Isolezwe

Amakhosi ancoma abalandeli kwiNgqwele

- CHARLES KHUZWAYO

AMAKHOSI abehambele umcimbi weNgqwele kaMaskandi eWorkshop Centrum Park, eThekwini, ngoMgqibel­o awawuvali umlomo ngobumbano lwabalande­li nabaculi.

Inkosi uMthokozis­i Mathaba yaseMacamb­ini ibonge kakhulu ukuziphath­a kwabalande­li.

“Kuhambe kahle kakhulu futhi siyabonga ngobumbano kubalandel­i bakamaskan­di. Kube kuhle kakhulu impela,” kusho uMathaba.

Inkosi yaseMthunz­ini uThanda Mzimela nayo ihambe emazwini enkosi uMathaba.

“Ukuziphath­a kahle kwabantu kuthokozis­e kakhulu. Nokubona nje abaculi nabalandel­i bakhombisa ubumbano kube ngenye yezinto ezibe zinhle ngalo mcimbi,” kuphawula inkosi uMzimela.

Amakhosi atheleke emcimbini ephelezelw­a ngamanye amalungu aseNdlunku­lu nawezizwe zawo.

Amakhosi akhulume kanje ngenxa yokuthi kweminye imicimbi yomculo kamaskandi aseke abhekana nengwadla ngendlela yokungazip­hathi kahle kwabalande­li. Komunye wemicimbi owawuseCur­ries Fountain Stadium, eThekwini kwaphuma isidumbu ngemuva kokudubula­na kwabalande­li kanti komunye owawuse ICC, eThekwini kwalimala izicabha zengilazi.

Yingakho izikhulu zalezi zindawo zaze zathatha isinqumo sokuvala imicimbi kamaskandi ngenxa yodlame obeluqubuk­a khona.

Umcimbi weNgqwele kaMaskandi ubuyise ithemba kubaxhasi nabanikazi bezindawo okuba khona kuzo imicimbi.

Emcimbini wangoMgqib­elo bekushiyel­ana inkundla oMjikijelw­a, Khuzani, Igcokama Elisha, Amageza Amahle, Osaziwayo, Qhoshangok­wenzakwakh­e, Imfezemnya­ma, Indodakazi Yentandane noBahubhe. INgqwele kaMaskandi kwaba ngaMageza Amahle aseholwa nguPotso Ngobese noNsimbi Hlabisa. ITHEMBA KWI-BAFANA BAFANA YIZE ILAHLE AMAPHUZU Smanga Zulu: Nami ngisenalo ithemba. Ukudlala umdlalo engagculis­i beshaywa akusho ukuthi abasakwazi ukudlala ibhola. Ukukhuluma iqiniso nje ababanga nomdlalo omuhle, bonke futhi abadlali beBafana kodwa ngiyacaban­ga notshani bokufakelw­a baba nomthelela ekudlaleni kwabo. Uzobona namhlanje sizoyithel­a induku leCape Verde yakhona.

Ford Ranger: Eyi ngazuthi kwabona laba badlali abakwazi kwakona nje ukudlala. Kunini nje lokhu sithi abaqeqeshi?

ZIBULEWE ZASIKWA IZINDLEBE IZINGANE ZANDAWONYE

Buhle Zungu Emandeni: Kodwa ngikhala ngomakhelw­ane ngoba izingane zambikela ngomuntu ofika azibophe abuye aziqaqe. Angimbali unina wazo uyimpunzi futhi akazenzi.

Kodwa noma engangaziw­a umbulali kodwa ngiwubekil­e unembeza.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa