OweWits ubheke eqenjini lase-Egypt
UBHEKE kwi-Al Ahly yaseEgypt umdlali weBidvest Wits uPhakamani Mahlambi.
Isolezwe ngoMgqibelo libike ukuthi uMahlambi ufunwa yileli qembu eselibe ompetha beCAF Champions League kaningi.
Kutholakele ukuthi iyaqina indaba kaMahlambi ne-Al Ahly. Iwindi lokuhwebelana ngabadlali livalwa ngoSepthemba 14 e-Egypt.
“UMahlambi uyahamba uya kwi-Al Ahly. Ngingakukhombisa manje la efonini yami ukuthi sekuvunyelwene ngezinto eziningi,” kusho umthombo.
Isolezwe liphinde lahosha izindaba zokuthi iWits ivele imfuna ukumdedela uMahlambi ngokuthi yenze imali ngoba uyahlupha ngaphandle kwenkundla. UMahlambi, oqokwe njengomdlali omncane ovelele eNingizimu Afrika, kuthiwa usezimukelwe yikhanda. Isikhulu esiphezulu kwiWits, uJose Ferriera, sikuqinisekisile ukuthi i-Al Ahly ingelinye lamaqembu afuna uMahlambi. “Yebo, i-Al Ahly isithumelele isicelo sokusayinisa uPhakamani. Okwamanje besingakavumelani ngalutho. Akukhu okuningi engizokudingida kwabezindaba kuze kuba kukhona esivumelana ngakho. Kona ngingakuqinisekisa ukuthi i-Al Ahly ingelinye lamaqembu amfunayo,” kusho uFerreira.
I-Al Ahly yilona iqembu elihamba phambili e-Afrika. Alikho iqembu eselinqobe izicoco eziningi zeChampions League ukwedlula i-Al Ahly.
Isinqobe izicoco eziyisishiyagalombili zeChampions League. UMahlambi ngeke adlale kwiChampions League kwazise useke wadlala neBidvest Wits.
Ngo-2015 uMahlambi usize iqembu lesizwe lazibekisela indawo kuma-Olympic Games abeseRio de Janiero, eBrazil.
Kulo mqhudelwano ugcine engakwazanga ukudlala ngoba ubesalimele. Ngesizini edlule udlale uhhafu wesizini kodwa waqokwa njengomdlali ovelele. UMahlambi uzoba ngumdlali wokuqala eMzansi ukuyibamba e-Egypt.