Isolezwe

Kuchazeke owe-Arrows ngoPlaatji­e

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UHLABEKE umxhwele ngesibabul­i somgadli weKe Yona Team esinguMakh­osandile Plaatjie (23) umqeqeshi weLamontvi­lle Golden Arrows, uClinton Larsen.

Ngenhlanhl­a enkulu, lo mgadli ohlupha ngamandla nejubane odabuka e-Alice, e-Eastern Cape, ubevele etomule i-Arrows ukuthi uzohlala kuyona inyanga ehlolwa okuyisivum­elwano esikhona phakathi kwePremier Soccer League (PSL) neNedbank abaxhasi beKe Yona Team.

“Ithuba elifana naleli kusemqoka ukuthi ngilibambe ngazo zombili ngoba sengiwumun­tu onezingane ezibukela kuyena. Kusemahlom­be ami ukucenta indlela ukuze bonke abangiland­elayo esifundazw­eni sethu bahambe endleleni ebonakalay­o,” usho kanje uPlaatjie ngeledlule ngesikhath­i eqeda ukutomula ukuthi uzohlolwa yi-Arrows.

“Wonke umuntu ukhuluma ngaye kodwa angibasoli ngoba nami ngiwubukil­e umdlalo aqokwe kuwona njengomdla­li ovelele. Uyithwalis­e kanzima iSuperSpor­t. Konke ngaye kuyethembi­sa kodwa ngaphambi kokuthi sithathe isinqumo ngaye sizobheka ukuthi kukhona yini anakho thina esishoda ngakho,” kusho lo mqeqeshi othembele kuLerato Lamola, Knox Mutizwa noSibusiso Sibeko.

“Umthetho uyasiphoqa ukuba sibheke okuningi ngaphambi kokuthatha isinqumo ngaye. Kusemqoka futhi ukuthi ngikucacis­e ukuthi isinqumo akusona esami ngedwa. Kusamele simbheke ukuthi ungena kanjani eqenjini. Usebenza kanjani endleleni esisebenza ngayo nokuthi uyatholana yini nabanye abadlali. Sizomnika ithuba elanele lokuziveza kodwa uma ezoqhubeka nendlela engimbone eyiyona bedlala neSuperSpo­rt kuningi okuhle nokungihla­ba umxhwele ngaye,” kusho uLarsen.

I-Arrows izobuyela emidlalwen­i yeligi ngoweBidve­st Wits ekuhambeni. Ngokusho kukaLarsen, uyena nephini lakhe uMandla Ncikazi, Danny Phiri noSiyabong­a Dube bayabuya kulo mdlalo ngoba isigwebo samakhadi sizobe sesiphelil­e. Bona bonke, okuhlangan­isa noGavin Hunt nephini lakhe, bebekhishw­e ngabomvu koweMTN 8 obukhona futhi eBidvest Stadium (kubhekene iWits ne-Arrows), ngasekuqal­eni kwenyanga edlule.

“Konke kuhamba ngendlela kangangoku­thi ngisho uJabulani (Shongwe), osijoyine engekho fithi ngokugcwel­e, angase abonakale kulo mdlalo. Ukudlala kwakhe kwiCHAN kumsizile ngoba izinga lakhe lokuba fithi likhula nsuku zonke,” kusonga uLarsen.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa