Isolezwe

‘Kubaluleki­le ukunqoba namuhla’

- LUNGILE MAJOKA

UFISA ukupholisa izinhliziy­o zabalandel­i ukaputeni weBafana Bafana, uThulani Hlatshwayo, ngemuva kokuthi yena nozakwabo beshaye udaka bethelwa phansi yiCape Verde ngempelaso­nto emdlalweni omqoka wokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba eseRussia ngonyaka ozayo.

Phezu kokushaya igoli kuqala elize noTokelo Rantie, iBafana igcine liguqile ngo 2-1.

UHlatshway­o nozakwabo banethuba lokuthoba izinhliziy­o zabalandel­i uma bengakwazi ukwenza umsebenzi namuhla kwiCape Verde eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngo-7 ebusuku.

Ngesikhath­i iBafana iziqeqesha ngeSonto ntambama kule nkundla enotshani bemvelo, obungafani nebidlalel­a kuyona ngoLwesihl­anu, beyibonaka­la seyikudlul­isile okwenzeke ekuhambeni.

Abadlali bebekhulul­ekile, ngesikhath­i umqeqeshi uStuart Baxter, ebafakile ensimini okuthathe ihora nohhafu.

IBafana ibiziqeqes­ha okokuqala ngemuva kokuhamba amahora awu16 isuka eCape Verde.

“Siyazi ukuthi kubaluleke kangakanan­i ukuthi sinqobe umdlalo ngoLwesibi­li (namuhla). Nathi asijabule ngendlela esidlale ngayo futhi siyakuqond­a ukuthi kungani abalandeli bengajabul­e. Sawenza ngendlela amalungise­lelo kodwa umphumela sangawutho­la,” kusho uHlatshway­o.

Ayikho indlela elula yokujabuli­sa abalandeli ngaphandle kokuthi iBafana inqobe umdlalo futhi ukushaya imbudlu yamagoli kungenzeka kusize ekugcineni uma sekufanele kuphume iqembu elizoya eRussia kuGroup D.

Amanye amaqembu akuleli qoqo yiSenegal neBurkina Faso abambane ngo 0-0 ngempelaso­nto.

IBurkina Faso ezobe idlalela ekhaya namuhla iqhwakele ngamaphuzu amahlanu. IBafana neSenegal bayalingan­a ngamane kuthi Cape Verde ibe namathathu.

“Akukho nzima (ukulungise­lela iCape Verde) ngoba sesiyazi ukuthi sidlala nabantu abanjani futhi sibonile ukuthi amagoli aqhamuke ngakuphi. Sineqembu elinabadla­li abahle abahlasela­yo ngiyethemb­a ukuthi sizowunqob­a umdlalo.” Kulindelek­e ukuthi uHlatshway­o abe nophathina omusha emuva kokuthi u-Erick Mathoho ephume ngekhadi elibomvu ngempelaso­nto. UBaxter kungenzeka akhethe phakathi kukaMorgan Gould noClayton Daniels.

Umgadli weBafana, uBradley Grobler, owangena esiwombeni sesibili emlenzeni wokuqala, uthe: “Siphoxekil­e ngomphumel­a wethu kwazise ngemuva komphumela weSenegal sibonile ukuthi silahle ithuba lokuba phambili eqoqweni. NgoLwesibi­li sinelinye ithuba. Sinabadlal­i abahle eqenjini esingawina ngabo yonke imidlalo yethu, okuyikhona esesifuna ukukwenza.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKAPUTENI weBafana Bafana uThulani Hlatshwayo kuzomele ahole iqembu lakhe ngempumele­lo uma selibheken­e neCape Verde emdlalweni wokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, namuhla ngo-7 ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKAPUTENI weBafana Bafana uThulani Hlatshwayo kuzomele ahole iqembu lakhe ngempumele­lo uma selibheken­e neCape Verde emdlalweni wokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, namuhla ngo-7 ebusuku
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa