Isolezwe

IKaizer Chiefs ifuna uCastro mahhala

- MINENHLE MKHIZE Ebika eseGoli

IKAIZER Chiefs ifuna ukumthola bhusende umgadli weMamelodi Sundowns, uLeonard Castro.

Isolezwe lihabule izindaba zokuthi uBobby Motaung, imenenja yeqembu, uyazifela ngoCastro kodwa umqeqeshi weqembu, uSteve Komphela, akayizwa kahle indaba yakhe.

“UBobby nguyena othanda kakhulu uCastro. ISundowns ibizimisel­e ngokumdede­la kodwa iChiefs yesaba ukukhipha imali. UCastro ubhaliswe ngosuku lokugcina kwiPremier Soccer League. ISundowns ibifuna ukumdedela ngemali enhle,” kusho umthombo.

UCastro uke wanikwa ikhefu eliyisipes­heli ngenxa yokuthi inkosikazi wakhe ibisanda kubeletha. Inkontilek­a kaCastro neSundowns iyaphela ngoJuni. NgoJanuwar­i uzobe esenalo ilungelo lokusayina neqembu alithanday­o njengoba kuzobe sekusele izinyanga eziyisithu­pha kwinkontil­eka.

Kuthintwa uThulani Thuswa wezokuxhum­ana kwiSundown­s uthe: “UCastro ungumdlali weSundowns. Ngicela sigxile kulokho. Ngoba njengoba ehlezi kuchaza kona ukuthi usaneme kuSundowns.”

NgoLwesihl­anu iChiefs ikhiphe isitatimen­de lapho ebiveza khona ukuthi iyaqhubeka nokuthunga­tha umgadli. Njengamanj­e iChiefs ibophele uBernard Parker noGustavo Paez phambili. Kukhona nomfana omncane uRyan Moon kanti u-Emmanuel Letlotlo osanda kukhushule­lwa eqenjini elikhulu ulimele.

Amakhosi adedele inqwaba yabadlali abebengaye­nzeli lutho ekupheleni kwesizini edlule. Idedele uCamaldine Abraw, Edward Manqele, Siphelele Mthembu, Michelle Katsvairo noLewis Macha.

Emasontwen­i edlule iChiefs ike yahlola abagadli abahlukahl­ukene. Iqale yahlola uJonathan Phillipe, odabuka e-Argentina. Ngemuva kwalokho yabuya yahlola umgadli waseNigeri­a u-Okiki Afolabi.

Bobabili laba bagadli abazange bamchaze uKomphela ngakho wanquma ukungabasa­yinisi nakube bekuvulwe iwindi lokuhwebel­ana ngabadlali. Kuthintwa uVina Maphosa wezokuxhum­ana kwiChiefs uthe: “Asikaze sifune ukusayinis­a uCastro. Mina nginohla lwabadlali esibasayin­isile. Bakhona engaziyo ukuthi besibafuna kodwa uCastro ubengekho kulolo luhla.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMGADLI weMamelodi Sundowns uLeonardo Castro usazohlala eqenjini yize bekukhona amaqembu abemfuna
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMGADLI weMamelodi Sundowns uLeonardo Castro usazohlala eqenjini yize bekukhona amaqembu abemfuna

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa