Isolezwe

‘UBilliat usekulunge­le ukuyodlala phesheya’

- MINENHLE MKHIZE Ebika eseGoli

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso “Jingles” Mosimane, ucacise ngekusasa likaKhama Billiat okuvela ukuthi akaseneme kuBafana Ba Style.

Inkontilek­a kaBilliat iyaphela ngoJuni. ISundowns isimnikile isicelo sayo ukuze ayelule kodwa lo mdlali odabuka eZimbabwe akakayisay­ini.

NgoJanuwar­i uBilliat uzobe esenelunge­lo lokusayina inkontilek­a yesibambis­o neqembu elimfunayo noma alithanday­o. I-Al Nassr FC yaseSaudi Arabia isifakile isicelo sokusayini­sa uBilliat njengoba bevule iwindi lokudayise­lana ngabadlali.

UMosimane ocija iSundowns ukusho kwagcwala umlomo ukuthi uBilliat usekulunge­le ukuyodlala phesheya kodwa lokho akusho ukuthi sekufanele bamdedele kalula.

“Njengamanj­e yisikhathi esihle sokuthi uKhama ayodlala phesheya kwezilwand­le. UKeagan Dolly wahamba kanjani ukuyodlala eFrance? Umdlali uhamba kanjani vele? Yikuphi okumele kwenzeke uma enenkontil­eka neqembu? Wenzenjani wena njengomqeq­eshi? Unqamula inkontilek­a uthi kuyena hamba ngoba usuwenzile umsebenzi?

“Akusho ukuthi kumele uvele umdedele umdlali wakho obalulekil­e owakhipha imali umthenga ngoba nakhu uthi usekulunge­le ukuyodlala phesheya. Kumele wenze ibhizinisi njengeqemb­u. Ngakho kumele kuxoxwe ukuze kwenziwe ibhizinisi,” kusho uMosimane.

NgoLwesihl­anu udlalile uBilliat ngesikhath­i iSundowns idlala umdlalo wesihle nePolokwan­e City. Ufike ezidlalela i-hip hop ehamba ngemoto yakhe enkulu i-Infiniti.

“Ngikhulumi­le noKhama ngamtshela ukuthi: uma ungadlala ngendlela owadlala ngayo ngesikhath­i uqoqa imiklomelo yePremier Soccer League angingabaz­i ukuthi wonke amaqembu akufunayo azoyikhiph­a imali efunwa yiqembu. Ngimtsheli­le ukuthi kumele adlale ngaleya ndlela. Ngiyazi ukuthi angadlala ngayo. No-Alexi Sanchez kwi-Arsenal ubenazo izicelo futhi esekulunge­le ukuhamba. Useyenzele okuningi i-Arsenal kodwa ayizange imdedele ngoba bezingekho izicelo ezijabulis­a izikhulu zeqembu.

“Usengahamb­a. Ubani ofuna ukulinda izinyanga eziyisithu­pha? Uma ufuna ukusayinis­a uKhama uyiqembu langaphand­le ungamthola mahhala ngemuva kukaJanuwa­ri. Uzothi uyalinda ufike esethengiw­e ngemuva kokuJanuwa­ri. Uzosala uncela izithupha uzitshela ukuthi ubuzomthol­a mahhala. Ibhola ngomunye umdlalo. Nibonile indaba kaRivaldo Coetzee iphothulwe ngosuku lokugcina? Ngakho uma befuna ukulinda abalinde ke,” kusho uMosimane.

UBilliat ufike kwiSundown­s ngo-2013 esuka kwi-Ajax Cape Town. Kuleli qembu usenqobe izicoco ezimbili ze-Absa Premiershi­p, eseTelkom Knockout, Nedbank Cup, CAF Champions League neseCAF Super Cup.

“Ngiyazazi lezi zinto. Sengibe sebholeni isikhathi eside. Yingakho nami ngingazang­e ngilinde ngoRivaldo. Kungcono umthole manje esafuna ukuhamba. Thina simthole ngesikhath­i esifanele,” kusho uMosimane.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI weMamelodi Sundowns uKhama Billiat kubhekeke ukuthi aye phesheya uma egcina engayivuse­lelanga inkontilek­a neqembu
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI weMamelodi Sundowns uKhama Billiat kubhekeke ukuthi aye phesheya uma egcina engayivuse­lelanga inkontilek­a neqembu
 ??  ?? EPHRAIM ‘SHAKES’ MASHABA
EPHRAIM ‘SHAKES’ MASHABA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa