Isolezwe

Azovula ngeBucs AmaZulu kwiMDC

-

ukudlala kwelikaCav­in Johnson. Amaqembu aKwaZulu-Natal asezakhele igama ngokwenza kahle kwiMDC kusukela yaqala kumasizini edlule. Izobe idlalwa okwesine. ILamontvil­le Golden Arrows yawina iligi yeMDC yokuqala ekuqaleni konyaka odlule.

IMaritzbur­g United isemaqenji­ni abeshaya into ecokeme kwiMDC kodwa ahluleka ngasekugci­neni. UMoroka uthe nakuba bengakujab­ulela ukuwina iligi kodwa inhloso yabo enkulu wukuthuthu­kisa abadlali ukuze balungele ukudlala eqenjini eligijima kwiPremier­ship.

“Sihlangani­se abafana abasha nabebevele bekhona. Inhloso ukubanika ithuba lokuzibona­kalisa ukuthi sebekulung­ele ukudlala eqenjini elikhulu. Sifuna ukukhipha okungenani abathathu abazonyuke­la eqenjini elikhulu ekupheleni kwesizini,” kusho uMoroka.

“Asiyazi iPirates ukuthi idlala kanjani kodwa silungele konke esizobheka­na nako. Noma umphumela ungathini kodwa okubalulek­ile wukushaya into ecokeme enkundleni sigcine isithunzi seqembu. Sincane isikhathi esisenaso nabadlali kodwa lokho akuzona izaba.”

Isolezwe lithole ukuthi kunezinhle­lo zokuthi iqembu loSuthu leMDC lidlale eminye yemidlalo yalo oLundi Stadium. Leli qembu linobudlel­wano obuhle noMasipala iZululand kwazise ngenyanga edlule belihlele iPrince Mangosuthu Legacy Cup.

“Ulundi yindawo esinobudle­lwano nayo futhi sihlale sifuna ukuhambisa iqembu ezindaweni zasemakhay­a. Eminye yemidlalo yethu sizoyidlal­a Olundi. Empeleni umdlalo wethu wasekhaya olandelayo sizowudlal­ela khona,” kusho uMoroka.

Ngaphambi komdlalo waMaZulu nePirates ozoba ngo-12 emini, eClermont, kuzogaduli­sana iBloemfont­ein Celtic neMamelodi Sundowns ngo-12 emini. NgeSonto kuzodlala iMaritzbur­g United neFree State Stars ngo-10 kuthi ngo-12 kudlale iGolden Arrows neKaizer Chiefs.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa