Kungabe muntu omnyama walahla nokwakusengadleka ezaleni?
ISONTO eledlule bekungelokugoqa inyanga yomama futhi kulisonto lokuphakamisa ezokwelapha kwendabuko e-Afrika. Lokhu kuqondana kahle ngoba kusuke kuzoqala iNyanga yamaGugu namaSiko ethu. UMandulo yinyanga okwahamba ngayo Ilembe eleqa amanye amaLembe ngokukhalipha. Nakubake isiyaye isetshenziselwe izinkanuko zepolitiki isikhathi esiningi ungabe usaqonda inhloso ukuthi yini ngempela. Kuningi engithanda ukukubalula njengalokhu kuqala le nyanga okunye kwakho engizokususela kokwenzeke enyangeni esiphuma kuyona yomama.
Zintathu izehlakalo ezenzeke kule nyanga esiphuma kuyona ezithande ukuthi zingishiye nemibuzo eminingi, ngizibuza ukuthi kanti konakalaphi. Okokuqala yizingozi ezimbili ezinyantisa igazi kwahamba abantu imindeni yasala imakhenkenene, eyokuqala izingane zasesikoleni iMatatane, nesikole iCool Air. Eyesibili enkulu lapho kufe abantu abaningi KwaXimba lapho imoto yaphaphalaza ebhulohweni. Okwesibili yimbizo yeSilo samabandla uNgangezwe lakhe lapho ayehlangene khona noNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uMnuz uMthandeni Dlungwane lapho kwakukhulunywa nothishanhloko bezikole ukuthi kufanele bakhiqize imiphumela elindelwe ngokwesibalo esibekwe wumphathiswa wezemfundo esingu-76%. Okokugcina nokwesithathu: yindaba yase-Estcourt lapho inyangambumbulu yaqhamuka yathi ibidla izicubu zabantu nabanye ababalelwa emakhulwini amathathu.
Ngizokuthi yizehlakalo lezi ngoba uma ubheka isibalo sezingozi namhlanje kuyacaca ukuthi kukhona lapho konakele khona. Umbuzo uthi kuphi khona? Imoto inomnikazi kanjalo nomshayeli. Uma umnikazi wemoto kukhona izinkinga zakhe okufanele azilungise, singaphika yini ukuthi imoto iveze umonakalo ingoba kunguyena okufanele agcine okuthize na? Baningi abavelayo athi umuntu imoto yami yalimaza abantu kwafa abangaka kokunye akufanga muntu bengithi angizozwa kwenzenjani? Izinto zomnikazi wemoto zingaba kahle emsamo kodwa anikeze umshayeli imoto yakhe bese izinkinga ziba nomshayeli ngokwasemsamo wakhe? Kukhona kokubili lokhu bese kuhamba abantu abangenacala? Kumbe ave yini kukhona okufanele sikwenze kulesi sifundazwe esakulahla ezaleni kungafanalekile?
Okwesibili, njalo uma kukhulunywa ngemiphumela ka-matric sikhuluma ngezinombolo okufanele zizuzwe. Umbuzo uthi ngabe sibheke ukukhiqiza izinombolo noma abantu abangama- Afrika abazokucwaninga baninge kabanzi ngokwasilahlekela kuleli zwe. Ngabe sikhuluma ngesamba noma ngomsoco. Ngabe siqonde ukukhiqiza abantu abazokuba ngamaAfrika noma abantu abazokuba ngezinye izizwe? Laba bantu esibakhiqizayo ngokwezinombolo ngoba sifuna ukwanelisa izimfuno zepolitiki, makhathaleni abafike babe yinkinga emanyuvesi, ekugcineni baphumelele imisebenzi do, ngabe kududulwa izinombolo noma siqonde ukukhiqiza abantu abazokuba ngabahlaziyi nabacubunguli ngokwephucwa kwaphinde kwalahleka emsamo womuntu omnyama? Uthini umnyango kahulumeni ngalokhu? Asidlali ngothisha omkhulu la?
Okwesithathu: Ukudla izicubu zomuntu, okuthathwe njengokuthakathaka. Umbuzo uthi wake wezwa nasemandulo kuthiwa kukhona umuntu owake wadla izicubu zomuntu? Ngabe ubuthakathi lobu noma ukuphelelwa ngubuntu? Konakelephi?
Kokuthathu esengikubalile ngenhla kuyinkomba yokuthi kukhona esathi uma sithathelwa amanxiwa obabamkhulu nemisamo yakhona, nathi ngokunjalo salekelela kwakhona esikulahla ezaleni. Izala emakhaya ilapho kuchithwa khona umlotha nanoma yini okusuke kuthiwa ayisenamsebenzi, kodwa okuxakayo uyothi ungakulahla usubona inja nenkukhu seziyofufutha kuphandwa khona. Khona lapho usuyabona sebethola abakudlayo. Umbuzoke uthi ave yini salahla nokwakusengadleka ezaleni?
Kungani singakhohlwa izinombolo kodwa sishumayele ukukhiqiza izingane ezizonikwa inselelo yokuyofuna okwalahlwa ngoyise nobabamkhulu babo ngokuthi baqonde umsamo wobu-Afrika nokwalahleka ezaleni ngokufika kwabamhophe? Akuve yini mina nawe kufanele ke sibhekisane abasiphuca khona nesakulahla ezaleni osekuveza lokhu kufa kwabantu kangaka ngezingozi emigwaqweni yakithi? Uma sesidla abantu iyiphi le mpande esayilahla ezaleni njengalokhu sesibona izicubu zomzimba womuntu zingasiza ekuzuzeni impilo engcono?
Inselelo enkulu-ke kule nyanga ukusukuma sifune esakulahla ezaleni kunokuthi siyisebenzisele izinjongo zepolitiki isizwe sibe sifa imihla namalanga. ASIPHAHLE Noma saphicwa abamhlophe, nathi salahla amanyala ethu: EZALENI.
Ungashaya ku: 033 -5691317/ 0797471911/ 0728792001.