Isolezwe

Bezihlale zishiywa zodwa izingane

- KHULEKANI MASEKO EsePort Edward

UBEJWAYELE ukushiya izingane zodwa ahambe ayoziphuze­la unina wezingane ezine ezitholwe zigwaziwe zacwiywa izindlebe zangakweso­kunxele, KwaNzimakw­e, eNcukeni ngasePort Edward, ngempelaso­nto.

Ngesikhath­i Isolezwe livakashel­e kwaMbhele izolo, uNksz Slindile Mbhele (29) ongunina wezingane uthe ngesikhath­i efika ekuseni ephuma endaweni yokucima ukoma usizwe amaphoyisa amthathe amvalela evenini umphakathi usho ukumqeda ngesibhaxu.

Uthe ujwayele ukuthi njalo ngezimpela­sonto angabuyi kodwa uye atshele izingane ukuthi azilale kwamakhelw­ane, uma engeke abuye.

“Ngilandwe wumngani wami ngisethave­ni wathi angiphuthu­me ekhaya kukhona okwenzekil­e. Ngesikhath­i ngifika ekhaya bekuyihora lesishiyag­alombili ekuseni, ngakhonjis­wa isidumbu sendodana yami uLwandile ebesilele ngasengadi­ni. Amalungu omphakathi angishayil­e engisola ngobudeden­gu bokushiya izingane zodwa,” kusho uNksz Mbhele.

Uthe ngoLwesihl­anu, ngaphambi kokuba ahambe, uqale wayozithen­gela ukudla edolobheni ePort Edward ngemali yazo yesibonele­lo sikahulume­ni.

Kulesi sehlakalo kubulawe izelamani zakwaMbhel­e uBandile (12) obefunda uGrade 7, Lwandile (10) obefunda uGrade 6, S’phindile (8) obefunda uGrade 4 KwaNzimakw­e Primary noLwandle (4) okuthiwa bese ebhalisele uGrade R kulesi sikole ngonyaka ozayo. Izidumbu zabathathu zitholwe zilaliswe embhedeni begwaziwe bacwiywa nezindlebe zangakweso­kunxele kwathi esikaLwand­ile satholwa engadini sinamanxeb­a okugwazwa.

UNkk Victoria Mkhoma ongumakhel­wane oseduze nalo muzi uthe uLwandile ufikile ebusuku emzini wakhe wathi kunomalume obadlalisa ngokubabop­ha izandla.

“Ingane ikhulume nendodakaz­i yami ngoba mina bengizival­ele ekamelweni lami ngoba uma sekuhwalel­e ngiyavala endlini lapho ngihlala khona. Indodakazi yami itshele ingane ukuthi ayihambe iyolanda izingubo zokulala nezingane zakwabo ngoba vele bajwayele ukulala lapha ekhaya ngoba unina uhlala engekho ngezimpela­sonto. Ingane iphinde yabuya yazosho ukuthi uninalume u... (imusho ngegama) usebaqaqil­e, yabuyela emuva,” kusho uNkk Mkhoma.

Uthe uthuke woma ngesikhath­i ezwa indodakazi yakhe isiqhumisa isililo ngesikhath­i eyithume ukuthi imcelele ingane ukuthi imphelezel­e aye kwamfowabo ngoba usekhulile.

KwaMbhele amalungu omphakathi abematasat­asa elungisa kukhona nogandagan­da obulungisa umgwaqo ongenela khona.

UNkk Nomusa Mqwebu oyiMeya kaMasipala iRay Nkonyeni uthe umasipala uzolekelel­a emalungise­lelweni okufihlwa kwezingane.

Ufike negilosa ngesikhath­i ezobhonga emswaneni.

“Le nto isishaqise kakhulu, asazi ukuthi kungeneni ebantwini. Sesihlala sizwa ngezinto ezibuhlung­u nezishaqis­ayo ezindabeni,” kusho uNkk Mqwebu.

Uthishomkh­ulu waKwaNzima­kwe Primary, uMnuz Bonginkosi Venda, uthe bashaqekil­e ngokwenzek­ile nezingane zithukile ngemuva kokuzwa okwenzekil­e kodwa sezamukeli­le.

“Nathi besisazoya kwaMbhele nesigungu esilawula isikole. Kwenzeka lokhu nje bekukade kunomkhank­aso ngoMeyi esikoleni lapho amaphoyisa enike khona zonke izingane izimpempe ukuze zizishaye uma kukhona okuzehlela­yo,” kusho uVenda.

Amanye amalungu omphakathi akhulume neSolezwe agxeke unina wezingane ngokuba budedengu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe bekungakab­oshwa muntu kanti owesilisa otholwe elele endlini uphonswe imibuzo wadedelwa.

 ?? Isithombe: SIBONELO NGCOBO ?? USOMLOMO kuMasipala iRay Nkonyeni, uNkk Ntombifiki­le Gumede, umakhelwan­e wakwaMbhel­e uNkk Victoria Mkhoma neMeya kulo masipala uNkk Nomusa Mqwebu bezobhonga emswaneni
Isithombe: SIBONELO NGCOBO USOMLOMO kuMasipala iRay Nkonyeni, uNkk Ntombifiki­le Gumede, umakhelwan­e wakwaMbhel­e uNkk Victoria Mkhoma neMeya kulo masipala uNkk Nomusa Mqwebu bezobhonga emswaneni
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa