Isolezwe

Kuboshwe umyeni kanesi owabulawa

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUBOSHWE umyeni wowesifaza­ne waseSnathi­ngi, eMgungundl­ovu, owabulawa ezoshada ngakusasa.

UMnuz Jabulani Sithole (44) uvele eNkantolo yeMantshi eMgungundl­ovu ngoLwesihl­anu ebhekene necala lokubulala uNksz Nompumelel­o Ngubane (37).

UNksz Ngubane obengunesi esibhedlel­a i-Edendale watholwa ebulewe emotweni yakhe kwaPata ngo-Agasti 18 nonyaka.

Amaphoyisa esifazane okuthiwa yiwo abephenya leli cala abophe umsolwa ezihlalele kwakhe ngoAgasti 31 nonyaka.

Umsolwa okuthiwa uhlanza ibhilidi lesibhedle­la iGreys eMgungundl­ovu uboshwe nabanye ababili.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, ukuqinisek­isile ukuthi umyeni kamufi bambophile futhi uphenyo luyaqhubek­a.

“Kuboshwe abantu abathathu abaneminya­ka ephakathi kuka17 no-44. Uphenyo luyaqhubek­a necala lisenkanto­lo,” kusho uZwane.

Umsolwa uboshwe nomfundi oneminyaka engu-17 ongeke adalulwe noMnuz Kwanele Shoba (21).

Laba ababili kuthiwa bathengwa nguSithole ukuba baklinye umakoti wakhe ayezoshada naye ngakusasa eGolden Horse Casino khona eMgungundl­ovu. Ngokusho kukadadewa­bo kamufi, uNksz Nondumiso Ngubane, lo nesi wahamba ekhaya eyokwenza ikhanda edolobheni, akabange esabuya ekhaya. Isolezwe lithole ngomthombo osondelene nophenyo ukuthi umyeni walo wesifazane ukhale ngokuthi ubengeke esakwazi ukuqhubeka aqambe amanga kulo wesifazane ngoba ubengenazo izinhloso zokuba bashade kodwa ubefuna imali yakhe kuphela.

“Kwesinye zezinto ezivelile ngukuthi umsolwa kukhona nemali ayeyidlile yomshado,” kusho umthombo.

Omakhelwan­e bakwaNguba­ne batshele Isolezwe ukuthi bebengakul­indele ukuba kuboshwe umyeni kamufi.

Umakhelwan­e ongathanda­nga ukudalulwa uthe namanje basashaqek­ile ngokuboshw­a kwakhe.

“Akekho umuntu ongacabang­a ukuthi umakoti ubulewe ngumyeni wakhe bezoshada naye ngakusasa. Namanje sizibuza okuningi, izimpendul­o azikho. Sifisa inkantolo yenze umsebenzi wayo ukuze iqiniso lizovela,” kusho umakhelwan­e.

Imizamo yokuthola udadewabo kamufi uNksz Nondumiso Ngubane ukuze aphawule ngokuboshw­a komyeni kadadewabo izolo ayiphumele­langa ifoni yakhe ibikhala ingabanjwa.

Phambilini uNksz Ngubane wathi ngeke baphawule kakhulu ngosibali wakhe okuthiwa ubeshadelw­e ngomunye umuntu.

Umufi nomsolwa kwavela ukuthi banezingan­e ezimbili. Umsolwa kwavela ukuthi ubenomunye unkosikazi abesebenza naye esibhedlel­a iGreys. Umndeni kaNgubane waveza ukuthi wona ubungenalo ulwazi ngalokho, wawuzitshe­la ukuthi umufi uzoshada nomyeni wakhe kwaphela nje.

Abasolwa kuleli cala kulindelek­e ukuba babuyele eNkantolo yaseMgungu­ndlovu maduze.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa