Kukhishwa amazambane abolile kowezaseKhaya
UTHELA izithelo umkhankaso woMnyango wezaseKhaya namaphoyisa wokulwa nenkohlakalo kulo mnyango KwaZuluNatal. Sekuboshwe abantu abayisikhombisa abasolwa ngokwenzela abokufika izitifiketi zokuzalwa ngokungemthetho.
Izolo kuvele enkantolo isikhulu salo mnyango esineminyaka engu-57 esiboshwe Olundi ngoLwesihlanu. Kusolwa ukuthi lesi sikhulu senzela ingane engeyokufika isitifiketi sokuzalwa ngokungemthetho ngo-2015. Ngokwenza lokhu ingane sayenza isakhamuzi sakuleli ngokungemthetho.
Amaphoyisa athi asalindele ukubopha abanye abasolwa ngoba umkhankaso wawo usaqhubeka.
Emkhankasweni oqale ngoAgasti 18 waphothulwa ngoSepthemba 1, sekuboshwe abasebenzi bomnyango abane nabokufika abathathu abathinteka kule nkohlakalo.
Baboshwe eMzimkhulu, Bulwer nasoLundi.
Okhulumela oKlebe KwaZuluNatal, uCaptain Simphiwe Mhlongo, ukuqinisekisile ukuboshwa kwabasolwa kusukela kuqale umkhankaso. Ngesikhathi kuqala umkhankaso kwaboshwa umabhalane wasehhovisi laseMzimkhulu osolwa ngokungalandeli imigudu efanele ngesikhathi enzela owokufika isitifiketi sokuzalwa. Amaphoyisa athola ukuthi kunomunye umsebenzi wakuleli hhovisi othintekayo kodwa athola ukuthi usesulile ngesikhathi eyombheka. Amaphoyisa abe eseya eMevamhlophe, eBulwer, amfica lo msebenzi osolwa ngokwenza izitifiketi ezingu-55 ngokungemthetho.
UMhlongo uthe abasolwa bavela enkantolo yamacala athinta imali eThekwini badedelwa ngebheyili ka-R3000 umuntu emunye.
Uphiko lomnyango olulwa nenkohlakalo, lubambisene namaphoyisa, lwaphinde lwabopha ongowokudabuka eLesotho owayenzelwe umazisi wakuleli omunye umsebenzi waseMzimkhulu kwase kuboshwa omunye umsolwa eFourways, eGoli.
Amaphoyisa aphinde aya eMazongolo eRietvlei lapho abopha khona omunye umsolwa.