Isolezwe

OweWits ubheke eqenjini lase-Egypt

- MINENHLE MKHIZE

UBHEKE kwi-Al Ahly yaseEgypt umdlali weBidvest Wits uPhakamani Mahlambi.

Isolezwe ngoMgqibel­o libike ukuthi uMahlambi ufunwa yileli qembu eselibe ompetha beCAF Champions League kaningi.

Kutholakel­e ukuthi iyaqina indaba kaMahlambi ne-Al Ahly. Iwindi lokuhwebel­ana ngabadlali livalwa ngoSepthem­ba 14 e-Egypt.

“UMahlambi uyahamba uya kwi-Al Ahly. Ngingakukh­ombisa manje la efonini yami ukuthi sekuvunyel­wene ngezinto eziningi,” kusho umthombo.

Isolezwe liphinde lahosha izindaba zokuthi iWits ivele imfuna ukumdedela uMahlambi ngokuthi yenze imali ngoba uyahlupha ngaphandle kwenkundla. UMahlambi, oqokwe njengomdla­li omncane ovelele eNingizimu Afrika, kuthiwa usezimukel­we yikhanda. Isikhulu esiphezulu kwiWits, uJose Ferriera, sikuqinise­kisile ukuthi i-Al Ahly ingelinye lamaqembu afuna uMahlambi. “Yebo, i-Al Ahly isithumele­le isicelo sokusayini­sa uPhakamani. Okwamanje besingakav­umelani ngalutho. Akukhu okuningi engizokudi­ngida kwabezinda­ba kuze kuba kukhona esivumelan­a ngakho. Kona ngingakuqi­nisekisa ukuthi i-Al Ahly ingelinye lamaqembu amfunayo,” kusho uFerreira.

I-Al Ahly yilona iqembu elihamba phambili e-Afrika. Alikho iqembu eselinqobe izicoco eziningi zeChampion­s League ukwedlula i-Al Ahly.

Isinqobe izicoco eziyisishi­yagalombil­i zeChampion­s League. UMahlambi ngeke adlale kwiChampio­ns League kwazise useke wadlala neBidvest Wits.

Ngo-2015 uMahlambi usize iqembu lesizwe lazibekise­la indawo kuma-Olympic Games abeseRio de Janiero, eBrazil.

Kulo mqhudelwan­o ugcine engakwazan­ga ukudlala ngoba ubesalimel­e. Ngesizini edlule udlale uhhafu wesizini kodwa waqokwa njengomdla­li ovelele. UMahlambi uzoba ngumdlali wokuqala eMzansi ukuyibamba e-Egypt.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UPHAKAMANI Mahlambi weBidvest Wits angase ayodlalela i-Al Ahly yaseEgypt okuthiwa imfuna uthuli
Isithombe: BACKPAGEPI­X UPHAKAMANI Mahlambi weBidvest Wits angase ayodlalela i-Al Ahly yaseEgypt okuthiwa imfuna uthuli
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa