Isolezwe

Sebedonsa amanzi emfuleni ngenxa yesomiso

- MLUNGISI GUMEDE

UMKHANDLU waseHarry Gwala usuqale uhlelo lwezigidi zemali lokudonsa amanzi emfuleni ngenhloso yokulwa nesomiso esihlalise lubhojozi umphakathi wakulesi sifunda.

IMeya yalo mkhandlu uMnuz Mluleki Ndobe ithe bathathe isinqumo sokuthi bawadonse ngale ndlela amanzi ngoba bebona ukuthi lubuye lube nezinkinga uhlelo lokuwamba phansi lwamaboreh­ole.

“Amanzi sizowadons­a emifuleni bese siwaletha ezikhungwe­ni lapho ezohlanzwa khona ukuze akulungele ukuthi asetshenzi­swe ngumphakat­hi,” kusho uNdobe ngesikhath­i ethula lolu hlelo eMangwanen­i eBulwer ngempelaso­nto.

Uthe lokhu bakwenza ngoba bebona ehla amanzi emadamini abaphakela­yo.

UNdobe uthe abantu bebegula bephathwa yizifo ezehlukene kubalwa nesifo sohudo ngenxa yokusebenz­isa amanzi angahlanze­kile.

“Sihlose ukuthi ngo-2030, isifunda sethu kube sekuyiso esihamba phambili lapha KwaZuluNat­al ekuhlinzek­eni umphakathi ngamanzi.

“Amadamu ethu amaningi awasebenzi kahle ngenxa yokwehlelw­a ngamanzi okwenza umphakathi uhlukumeze­ke,” kusho uNdobe.

Uthe enye inkinga ababhekene nayo ingqalasiz­inda endala eholela ekutheni amanzi amosheke.

“Yinqwaba yamanzi emoshekayo igcine ingafikang­a kubantu ngenxa yamapayipi avuzayo okusamele ashintshwe,” kusho uNdobe.

Uthe zikhona nezinye izinhlelo abanazo zokuthuthu­kisa isifunda sabo.

“Isifunda sethu siqine kwezolimo nakwezokuv­akasha njengoba nazi ukuthi siseduze nendawo yasoKhahla­mba ehanjelwa kakhulu yizivakash­i ezivela emazweni omhlaba,” kusho uNdobe.

Uthe isifunda sabo senza kahle ekukhiqize­ni ubisi njengoba sihlinzeka inkampani iClover SA ngobisi ezweni lonke.

UNdobe uthe manje balwa nokuthi bafake abantu abamnyama emkhakheni wezolimo nezokuvaka­sha ngoba kusagcwele abamhlophe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa