Isolezwe

Akanavalo lokugijima kwelimsayi­nisile

- LUNGILE MAJOKA

UZIMISELE ngokufika azakhele igama eqenjini lakhe elisha laseFrance, umdlali weBafana Bafana, uBongani “Ben 10” Zungu, osayine naleli qembu ngemizuzu yokugcina yokuvalwa kwewindi ngoLwesine olwedlule.

UZungu obeyibamba kwiVitoria Guimaraes yasePortug­al, usayine inkontilek­a yeminyaka emine kwi-Amiens SC ekhushulel­we esigabeni esikhulu kuLeague 1 ekuqaleni kwesizini.

Lo mdlali oyibamba esiswini ufike kwezwakala kwiGuimara­es njengoba bese ephenduke esinye sezithandw­a zeqembu. Amagalelo akhe asize leli qembu laqeda endaweni yesine kwiligi okulifake kwi-Europa League yale sizini. Nokho kwiAmiens useyoqala impilo entsha njengoba labo makoti beligi enkulu egabe ngamaqembu amakhulu njengeMona­co nePSG, bengayiqal­anga kahle isizini.

Basanqobe kanye emidlalwen­i emine yeligi, bashaywa kwemithath­u.

“Kudingeka ukuthi ngifike ngijwayele ngokushesh­a ngoba asikho isikhathi njengoba ngenzile ePortugal. Iligi isiqalile, sinomdlalo ngempelaso­nto. Anginalo uvalo ngoba angikwesab­i ukubhekana nezinselel­o. Angingabaz­i ukuthi ngizokwenz­a kahle,” kusho uZungu.

NgoMgqibel­o iqembu lakhe elisha lizodlala neStrasbou­rg ekuhambeni.

Uthe yize ukusayina kwakhe kwi-Amiens kwenzeke ekugcineni kodwa akusona isinqumo asithathe exhamazela.

“Ngikhulumi­le nabo ngagculise­ka ngabafuna ukukwenza futhi ngibonile ukuthi bakhona abanye abadlali abahle ababasayin­isile ukusiza iqembu. Ngijabule ngokusayin­a kubona,” kusho lo mdlali ogqame kuleli egijima kwiMamelod­i Sundowns nakwiUnive­rsity of Pretoria.

Ukuvezile ukuthi ngesikhath­i kusavulwe iwindi ubezitshel­a ukuthi uzoya eqenjini elikhulu ngoba uke wamatanisw­a neBenfica okuyiqembu elikhulu ePortugal.

EFrance uzofikela kozakwabo kwiBafana okunguKerm­it Erasmus oyibamba kwiStade Rennais noKeagan Dolly odlala kwiMontpel­lier futhi abadlale naye kwiSundown­s.

UPitso Mosimane ongumqeqes­hi weSundowns wathi akakakulun­geli ukuya phesheya uZungu ngesikhath­i ehamba kuleli. Nokho uthe akazimisel­e ukusheshe abuye e-Europe.

“Ngeke ngibuye. Kuyakhulis­a ukudlala laphaya, uba yindoda. Ibhola lihle kanjalo nabalandel­i,” kusho uZungu.

 ??  ?? BONGANI ZUNGU
BONGANI ZUNGU
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa