Isolezwe

Babambisen­e kahle ohlelweni lwabo abeMetro

- FANELESIBO­NGE BENGU

NGIYABONGA kubo bonke abangibhal­elile ngesonto eledlule bephawula ngale ngosi lapho bengibhale khona ngoSipho “DJ Sgqemeza” Mbatha woKhozi FM.

Uma kuwukuthi ikuphuthil­e bengikhulu­ma ngendaba yokuthi uzwakala sengathi uyamdinga umuntu azobambisa­na naye kwiVuka Mzansi Breakfast Show.

Ngithe ukuswela umuntu azokhuluma naye kuzwakala kakhulu ngokuthi uze afune ukukhuluma noHlengiwe Mbatha ongumdidiy­eli wohlelo noma agxile kakhulu emiyalezwe­ni abantu abamthumel­ela yona kuTwitter.

Namhlanje ngifuna ukukuvezel­a abasakazi engikholwa wukuthi babambisen­e kahle ohlelweni lwabo. Labo nguDineo Ranaka noLerato Kganyago abethula iThe Bridge ngo-10 kuya ku-12 emini phakathi nesonto kwiMetro FM.

Ngesikhath­i uBonang Matheba elaxaza lolu hlelo ngesikhath­i esengena noLerato, iMetro ayichithan­ga sikhathi esingakana­ni yalanda uDineo.

Ngiyazi abanye bathi iMetro iyaqhubeka nokulanda osaziwayo engabe inika abasakazi ithuba kodwa ngifuna ukukuveza ukuthi uDineo akaqali ukusakaza ngeMetro ngoba uke wayibamba kwiY FM phambilini enoChilli M ohlelweni lwantambam­a.

Cha lezi zintokazi zenze samkhohlwa ngempela uBonang kwiMetro FM.

Akekho noyedwa kwabahlale bengibhale­la ngenxa yayo le ngosi noma engijwayel­e ukukhuluma nabo ngomsakazo okhala ngokukhumb­ula uBonang.

Kwake kwaba nemibiko yokuthi uLerato noDineo abezwani kodwa kubonakala sengathi leyo mibiko yayingasha­yi emhloleni noma sebakulung­isa lokho kungaboni ngaso linye ngoba uhlelo lwabo luyagijima. Banikezana kahle ithuba lokukhulum­a ngaphandle kokuthi omunye adonse abheke le nomunye naye azibhekele lapho ethanda khona.

Lokhu kwenza kungabi khona umsindo belokhu bephikisan­a njalo.

Okuhle ngoDineo wukuthi ukhuluma ngokukhulu­leka. Ungamfanis­a noNaked DJ esigabeni esiyintand­okazi kulolu hlelo, i-Ask A Man.

Kulesi sigaba kushaya abantu befuna izeluleko ngezothand­o.

UNaked akahlonizi, ukutshela “ukheshi” into uyisho njengoba injalo. Uyafana noDineo naye akalumi ephephetha.

Uma kuwuLwesih­lanu uyezwa ngempela ukuthi impelasont­o ifikile lapho uLerato eqhulula khona amamix kwi #LKGMix.

Ungangibha­lela ku-fanelesibo­nge.bengu@inl.co.za noma kuTwitter: @fanelebeng­u noma ku-Instagram @fanelebeng­u

 ??  ?? UDINEO Ranaka noLerato Kganyago ababambise­ne kahle ohlelweni abalusakaz­a emsakazwen­i iMetro FM phakathi nesonto kusuka ku-10 kuya ku-12 emini
UDINEO Ranaka noLerato Kganyago ababambise­ne kahle ohlelweni abalusakaz­a emsakazwen­i iMetro FM phakathi nesonto kusuka ku-10 kuya ku-12 emini
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa