Isolezwe

Uncamele ukufa umfundi oyekiswe u-matric emuva kokugula

- ZANELE MTHETHWA

UMNDENI womfundi ka-matric ozibulele usola ubuhlungu bokuyekisw­a ukufunda ngoba kuthiwa akabuyele ngonyaka ozayo esikoleni.

UScelo Cedric Madlala (18), waseKlaarw­ater obefunda e-Overport Secondary eThekwini, ubengcwats­hwa ngoMgqibel­o emuva kokuzileng­isa kubo. Kuthiwa abazali bakhe bathole ngenyanga edlule ukuthi ubengasavu­nyelwa ukungena ekilasini ngenxa yokuthi waphuthwa yizifundo egula.

Unina, uNkk Thobile Madlala uthe ibuhlungu inhliziyo yakhe ngendlela ezibulele ngayo indodana yakhe. Uthe umufi wagula ngethemu yokuqala, waquleka esikoleni wabuyiswa.

“Samyisa esibhedlel­a walala isonto wabuye wahlala inyanga ekhaya engakalula­mi kahle. Odokotela bathi ababoni lutho ngaphandle kokuthi umqondo uyaphamban­a. Esephuma esibhedlel­a samyisa kubantu besintu bamelapha, wangcono,” echaza.

UNkk Madlala uthe esikoleni bebazi ngokugula kwengane ngoba yaquleka khona esikoleni. Uveze ukuthi ngethemu yesibili ingane yamtshela ukuthi kuthiwa kumele iqale kahle ngonyaka ozayo esikoleni ngoba isisale kakhulu ezifundwen­i.

“UScelo ayimphatha­nga kahle le ndaba ngoba wayezimise­le ngokuthi aqede kulo nyaka esikoleni. Ngethemu yokuqala wafeyila isifundo esisodwa. Uqhubekile nokuya esikoleni ngaze ngezwa ngezingane ukuthi akasavunye­lwa ukungena emakilasin­i. Bengimshiy­a egqokela ukuya esikoleni mina sengiyoday­isa ekuseni,” kusho uNkk Madlala.

Utshele Isolezwe ukuthi uze waya esikoleni ngoAgasti 15 eyozwa ngodaba lwendodana yakhe. Othisha bamtshele ukuthi kade kwathunyel­wa incwadi yokuthi umufi afike nomzali ngoba ubesedlulw­e yizifundo. Uthe bamtshele ukuthi ngenxa yokusilela kakhulu kukamufi sekumele abuyele ngonyaka ozayo esikoleni. Kuthiwa umfundi wagcina ngalolo suku esikoleni kodwa elokhu ebalisa ngalolu daba. “Wafike ekhaya wangitshel­a ukuthi uncamela ukufa kunokuyeka isikole. Anginakang­a ukuthi usho ukuthi uzozibulal­a ngoba ngaze ngamelulek­a ngokuthi abekezele. Nakubangan­i bakhe kuthiwa ubelokhu ebalisa efuna ukubuyela esikoleni.” Isidumbu sikaScelo satholakal­a silenga ekhishini lakubo ngo-Agasti 21. Kuthiwa ekuseni wathi izingane zakubo azisheshe zihambe ziye esikoleni, wasala yedwa. Izingane zakubo ezineminya­ka eyisishiya­galombili neshumi, zamthola elenga zibuya esikoleni.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe bayazwelan­a nomndeni womfundi. Uthe bazocela umbiko ophelele esikoleni ukuze bathole ukuthi udaba lukamufi lusingathw­e ngokufanel­e yini.

UColonel Thembeka Mbhele okhulumela amaphoyisa esifundazw­eni uthe kuvulwe idokodo ngokuzibul­ala komfundi.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa