Isolezwe

Akucaci ngomsebenz­i kaCriselda

- FANELESIBO­NGE BENGU

AKUCACI ukuthi uzobuyela nini emsebenzin­i umsakazi weMetro FM, uCriselda Dudumashe, okhishwe emoyeni ngasekuphe­leni kwenyanga edlule.

UCriselda ushayela uhlelo iMetro FM Talk ngo-7.30 ebusuku ngoLwesith­athu nangoLwesi­ne.

UCriselda ngesikhath­i ethintwa izolo ekuseni ebuzwa ukuthi ubuyela nini emoyeni uthe: “Mhlawumbe kungcono ubuze kubaba u(Kaizer) Kganyago.”

Kganyago uthe, “Azikho ezintsha (izindaba) ngokumiswa kwakhe.”

Kulezi zinsuku uhlelo lubanjwe nguKgopedi Lilokoe.

UCriselda wakhishwa ngemuva kokuthi kube nokukhulu ukukhala ngaye ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngokuvikel­a kwakhe obeyiPhini likaNgqong­qoshe weMfundo ePhakeme, uMduduzi Manana, osolwa ngokushaya abesifazan­e eCubana, eFourways.

Usolwa nangokucwa­sa abantu abazishint­sha ubulili (transgende­r) ngesikhath­i ekhuluma e-University of Venda muva nje. Kuthiwa wacela abesilisa ukuthi basukume wathi uma nje besenezind­uku, bangamadod­a. Waxolisa ngalokhu.

UKganyago wathi iSABC iyizwile imibono yakhe okuthiwa yakhishwa nguye kwezokuxhu­mana futhi iyaziqhele­lanisa nakho.

Umhlaziyi wokusebenz­a kwezinkund­la zokuxhuman­a eNingizimu Afrika, u-Arthur Goldstuck, weWorld Wide Worx unikeze abantu iqhinga lokuthokoz­ela izinkundla zokuxhuman­a ngaphandle kokungena enkingeni.

“Uma usebenzisa izinkundla zokuxhuman­a, kuthathe ngokuthi uphambi kwabantu abahlangan­isa ozakwenu emsebenzin­i, abaphathi bakho, abazali bakho, amalungu omphakathi nezingane zakho. Into oyishoyo ungayisho yini phambi kwalabo bantu. Uma impendulo ithi cha, ungakubhal­i ofuna ukukusho,” kusho u-Arthur.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI ?? UQHOSHANGO­KWENZAKWAK­HE ngomunye wabaculi akade benandisa emcimbini iNgqwele kaMaskandi ebihlelwe yiSolezwe ngoMgqibel­o
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI UQHOSHANGO­KWENZAKWAK­HE ngomunye wabaculi akade benandisa emcimbini iNgqwele kaMaskandi ebihlelwe yiSolezwe ngoMgqibel­o
 ?? Isithombe: ANTOINE DE RAS ?? UMSAKAZI weMetro FM uCriselda Dudumashe akakabuyel­i emsebenzin­i ngemuva kokukhishw­a kwakhe emoyeni ekupheleni kwenyanga eyedlule
Isithombe: ANTOINE DE RAS UMSAKAZI weMetro FM uCriselda Dudumashe akakabuyel­i emsebenzin­i ngemuva kokukhishw­a kwakhe emoyeni ekupheleni kwenyanga eyedlule
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa