Ukuqunjelwa nokusuza kunezimbangela ezehlukene
KULULA kakhulu ukucabanga ukuthi ukuqumba, ukusuza, nokududuma kwesisu kusho into eyodwa; nakuba lokhu kungenjalo. Konke kwenzeka emathunjini okanye eduzane namathumba, kungaba amakhulu noma amancane kodwa umsusa wona kawufani. Thatha nje ukududuma kwamathumbu eklewula ungazi ukuthi ashaywe ngubani, ukuzamula kwawo akusho ukuthi uzogcina uwukhiphe ngemuva lowo moya. Kanti futhi isisu esingamathantala siqumbelene asisho ukuthi uzogcine ubhodlile.
Akuve kubuhlungu, futhi kuphoxa ukububulelwa yisisu phakathi kwabantu; ake sithi unguthisha uyafundisa usekilasini, okanye usebenza ekucwaleni izinwele, noma usekuhlobiseni ulolonge izinzipho, angiphathi uma uvakashile nalo muntu awukamjwayeli; hhayi bo usho umsindo ungazibeki phansi, ushintsha amagiya, uma uthi uyaminca kube ngathi unyusa umsindo. Okumele sikukhumbule njalo ukuthi ayikho into eyenzeka nje emzimbeni ingenambangela futhi ingenasizathu; konke kusuka kunomsusa futhi kukhona okusuke kukubika.
Ukugcwala komoya (bloating) ngokungejwayelekile emathunjini kungahambisana nezinhlungu ezihlaba zigwaze ngaphakathi. Lokhu kugcwalelana kuyenzeka kuhambisane nomsindo wokusamoya omningi okanye uvele kugcwalelane umoya, siqumbe isisu kodwa ungabibikho umsindo wamathumbu, lapho sisuke sigcwalelene nje sizithulele. Ukugcwalelana kwesisu sigcwale kodwa do umsindo kusho ubungozi obukhulu. Izinhlungu ezihambisana nokugcwalelana njengoba ngishilo ziyagwaza, futhi azihlali ndawonye ziba ngapha nangapha. Izimbangela zokugcwalelana yilezi: Ukudla kakhulu Ukungezwani nobisi futhi nakho konke okuthakwe ngobisi Uma ungezwani nokudla okuthile Ingaphakathi elivele litshode (irritable bowel syndrome) bese isisu siba buhlungu, sigcwalelane okanye size sikukhiphe Ukuqumbelelana (constipation) Ukuba sesikhathini okanye izinhlungu zokuba sesikhathini. Ukukhulelwa uma ungowesimame Ukuhogela amakhemikhali athile, ahlukumeza ingaphakathi
Umdlavuza wabesifazane oba sezidlekeni zenzalo(ovarian cancer)
Sisakhuluma ngezimbangela zokugcwalelana kwesisu(bloating), ngiyafisa sike sichaze ukwehlukana ngokwencazelo kwalezi zimo zangaphakathi esiswini:
Ukugcwalelana (bloating), sikhuluma ngokusamoya okufuthelana ngaphakathi emathunjini, okungaholela ebuhlungwini besisu, sigwaze sibe nobuhlungu
Ukuqumbelana (constipation), lapha sikhuluma ngobunzima bokungayi kozikhulula, indle yome kwesinye isikhathi ibe izigaqa, kube nokusamoya ngaphakathi
Ukududuma (rumble or borborygmus), umsindo esiswini ozwakala nangezindlebe; lapho kuzwakala ukuklewula okushintsha amagiya abaningi baphoxeka kakhulu yilesi simo. Lokhu kwenziwa ukunyakaza (peristalsis) kwamathumbu amancane lapho egaya, ecoyisakalisa ukudla okanye umoya uviliyela ngaphakathi kulawa mathumbu. Ngokwemvelo lokhu kunyakaza kwamathumbu kwenzeka okungenani njalo emuva kwehora, okusho ukuthi ukudla okuba yizinsalela kulokhu kugayiwe, bese umoya wanda owenziwa amagciwane ahlala emathunjini.
Ukukhipha umoya ngemuva okanye ukusuza (farting) umoya wakhona wenziwa ngamagciwane athile aqaqela emathunjini, adla aququde ukudla bese ekhipha lo moya esigcina siwukhafule ngemuva. Umuntu ophile kahle ongumqemane usuza cishe kusukela eshumini kuya kashumi nanhlanu ngosuku. Uyabona ke kumele umuntu asuze. Okusho ukuthi, masingaphoxeki ngokusuza; nawe oseduze kokhipha lomoya musa ukuphatheka kabi; ngoba kumele kwenzeke. Uma ukubamba ngaphakathi ukusuza ulokhu uminca umoya ungawukhiphi; kungenzeka lo moya owubambayo wena, umuncwe ungene egazini uze ufike emaphashini. Okusho ukuthi uyogcina uphume ngomlomo bese ukhiqiza umoya onuka kakhulu.
Umoya esiwukhipha ngemuva awufani ukunuka; kukhona nje ongabi nalo sampela iphunga, bese kuba khona lona onishiya nixabene ngenxa yephunga lawo. Empeleni iphunga liya ngokuthi wena ubudleni. Isibonelo nje, abantu abaphuza iwayini okanye okusatshwala, bakhipha iphunga elinuka kakhulu uma besuza, ngenxa yokuthi utshwala bugaywa ngamagciwane akhipha igesi okuthiwa yisalifayidi. Yile salifayidi edabula amakhala ngokunuka. Ukusuza kuya ngokuthi okudlile kugayeke kangakanani. Asenze isibonelo ngengane esanda kuzalwa: ngenxa yokuthi amathumbu amancane awakaqini ekugayeni, ingane uyithola isuza isikhathi esiningi, lokhu kuye ngokuncipha njengoba ikhula. Uma sesibadala izicubu zamathumbu zisuke zingaqinanga kahle, bese lokhu kubuyele ebunganeni sekugcwalelana; uphinde uwukhafule kakhulu kunakuqala.
Yini eyenza uzithole sewugcwalelwa umoya, usuqumbelana, isisu sibange umsindo, usukhiphe umoya ngemuva kangaka; into obungayijwayele?
Kunokudla okungasheshi ukugayeka ngaphakathi, okuzolokhu kuhambe kusalela. Sithe ukufingqana kwezicuba zamathumbu (peristalsis) zigaya, zicoyisisa kwenzeka njalo cishe emuva kwehora. Lokhu kuhlangene namagciwane aququda ukudla nezinsalela, kuzokwandisa lo moya ngaphakathi. Lokhu kunyakaza kwamathumbu yikho lokhu okubanga le misindo. Ukhumbule ukuthi ithumbu elincane lingamamitha ayisithupha ubude (6m), ukufingqana kwezicubu zamathumbu kwenzeka izikhawu kuleli thumbu elide kangaka futhi lihlezi emakhoneni ahlukene ngaphakathi, yingakho lizokhala lishintshe amagiya.
Kunezifo eziba semathunjini, kungaba umdlavuza, kungaba ingaphakathi elihuzukayo, iTB yamathumbu nezinye izifo eziningi. Lezi zifo ziyodala ukungagayeki ngendlela ejwayelekile kokudla ngokwehlukana kwazo. Ukudla okuba yizinsalela kwenza loya msindo, isisu siqumbe sigcwalelane. Yingakho kubalulekile ukufuna imbangela yokuqumba, yokusuza, ukugcwalelana okanye komoya ovunguza ubange umsindo ngaphakathi.
Amakhemikhali esiwahogelayo ayaqumbisa, isisu sibange umsindo.
Ukudla uphanga kugcwalisa umoya ngaphakathi.
Ukuhaha, uhalele ukudla; kwenza loya msindo ngaphakathi
Ukushintsha kokusebenza komzimba (metabolism) ngezikhathi ezithile kungaba ukuya esikhathi okanye ukukhulelwa uma ungowesimame, ukwesaba nje, ingcindezi emqondweni, okanye ngenxa yezifo ezithile njengokungenwa yigciwane le HIV, umdlavuza, iTB nezinye nje izifo; umzimba usebenza ngamandla uzama ukulwa nesifo esingaphakathi. Lokhu kungenza bese kugcwala umoya ongajwayelekile ngaphakathi. Okulandelayo, umsindo, ukuqumba nokusuza.
Isifo senhliziyo senza igazi elifika emathunjini lingapheleli njengenjwayelo, lokhu kungadala ukuqumbulana nokukhafula umoya kakhulu ngemuva.
Sesikhulumile ngokungaqini kwezicubu uma sisebancane nalapho sesiguga.
Okubalulekile, sifune usazi isizathu sokugcwalelana, ukuqumba, umoya obanga umsindo ngaphakathi kanye nokusuza okungajwayelekile. Mpilonhle Mpilonde!!