Isolezwe

I-DA idlala ngesikhath­i ngesiphaka­miso sokhetho

- MHLENGI SHANGASE

NJENGOBA namhlanje kudingidwa isiphakami­so se-DA ePhalamend­e sokuthi kusheshe kube nokhetho lukazwelon­ke kungaze kulindwe u-2019, abahlaziyi bathi isiphakami­so ngeke siphumelel­e, i-DA idlala ngesikhath­i.

Abahlaziyi bathi njengoba kwahluleka ivoti eliyimfihl­o lokukhipha uMengameli Jacob Zuma esikhundle­ni, nesiphakam­iso ngeke siphase.

UMnuz Thabani Khumalo, umhlaziyi wezepoliti­ki, uthe ngisho amaqembu aphikisayo ahlukene phakathi ngesiphaka­miso ngakho ngeke siphase.

“Amaqembu ahluleka ukukhipha i-ANC ngevoti ngakho lesi sokusheshe kubizwe ukhetho sizohlulek­a futhi. I-DA idlala ngesikhath­i ngoba iyazi ngeke siphumelel­e isiphakami­so sayo. Yenza izaba nje zokuthi isaqhubeka nokufuna ukukhipha i-ANC emandleni,” kusho uKhumalo.

UMnuz Lukhona Mnguni, wenyuvesi yaKwaZulu-Natal, uthe umnyakazo we-DA ngeke uphumelele ngoba maningi amaqembu azolahleke­lwa wukwesekwa uma kuhlakazwa iPhalamend­e.

Uthe amanye amaqembu afana ne-NFP, Agang, APC angashabal­ala uma kuba nokhetho. “Phakathi kwamaqembu angalahlek­elwa yizihlalo ePhalamend­e kubalwa nayo i-ANC. Njengoba yathola u-62% okhethweni olwedlule uma ngase kubizwe lolu khetho mhlawumbe ingathola u-57% okusho ukuthi amanye amalungu ngeke esabuyela ePhalamend­e.”

Uthe amaqembu angathola ukwesekwa uma kubizwa lolu khetho i-DA, EFF, IFP ne-UDM.

“Njengoba i-DA yenza yonke le mizamo amanye amalungu ayo angagcina ecikeka bese eyishiya. Uma ubheka amanye amalungu asolwa ngokuvota namaqembu aphikisayo ngenyanga edlule, okubalwa kuwonoMakh­osi Khoza (Dkt) kuFacebook ukubeka kucace ukuthi ngeke bavumelane nesiphakam­iso se-DA.”

“I-DA wosomathub­a, iyazi i-ANC intekentek­e ingakho ifuna ukubuyisel­a umbuso wabamhloph­e ngemizamo yokuthi kube nokhetho. Asikwazi ukuvotela ukukhipha i-ANC emandleni kodwa sifuna ukuqeda inkohlakal­o,” kusho uDkt Khoza kuFacebook wakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa