Isolezwe

Wesekwa nguSotsweb­hu uRamaphosa

- INTATHELI YESOLEZWE ANA

USOTSWEBHU we-ANC ePhalamend­e, uMnuz Jackson Mthembu, usephumele obala wathi izinsolo zocansi ezibhekisw­e kwiPhini likaMengam­eli uMnuz Cyril Ramaphosa, yimpi nje yezepoliti­ki.

UMthembu ubhale ku-twitter wakhe wathi umbiko ophume kwabezinda­ba ngeSonto othi uRamaphosa uthandana nabesifaza­ne abehlukene abasebanca­ne yimizamo yokuphazam­isa umkhankaso wakhe njengoba egaqele isikhundla sokuba ngumengame­li.

“Ngiyazwela­na nenkosikaz­i nomndeni kaRamaphos­a, bahlukumez­ekile ngenxa yalobu buzimu bepolitiki,” kubhala uMthembu ku-twitter.

UMthembu uthe uyazwelana futhi nabesifaza­ne abasaphazw­e kwabezinda­ba kwathiwa bathandana noRamaphos­a.

“URamaphosa ushayelwa ukuzibophe­zela kwakhe ekuhlengen­i i-ANC nohulumeni ezinkingen­i obhekene nazo, okubalwa kuzo ukuthathwa kwamandla ombuso nenkohlaka­lo,” kusho uMthembu.

Uthe uRamaphosa usephenduk­e isitha kulabo abathintek­ayo ekulawulwe­ni kombuso yidlanzana.

UMthembu uthe uzoqhubeka nokweseka uRamaphosa emkhankasw­eni wakhe wokuba ngumengame­li we-ANC wengeza ngokuthi noma angangcoli­swa kanjani lokho ngeke kuze kumshintsh­e umqondo.

URamaphosa eziphendul­ela uvumile ukuthi uyazana nabanye besifazane okukhuluny­wa ngabo kodwa waphika ukuthi ujola nabo.

Uthe yena nenkosikaz­i yakhe basiza abesifazan­e abaningi abafunda emanyuvesi ehlukene ngezimali.

URamaphosa uhluleke wancama wukuvimba i-Sunday Independen­t, okuyiyo evuse inyamazane, ukuthi ingalushic­ileli udaba olumhlamba­lazayo.

Esitatimen­deni esithunyel­elwe abezindaba, uRamaphosa uthe ziyamkhath­aza izinsolo ezithi udiza ngemali kwabesifaz­ane okuthiwa uthandana nabo.

 ??  ??
 ??  ?? USOTSWEBHU we-ANC ePhalamend­e, uMnuz Jackson Mthembu, osephumele obala wathi usazoqhube­ka nokweseka iPhini likaMengam­eli uMnuz Cyril Ramaphosa esikhundle­ni sikamengam­eli yize sekuphume izinsolo ezibeka kabi igama lakhe
USOTSWEBHU we-ANC ePhalamend­e, uMnuz Jackson Mthembu, osephumele obala wathi usazoqhube­ka nokweseka iPhini likaMengam­eli uMnuz Cyril Ramaphosa esikhundle­ni sikamengam­eli yize sekuphume izinsolo ezibeka kabi igama lakhe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa