UNathan ukhathazekile ngePhilippines
UMQEQESHI kaHekkie “Hexecutioner” Budler, omgumpetha we-International Boxing Organisation (IBO) light flyweight, ukhathazekile ngesimo abangase babhekane naso ePhilippines empini ehlanganisa amabhande ngesonto elizayo.
UColin Nathan kubhekwe amaqhinga akhe uma uBudler esebhekene nompetha we-International Boxing Federation (IBF) light flyweight empini ezoba seWaterfront Hotel and Casino, eCebu City, ePhilippines, ngoSepthemba 16. Lo mqeqeshi usecije uBudler wafinyelela esicongweni sesibhakela somhlaba. UBudler uphathe ibhande le-IBO isikhathi eside, ngokuhamba kwesikhathi walisheba nele-World Boxing Association (WBA). Womabili amabhande uwaphucwe kabuhlungu nguByron Rojas waseNicaragua nyakenye empini ebise-Emperors Palace.
Nokho ukwazile ukubuyisa ele-IBO, uRojas esephuciwe lona, ehlula uJoey Canoy wasePhilippines ekhaya. Nakuba uBudler sekuneminyaka ebehlula abashayisibhakela basePhilippines okukhona kubona uRenan Trongco noFlorante Condes kodwa bonke ubelwa nabo eNingizimu Afrika.
“Kade sibhekana namabhokisa asePhilippines kodwa siyaqala ukuya ngakubo. Yilokho okungikhathazayo. Angazi ukuthi sizophatheka kanjani futhi nezinqumo zamajaji kungenzeka zisicindezele,” kusho uNathan.
“Siyakuqonda ukuthi asizona izimfilithi ukuthi siwine impi kodwa lokho ngiyakujabulela. Kufanele sisebenze kanzima uma ngempela sizimisele ngokubuya namabhande womabili. Akukaze kube lula ukubhekana nompetha phambi kwezihlwele zakhe.”
UBudler (31-2-0) noNathan bazofulathela iNingizimu Afrika namuhla ukuyozijwayeza isimo sezulu sasePhilippines. Kuqokwe amajaji angawona awasemazweni abashayisibhakela abazolwa okunguTakeo Harada (Japan), Carl Zappia (Australia) noGlenn Trowbridge waseLas Vegas . Unompempe kuzoba nguWes Melton wase-US.
UBudler uzobe evikela ibhande le-IBO okokuqala. UMelindo (36-2-0) uwine ibhande le-IBF ngoMeyi ehlula u-Akira Yaegashi waseJapan ekuhambeni. Uthole ithuba lokulwela isicoco emuva kokwehlula uTeeraphong Utaida waseThailand empini ebikade isePhilippines.
“Siyilungele impi. Ithuba lempi ehlanganisa izicoco liyivela kancane. Sethemba ukuthi izinqumo kuzoba ezifanele kodwa sisebenze kanzima ukuyilungiselela impi. Sihamba ngoLwesibili (namuhla) ukuze sizozijwayeza nesimo sakhona ePhilippines,” kusho uNathan.