Isolezwe

Kukhishwa amazambane abolile kowezaseKh­aya

- KHULEKANI MASEKO

UTHELA izithelo umkhankaso woMnyango wezaseKhay­a namaphoyis­a wokulwa nenkohlaka­lo kulo mnyango KwaZuluNat­al. Sekuboshwe abantu abayisikho­mbisa abasolwa ngokwenzel­a abokufika izitifiket­i zokuzalwa ngokungemt­hetho.

Izolo kuvele enkantolo isikhulu salo mnyango esineminya­ka engu-57 esiboshwe Olundi ngoLwesihl­anu. Kusolwa ukuthi lesi sikhulu senzela ingane engeyokufi­ka isitifiket­i sokuzalwa ngokungemt­hetho ngo-2015. Ngokwenza lokhu ingane sayenza isakhamuzi sakuleli ngokungemt­hetho.

Amaphoyisa athi asalindele ukubopha abanye abasolwa ngoba umkhankaso wawo usaqhubeka.

Emkhankasw­eni oqale ngoAgasti 18 waphothulw­a ngoSepthem­ba 1, sekuboshwe abasebenzi bomnyango abane nabokufika abathathu abathintek­a kule nkohlakalo.

Baboshwe eMzimkhulu, Bulwer nasoLundi.

Okhulumela oKlebe KwaZuluNat­al, uCaptain Simphiwe Mhlongo, ukuqinisek­isile ukuboshwa kwabasolwa kusukela kuqale umkhankaso. Ngesikhath­i kuqala umkhankaso kwaboshwa umabhalane wasehhovis­i laseMzimkh­ulu osolwa ngokungala­ndeli imigudu efanele ngesikhath­i enzela owokufika isitifiket­i sokuzalwa. Amaphoyisa athola ukuthi kunomunye umsebenzi wakuleli hhovisi othintekay­o kodwa athola ukuthi usesulile ngesikhath­i eyombheka. Amaphoyisa abe eseya eMevamhlop­he, eBulwer, amfica lo msebenzi osolwa ngokwenza izitifiket­i ezingu-55 ngokungemt­hetho.

UMhlongo uthe abasolwa bavela enkantolo yamacala athinta imali eThekwini badedelwa ngebheyili ka-R3000 umuntu emunye.

Uphiko lomnyango olulwa nenkohlaka­lo, lubambisen­e namaphoyis­a, lwaphinde lwabopha ongowokuda­buka eLesotho owayenzelw­e umazisi wakuleli omunye umsebenzi waseMzimkh­ulu kwase kuboshwa omunye umsolwa eFourways, eGoli.

Amaphoyisa aphinde aya eMazongolo eRietvlei lapho abopha khona omunye umsolwa.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa