Zisahlukene phakathi izifunda ze-ANC
AKUCACI okwamanje ukuthi izifunda ze-ANC KwaZuluNatal zihamba nobani phakathi kukaDkt Nkosazana Dlamini Zuma nembangi yakhe enkulu uMnuz Cyril Ramaphosa njengoba kuyiwa engqungqutheleni yokukhetha obuholi obusha ngoDisemba.
Zingu-11 izifunda ze-ANC esifundazweni iningi lazo ezikhulume naleli phephandaba kuvela ukuthi zihlukene phakathi.
Sisodwa isifunda lapho uDlamini Zuma ezihambela yedwa khona nokuyiHarry Gwala lapho ezalelwe khona.
USihlalo wesifunda iKwaDukuza, uMnuz Ricardo Mthembu ophinde abe yiMeya yaKwaDukuza, uthe yize udaba lobuholi bengakaluxoxi kodwa ngokuhamba nokuzwa, ngathi amagatsha amaningi esifundeni sabo ahamba noDlamini Zuma.
Isifunda esikhulu kunazo zonke iTheku kade saphumela obala sathi seseka uDlamini Zuma.
Kodwa kuyaziwa eThekwini ukuthi kunamalungu amaningi aKhongolose anganeme ngemiphumela yengqungquthela yaseThekwini neyesifundazwe aseka uRamaphosa.
Iningi lalawo malungu ahamba nohlangothi lukaMnuz Senzo Mchunu noMnuz James Nxumalo olwakhala ngaphansi ezingqungqutheleni.
UNobhala we-ANC eLower South Coast, uMnuz Mzwandile Mkhwanazi, uthe yize amagatsha abo engakayixoxi eyokuthi aseka bani kodwa yena uhamba noRamaphosa. “Okwamanje simatasa nohlelo lokucwaningwa kobulungu ukuze kuhlaliswe amagatsha ngaphambi kokuba kuhlaliswe ingqungquthela yesifunda,” kusho uMkhwanazi.
ILower South Coast isanda kunqindwa amandla wubuholi besifundazwe ngemuva kwezikhalo zokuthathiswa kobulungu kulesi sifunda. UMkhwanazi uthe isinqumo sokunqindwa amandla basidlulisele esigungwini se-ANC kuzwelonke, wengeza ngokuthi basalinde isinqumo.
Abantu abaningi bahumushe isinqumo sokunqinda amandla iLower South Coast njengemizamo yokukhinyabeza umkhankaso kaRamaphosa KwaZulu-Natal njengoba kusolwa ukuthi lesi sifunda sihamba naye.
Esifundeni uKhahlamba khona kunomsindo njengamanje njengoba kukhona amalungu afuna ubuholi besifunda buhlakazwe ngoba bebusola ngomkhonyovu.
UMnuz Thulani Sibeko oke waba iMeya yasoKhahlamba uthe abaneme ngendlela ubuholi besifunda obenza ngayo izinto ikakhulukazi njengoba kulungiselelwa ingqungquthela yesifunda. “Kuhlaliswa amagatsha isibalo singavumi, kanti futhi kukhishwa namagama abantu kumqulu wamalungu ngendlela engaqondakali, uma sibuza ukuthi amagama akhishwa ngubani, ubuholi besifunda busitshela ukuthi asibuze uNobhalaJikelele uMnuz Gwede Mantashe ngoba wenza ucwaningo,” kusho uSibeko.
UNobhala wasoKhahlamba uMnuz Sipho Hlomuka uphikile ukuthi abahambisi ngendlela izinhlelo njengoba belungiselela ukuhlala kwengqungquthela yesifunda.
UHlomuka uthe indaba yengqungquthela kaDisemba bebengakayixoxi. Uthe ngeke akwazi ukusho ukuthi isifunda sabo seseka bani phakathi kukaRamaphosa noDlamini Zuma.
Isifunda Abaqulusi sihlukene kathathu njengoba kukhona amagatsha aseka uRamaphosa, uDlamini Zuma noDkt Zweli Mkhize.
OPhongolo kunegatsha elisanda kumemezela ukuthi leseka uMkhize kwesikamengameli laveza nokuthi limatasa lixoxa namanye amagatsha ukuthi aseke umbono walo.
UNobhala we-ANC KwaZuluNatal, uMnuz Super Zuma, uthe inkundla yokuxoxa eyobuholi mayelana nengqungquthela kaDisemba ibingakavulwa.