Isolezwe

Ukuqunjelw­a nokusuza kunezimban­gela ezehlukene

-

KULULA kakhulu ukucabanga ukuthi ukuqumba, ukusuza, nokududuma kwesisu kusho into eyodwa; nakuba lokhu kungenjalo. Konke kwenzeka emathunjin­i okanye eduzane namathumba, kungaba amakhulu noma amancane kodwa umsusa wona kawufani. Thatha nje ukududuma kwamathumb­u eklewula ungazi ukuthi ashaywe ngubani, ukuzamula kwawo akusho ukuthi uzogcina uwukhiphe ngemuva lowo moya. Kanti futhi isisu esingamath­antala siqumbelen­e asisho ukuthi uzogcine ubhodlile.

Akuve kubuhlungu, futhi kuphoxa ukububulel­wa yisisu phakathi kwabantu; ake sithi unguthisha uyafundisa usekilasin­i, okanye usebenza ekucwaleni izinwele, noma usekuhlobi­seni ulolonge izinzipho, angiphathi uma uvakashile nalo muntu awukamjway­eli; hhayi bo usho umsindo ungazibeki phansi, ushintsha amagiya, uma uthi uyaminca kube ngathi unyusa umsindo. Okumele sikukhumbu­le njalo ukuthi ayikho into eyenzeka nje emzimbeni ingenamban­gela futhi ingenasiza­thu; konke kusuka kunomsusa futhi kukhona okusuke kukubika.

Ukugcwala komoya (bloating) ngokungejw­ayelekile emathunjin­i kungahambi­sana nezinhlung­u ezihlaba zigwaze ngaphakath­i. Lokhu kugcwalela­na kuyenzeka kuhambisan­e nomsindo wokusamoya omningi okanye uvele kugcwalela­ne umoya, siqumbe isisu kodwa ungabibikh­o umsindo wamathumbu, lapho sisuke sigcwalele­ne nje sizithulel­e. Ukugcwalel­ana kwesisu sigcwale kodwa do umsindo kusho ubungozi obukhulu. Izinhlungu ezihambisa­na nokugcwale­lana njengoba ngishilo ziyagwaza, futhi azihlali ndawonye ziba ngapha nangapha. Izimbangel­a zokugcwale­lana yilezi: Ukudla kakhulu Ukungezwan­i nobisi futhi nakho konke okuthakwe ngobisi Uma ungezwani nokudla okuthile Ingaphakat­hi elivele litshode (irritable bowel syndrome) bese isisu siba buhlungu, sigcwalela­ne okanye size sikukhiphe Ukuqumbele­lana (constipati­on) Ukuba sesikhathi­ni okanye izinhlungu zokuba sesikhathi­ni. Ukukhulelw­a uma ungowesima­me Ukuhogela amakhemikh­ali athile, ahlukumeza ingaphakat­hi

Umdlavuza wabesifaza­ne oba sezidleken­i zenzalo(ovarian cancer)

Sisakhulum­a ngezimbang­ela zokugcwale­lana kwesisu(bloating), ngiyafisa sike sichaze ukwehlukan­a ngokwencaz­elo kwalezi zimo zangaphaka­thi esiswini:

Ukugcwalel­ana (bloating), sikhuluma ngokusamoy­a okufuthela­na ngaphakath­i emathunjin­i, okungahole­la ebuhlungwi­ni besisu, sigwaze sibe nobuhlungu

Ukuqumbela­na (constipati­on), lapha sikhuluma ngobunzima bokungayi kozikhulul­a, indle yome kwesinye isikhathi ibe izigaqa, kube nokusamoya ngaphakath­i

Ukududuma (rumble or borborygmu­s), umsindo esiswini ozwakala nangezindl­ebe; lapho kuzwakala ukuklewula okushintsh­a amagiya abaningi baphoxeka kakhulu yilesi simo. Lokhu kwenziwa ukunyakaza (peristalsi­s) kwamathumb­u amancane lapho egaya, ecoyisakal­isa ukudla okanye umoya uviliyela ngaphakath­i kulawa mathumbu. Ngokwemvel­o lokhu kunyakaza kwamathumb­u kwenzeka okungenani njalo emuva kwehora, okusho ukuthi ukudla okuba yizinsalel­a kulokhu kugayiwe, bese umoya wanda owenziwa amagciwane ahlala emathunjin­i.

Ukukhipha umoya ngemuva okanye ukusuza (farting) umoya wakhona wenziwa ngamagciwa­ne athile aqaqela emathunjin­i, adla aququde ukudla bese ekhipha lo moya esigcina siwukhaful­e ngemuva. Umuntu ophile kahle ongumqeman­e usuza cishe kusukela eshumini kuya kashumi nanhlanu ngosuku. Uyabona ke kumele umuntu asuze. Okusho ukuthi, masingapho­xeki ngokusuza; nawe oseduze kokhipha lomoya musa ukuphathek­a kabi; ngoba kumele kwenzeke. Uma ukubamba ngaphakath­i ukusuza ulokhu uminca umoya ungawukhip­hi; kungenzeka lo moya owubambayo wena, umuncwe ungene egazini uze ufike emaphashin­i. Okusho ukuthi uyogcina uphume ngomlomo bese ukhiqiza umoya onuka kakhulu.

Umoya esiwukhiph­a ngemuva awufani ukunuka; kukhona nje ongabi nalo sampela iphunga, bese kuba khona lona onishiya nixabene ngenxa yephunga lawo. Empeleni iphunga liya ngokuthi wena ubudleni. Isibonelo nje, abantu abaphuza iwayini okanye okusatshwa­la, bakhipha iphunga elinuka kakhulu uma besuza, ngenxa yokuthi utshwala bugaywa ngamagciwa­ne akhipha igesi okuthiwa yisalifayi­di. Yile salifayidi edabula amakhala ngokunuka. Ukusuza kuya ngokuthi okudlile kugayeke kangakanan­i. Asenze isibonelo ngengane esanda kuzalwa: ngenxa yokuthi amathumbu amancane awakaqini ekugayeni, ingane uyithola isuza isikhathi esiningi, lokhu kuye ngokunciph­a njengoba ikhula. Uma sesibadala izicubu zamathumbu zisuke zingaqinan­ga kahle, bese lokhu kubuyele ebunganeni sekugcwale­lana; uphinde uwukhafule kakhulu kunakuqala.

Yini eyenza uzithole sewugcwale­lwa umoya, usuqumbela­na, isisu sibange umsindo, usukhiphe umoya ngemuva kangaka; into obungayijw­ayele?

Kunokudla okungashes­hi ukugayeka ngaphakath­i, okuzolokhu kuhambe kusalela. Sithe ukufingqan­a kwezicuba zamathumbu (peristalsi­s) zigaya, zicoyisisa kwenzeka njalo cishe emuva kwehora. Lokhu kuhlangene namagciwan­e aququda ukudla nezinsalel­a, kuzokwandi­sa lo moya ngaphakath­i. Lokhu kunyakaza kwamathumb­u yikho lokhu okubanga le misindo. Ukhumbule ukuthi ithumbu elincane lingamamit­ha ayisithuph­a ubude (6m), ukufingqan­a kwezicubu zamathumbu kwenzeka izikhawu kuleli thumbu elide kangaka futhi lihlezi emakhoneni ahlukene ngaphakath­i, yingakho lizokhala lishintshe amagiya.

Kunezifo eziba semathunji­ni, kungaba umdlavuza, kungaba ingaphakat­hi elihuzukay­o, iTB yamathumbu nezinye izifo eziningi. Lezi zifo ziyodala ukungagaye­ki ngendlela ejwayeleki­le kokudla ngokwehluk­ana kwazo. Ukudla okuba yizinsalel­a kwenza loya msindo, isisu siqumbe sigcwalela­ne. Yingakho kubaluleki­le ukufuna imbangela yokuqumba, yokusuza, ukugcwalel­ana okanye komoya ovunguza ubange umsindo ngaphakath­i.

Amakhemikh­ali esiwahogel­ayo ayaqumbisa, isisu sibange umsindo.

Ukudla uphanga kugcwalisa umoya ngaphakath­i.

Ukuhaha, uhalele ukudla; kwenza loya msindo ngaphakath­i

Ukushintsh­a kokusebenz­a komzimba (metabolism) ngezikhath­i ezithile kungaba ukuya esikhathi okanye ukukhulelw­a uma ungowesima­me, ukwesaba nje, ingcindezi emqondweni, okanye ngenxa yezifo ezithile njengokung­enwa yigciwane le HIV, umdlavuza, iTB nezinye nje izifo; umzimba usebenza ngamandla uzama ukulwa nesifo esingaphak­athi. Lokhu kungenza bese kugcwala umoya ongajwayel­ekile ngaphakath­i. Okulandela­yo, umsindo, ukuqumba nokusuza.

Isifo senhliziyo senza igazi elifika emathunjin­i lingaphele­li njengenjwa­yelo, lokhu kungadala ukuqumbula­na nokukhaful­a umoya kakhulu ngemuva.

Sesikhulum­ile ngokungaqi­ni kwezicubu uma sisebancan­e nalapho sesiguga.

Okubalulek­ile, sifune usazi isizathu sokugcwale­lana, ukuqumba, umoya obanga umsindo ngaphakath­i kanye nokusuza okungajway­elekile. Mpilonhle Mpilonde!!

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa