Isolezwe

Uthishanhl­oko uboshwe kwelokubul­ala

- NONTUTHUKO NGUBANE

BAPHENDUKE umhlambi kazalusile othisha nabafundi besikole iGasa High oLundi ngemuva kokuboshwa kukathisha­nhloko osolwa ngokubulal­a iphoyisa nokuzama ukubulala usomatekis­i.

UMnuz Mlungisi Gasa (33) kulindelek­e ukuba acele ibheyili ngoLwesine enkantolo yeMantshi eVryheid.

UGasa noMnuz Vilakazi (32), igama elingathol­akalanga, basolwa ngokubulal­a uConstable Fana Cebekhulu (34) nokuzama ukubulala uMnuz “Mlungu” Zakwe (54).

UCebekhulu owayeseben­za esiteshini saKwaNongo­ma wadutshulw­a ngenyanga edlule egitshelis­we nguZakwe emotweni kanti bazohlasel­wa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe bobabili bagcinwe ezitokisin­i.

“Kwaboshwa abasolwa ababili abaneminya­ka ewu-32 no-33. Bavela enkantolo, icala lahlehlise­lwa uLwesine ukuze befake isicelo sebheyili,” kusho uMbhele.

Isolezwe lithole ukuthi kwakusetsh­enziswa imoto kaGasa ngelanga okwahlasel­wa ngalo.

UGasa kuthiwa akayena usomatekis­i kodwa kunomfowab­o owayenetek­isi eyodwa kule ndawo kodwa wagcina eyidayisil­e.

Kuthintwa okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazw­eni, uMnuz Sihle Mlotshwa, mayelana nesimo sesikole nokuboshwa kukathisha­nhloko uthe banalo ulwazi ngalesi simo. “UMnyango uzothumela umuntu ozoya kobhekelel­a isikole njengoba kunecala elikhona. Kukhona nophenyo lwethu esizolwenz­a sihlangene nesigungu sabazali kodwa ngokunye sizodedela inkantolo yenze umsebenzi wayo,” kusho uMlotshwa. Izolo uZakwe utshele Isolezwe ukuthi uyajabula kakhulu ngababoshi­we, wathi uyathemba ubulungisw­a buzokwenzi­wa. “Namanje ngisekubha­ceni ngoba angazi ukuthi ngiphephe kangakanan­i. Angazi noma ngizokwazi yini ukuya ecaleni ngoLwesine,” kusho u Zwakwe. Laba babehamba ngeveni yalo somatekisi. Iphoyisa lacela ukuba aligibelis­e ngoba bahlala ngandawony­e.

Ngesikhath­i bemi ezimpamban­weni zomgwaqo, kwaqhamuka amadoda amathathu avulela ngenhlamvu.

UZakwe washayela imoto yakhe waze wangena esiteshini samaphoyis­a oLundi amadoda elokhu ebalandela ngenhlamvu.

Kukhona owayehamba emgwaqweni naye owadubulek­a, waphuthuny­iswa esibhedlel­a.

UZakwe wadubuleka emlenzeni yomibili, ngezansi kwesibele nasengalwe­ni.

Uthe useluleme. Ngemuva kokuhlasel­wa waveza ukuthi kwakuhlosw­e yena, iphoyisa ladubuleka ngephutha.

Lokhu wathi ukusho ngoba kulo nyaka okwesithat­hu edutshulwa kodwa esinda.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa