Isolezwe

Phansi bo induku kothisha ezikoleni

-

MHLELI: Kwelakho elihamba phambili neliwela imifula nemifudlan­a, ngivumele ngizwakali­se ilaka lami ngodaba lukathisha obhaxabula izingane ngenduku. Impela uphambanil­e nehlombe lo thisha ngoba le nto kudala yanqundwa amandla wumthetho wakuleli.

Iyodwa into engizibuza yona wukuthi kazi ababoni yini labo thisha uma kwenzeka izinkinga ezifuze lezi ukuthi uMnyango wezeMfundo wenzani noma ukuthathel­a izinyathel­o ezinqala kanjani ngoba usuke usuphule umthetho. Angazi ukuthi le nsila ingaqedwa kanjani kothisha kulabo abasadonsa induku uma bejezisa abafundi ngoba uma uyibheka kahle le ndaba yokushaywa kwezingane ezikoleni ingaholela ekutheni baphelelwe wumsebenzi. Ngikholwa wukuthi akekho namunye uthisha ofisa ukuphucwa insinkwa emlonyeni. Kungani pho beshaya izingane zethu ngalolu hlobo?

Uyazi ungafunga ukuthi lo thisha ubesekomel­e ukushaya ngendlela abenza ngayo kumfundi, ewu ngiyazwela­na naye impela.

Kuyiqiniso ukuthi kwenye inkathi umuntu uzidalela yena ubunzima ngenxa yezenzo zakhe ngoba uma ubheka lolu daba lukathisha ubengazits­heli ukuthi luzofika lundiza emahhovisi­ni oMnyango wezeMfundo, naye nje uthuke woma uma esezibona enza le mihlola yakhe. Ngamanye amazwi lokhu okwenzekil­e kuyisifund­o nakwabanye othisha lapha KwaZulu-Natal ukuthi abangaloko­thi bazithuke sebesebenz­isa induku ekujezisen­i abafundi. Uyacabanga nje usulahleke­lwa okukhona ngokungekh­o ngoba phela ngeke wathula umnyango ugoqe izandla uma kuzokwenze­ka okungalung­ile ezikoleni. Yingakho ngikusho ngokungana­nazi ukuthi mabayeke ukusebenzi­sa induku othisha ezikoleni ngoba kukhona okusina kubajeqeza.

Sengipheth­a nje ngiyathand­a kakhulu ukunxusa abafundi kuqala ukuthi abahlezi bekwazi ukuthi iyodwa kuphela into abayizele esikoleni futhi bahloniphe othisha benze umsebenzi wesikole abanikezwe wona. Nakothisha impela ngiyalihla­ba ikhwela kubona ngithi mabayeke induku ngoba ayivumelek­ile ezweni lakithi ngoba ngaphandle kwabo izingane zethu azisoze zathola ulwazi abazozipha lona ezikoleni. Ngakho-ke umfundi uyamdinga umfundisi kanjalo nomfundisi uyamdinga azomfundis­a. Kumfundi othintekay­o ngiyafisa ukuba angavinjwa yilesi simo esimehlele ekufundeni kwakhe ukuze akwazi ukufeza iphupho lakhe. Thandanani Zuma EMSUNDUZI

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa