Kusolwa izidakamizwa kumfundi ogwaze othisha
KUSOLWA izidakamizwa kumfundi ogwaze othisha ababili amanxeba ayisikhombisa eTshanibezwe High, eBergville, ngoLwesine olwedlule.
Lo mfundi owenza uGrade 11 kuthiwa ubefika kulesi sikole njengoba ebehlala eGoli.
Izolo izikhulu zomnyango ebezimele inhloko yomnyango uDkt Vusumuzi Nzama zihambele lesi sikole ziyothola ngokwenzekile.
Umthombo weSolezwe, ocele ukungavezwa, uthe lo mfundi ubephuma ezindlini zangasese ngesikhathi unogada embuza ukuthi kungani engekho ekilasini ekubeni kufundwa.
Uthe ube esemyalela ukuthi akhumule isigqoko, wanqaba wamyisa ekilasini afunda kulona wafica uthisha efundisa.
“Uthisha ube esethi akakhumule isigqoko, wanqaba wayiswa kwi-Head of Department e-staffroom okuyilapho imyalele ukuthi akhumule isigqoko, wanqaba.
Udonse ummese wagwaza i-HOD inxeba elilodwa, omunye uthisha obezama ukulamula wamgwaza amanxeba ayisithupha ekhanda,” kusho umthombo.
Uthe lo mfundi nabanye babanjwa bephethe umthunzi wezinkukhu kanti bebelulekwa ngosonhlalakahle ngobungozi bezidakamizwa.
“Sisola ukuthi ubephethe insangu. Uyafika kulesi sikole njengoba wake wafunda kwesinye isikole enza u-matric, wafeyila wabe eseya eGoli. Ubebuyele kwaGrade 11 eTshanibezwe.”
Okhulumela umnyango wezemfundo esifundazweni, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe ithimba lo mnyango lifike laqinisa othisha idolo labazisa ukuthi umnyango uyabeseka kukho konke.
Uthe bayazwelana nothisha abalimele wathi indaba yezokuphepha ezikoleni ithinta umphakathi wonke.
Unxuse umphakathi ukuthi usondele ezikoleni ukuze othisha baqine idolo.
Okhulumela amaphoyisa, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuphenywa amacala amabili okushaya ngenhloso yokulimaza.