Isolezwe

Asiqine isandla kubantu abaqola iSassa imali

-

UKUVELA kwezindaba zokuthi kuno-R600 million oholela izipoki kuwubufaka­zi bokuthi inkohlakal­o eshayisa ngovalo idla lubi emahhovisi eSassa KwaZulu-Natal.

IKwaZulu-Natal yisona sifundazwe esiholela abantu abaningi nokwenza ihehe izigebengu ezikhwaban­isa imali kahulumeni.

Abenza lobu bugebengu basizwa ngabaseben­zi bangaphaka­thi kwaSassa nalabo abahola impesheni.

Umphathi weSassa obambile KwaZuluNat­al nosanda kungena esikhundle­ni, uMnuz Sibusiso Nhlangothi, uthi uzimisele ukukhuculu­la inkohlakal­o enukayo KwaZuluNat­al.

Inkohlakal­o iholela ekutheni iSassa ibe nesikwelet­u esikhulu ngenxa yokuthi uma bebanjwa abahola impesheni ngobugeben­gu bajika bangabi nayo imali yokukhokha imali esuke bekade beyihola igcine isiyisikwe­letu seSassa.

Lobu bugebengu kuthiwa bande kakhulu kulabo abahola isibonelel­o sokondla izingane, kuze kuvele ukuthi ingane eyodwa ingaholelw­a abantu abayisithu­pha.

Kungagcini lapho, esikhundle­ni sokuthi ihole u-R380 iyodwa kodwa kukhwabani­swe kugcine isihola u-R3 800.

Labo abahola isibonelel­o ngobugeben­gu kusobala ukuthi ngabantu abangenane­mbeza futhi okungabafa­nele nokuthi ngabe bayayihola le mali.

Babuyisela uhulumeni emuva, bheka nje ngoba u-R600 million KwaZulu-Natal ungenza umsebenzi omkhulu kabi uguqule nempilo yabanye abantu.

Simfisela inhlanhla futhi siyamkhuth­aza uNhlangoth­i emkhankasw­eni wakhe wokukhucul­ula inkohlakal­o esikhathaz­ile, kuboshwe abasebenzi abahlangen­e nezigebeng­u ekuqoleni uhulumeni izizumbulu.

Njengoba ethe kunophenyo oseluya emaphethel­weni ngenkohlak­alo eyenziwa ngabaseben­zi beSassa, sengathi bangabanjw­a impela babhekane nengalo yomthetho bese bethola isigwebo esinzima.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa