Phansi bo induku kothisha ezikoleni
MHLELI: Kwelakho elihamba phambili neliwela imifula nemifudlana, ngivumele ngizwakalise ilaka lami ngodaba lukathisha obhaxabula izingane ngenduku. Impela uphambanile nehlombe lo thisha ngoba le nto kudala yanqundwa amandla wumthetho wakuleli.
Iyodwa into engizibuza yona wukuthi kazi ababoni yini labo thisha uma kwenzeka izinkinga ezifuze lezi ukuthi uMnyango wezeMfundo wenzani noma ukuthathela izinyathelo ezinqala kanjani ngoba usuke usuphule umthetho. Angazi ukuthi le nsila ingaqedwa kanjani kothisha kulabo abasadonsa induku uma bejezisa abafundi ngoba uma uyibheka kahle le ndaba yokushaywa kwezingane ezikoleni ingaholela ekutheni baphelelwe wumsebenzi. Ngikholwa wukuthi akekho namunye uthisha ofisa ukuphucwa insinkwa emlonyeni. Kungani pho beshaya izingane zethu ngalolu hlobo?
Uyazi ungafunga ukuthi lo thisha ubesekomele ukushaya ngendlela abenza ngayo kumfundi, ewu ngiyazwelana naye impela.
Kuyiqiniso ukuthi kwenye inkathi umuntu uzidalela yena ubunzima ngenxa yezenzo zakhe ngoba uma ubheka lolu daba lukathisha ubengazitsheli ukuthi luzofika lundiza emahhovisini oMnyango wezeMfundo, naye nje uthuke woma uma esezibona enza le mihlola yakhe. Ngamanye amazwi lokhu okwenzekile kuyisifundo nakwabanye othisha lapha KwaZulu-Natal ukuthi abangalokothi bazithuke sebesebenzisa induku ekujeziseni abafundi. Uyacabanga nje usulahlekelwa okukhona ngokungekho ngoba phela ngeke wathula umnyango ugoqe izandla uma kuzokwenzeka okungalungile ezikoleni. Yingakho ngikusho ngokungananazi ukuthi mabayeke ukusebenzisa induku othisha ezikoleni ngoba kukhona okusina kubajeqeza.
Sengiphetha nje ngiyathanda kakhulu ukunxusa abafundi kuqala ukuthi abahlezi bekwazi ukuthi iyodwa kuphela into abayizele esikoleni futhi bahloniphe othisha benze umsebenzi wesikole abanikezwe wona. Nakothisha impela ngiyalihlaba ikhwela kubona ngithi mabayeke induku ngoba ayivumelekile ezweni lakithi ngoba ngaphandle kwabo izingane zethu azisoze zathola ulwazi abazozipha lona ezikoleni. Ngakho-ke umfundi uyamdinga umfundisi kanjalo nomfundisi uyamdinga azomfundisa. Kumfundi othintekayo ngiyafisa ukuba angavinjwa yilesi simo esimehlele ekufundeni kwakhe ukuze akwazi ukufeza iphupho lakhe. Thandanani Zuma EMSUNDUZI