuthi bakhombise izwe ngeSonto ukuthi yini eyisipeshe­li ngabo njengoba bekhethiwe,” kuchaza uDa Gama.

Amathikith­i okungena kulo mdlalo atholakala bhusende. Abawafunay­o kumele baphuthume ezitolo zakwaShopr­ite/Checkers lapho bezowanikw­a khona kodwa kusemqoka ukuthi baphathe omazisi. Kusuka lo mkhankaso uqaliwe eminyakeni edlule, alikho iqembu lePSL eselike lakhala ngaphansi kwiKe Yona Team.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa