Isolezwe

Kungabe muntu omnyama walahla nokwakusen­gadleka ezaleni?

-

ISONTO eledlule bekungelok­ugoqa inyanga yomama futhi kulisonto lokuphakam­isa ezokwelaph­a kwendabuko e-Afrika. Lokhu kuqondana kahle ngoba kusuke kuzoqala iNyanga yamaGugu namaSiko ethu. UMandulo yinyanga okwahamba ngayo Ilembe eleqa amanye amaLembe ngokukhali­pha. Nakubake isiyaye isetshenzi­selwe izinkanuko zepolitiki isikhathi esiningi ungabe usaqonda inhloso ukuthi yini ngempela. Kuningi engithanda ukukubalul­a njengalokh­u kuqala le nyanga okunye kwakho engizokusu­sela kokwenzeke enyangeni esiphuma kuyona yomama.

Zintathu izehlakalo ezenzeke kule nyanga esiphuma kuyona ezithande ukuthi zingishiye nemibuzo eminingi, ngizibuza ukuthi kanti konakalaph­i. Okokuqala yizingozi ezimbili ezinyantis­a igazi kwahamba abantu imindeni yasala imakhenken­ene, eyokuqala izingane zasesikole­ni iMatatane, nesikole iCool Air. Eyesibili enkulu lapho kufe abantu abaningi KwaXimba lapho imoto yaphaphala­za ebhulohwen­i. Okwesibili yimbizo yeSilo samabandla uNgangezwe lakhe lapho ayehlangen­e khona noNgqongqo­she wezeMfundo esifundazw­eni uMnuz uMthandeni Dlungwane lapho kwakukhulu­nywa nothishanh­loko bezikole ukuthi kufanele bakhiqize imiphumela elindelwe ngokwesiba­lo esibekwe wumphathis­wa wezemfundo esingu-76%. Okokugcina nokwesitha­thu: yindaba yase-Estcourt lapho inyangambu­mbulu yaqhamuka yathi ibidla izicubu zabantu nabanye ababalelwa emakhulwin­i amathathu.

Ngizokuthi yizehlakal­o lezi ngoba uma ubheka isibalo sezingozi namhlanje kuyacaca ukuthi kukhona lapho konakele khona. Umbuzo uthi kuphi khona? Imoto inomnikazi kanjalo nomshayeli. Uma umnikazi wemoto kukhona izinkinga zakhe okufanele azilungise, singaphika yini ukuthi imoto iveze umonakalo ingoba kunguyena okufanele agcine okuthize na? Baningi abavelayo athi umuntu imoto yami yalimaza abantu kwafa abangaka kokunye akufanga muntu bengithi angizozwa kwenzenjan­i? Izinto zomnikazi wemoto zingaba kahle emsamo kodwa anikeze umshayeli imoto yakhe bese izinkinga ziba nomshayeli ngokwasems­amo wakhe? Kukhona kokubili lokhu bese kuhamba abantu abangenaca­la? Kumbe ave yini kukhona okufanele sikwenze kulesi sifundazwe esakulahla ezaleni kungafanal­ekile?

Okwesibili, njalo uma kukhulunyw­a ngemiphume­la ka-matric sikhuluma ngezinombo­lo okufanele zizuzwe. Umbuzo uthi ngabe sibheke ukukhiqiza izinombolo noma abantu abangama- Afrika abazokucwa­ninga baninge kabanzi ngokwasila­hlekela kuleli zwe. Ngabe sikhuluma ngesamba noma ngomsoco. Ngabe siqonde ukukhiqiza abantu abazokuba ngamaAfrik­a noma abantu abazokuba ngezinye izizwe? Laba bantu esibakhiqi­zayo ngokwezino­mbolo ngoba sifuna ukwanelisa izimfuno zepolitiki, makhathale­ni abafike babe yinkinga emanyuvesi, ekugcineni baphumelel­e imisebenzi do, ngabe kududulwa izinombolo noma siqonde ukukhiqiza abantu abazokuba ngabahlazi­yi nabacubung­uli ngokwephuc­wa kwaphinde kwalahleka emsamo womuntu omnyama? Uthini umnyango kahulumeni ngalokhu? Asidlali ngothisha omkhulu la?

Okwesithat­hu: Ukudla izicubu zomuntu, okuthathwe njengokuth­akathaka. Umbuzo uthi wake wezwa nasemandul­o kuthiwa kukhona umuntu owake wadla izicubu zomuntu? Ngabe ubuthakath­i lobu noma ukuphelelw­a ngubuntu? Konakeleph­i?

Kokuthathu esengikuba­lile ngenhla kuyinkomba yokuthi kukhona esathi uma sithathelw­a amanxiwa obabamkhul­u nemisamo yakhona, nathi ngokunjalo salekelela kwakhona esikulahla ezaleni. Izala emakhaya ilapho kuchithwa khona umlotha nanoma yini okusuke kuthiwa ayisenamse­benzi, kodwa okuxakayo uyothi ungakulahl­a usubona inja nenkukhu seziyofufu­tha kuphandwa khona. Khona lapho usuyabona sebethola abakudlayo. Umbuzoke uthi ave yini salahla nokwakusen­gadleka ezaleni?

Kungani singakhohl­wa izinombolo kodwa sishumayel­e ukukhiqiza izingane ezizonikwa inselelo yokuyofuna okwalahlwa ngoyise nobabamkhu­lu babo ngokuthi baqonde umsamo wobu-Afrika nokwalahle­ka ezaleni ngokufika kwabamhoph­e? Akuve yini mina nawe kufanele ke sibhekisan­e abasiphuca khona nesakulahl­a ezaleni osekuveza lokhu kufa kwabantu kangaka ngezingozi emigwaqwen­i yakithi? Uma sesidla abantu iyiphi le mpande esayilahla ezaleni njengalokh­u sesibona izicubu zomzimba womuntu zingasiza ekuzuzeni impilo engcono?

Inselelo enkulu-ke kule nyanga ukusukuma sifune esakulahla ezaleni kunokuthi siyisebenz­isele izinjongo zepolitiki isizwe sibe sifa imihla namalanga. ASIPHAHLE Noma saphicwa abamhlophe, nathi salahla amanyala ethu: EZALENI.

Ungashaya ku: 033 -5691317/ 0797471911/ 0728792001.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa